ZULU.1669.yourstyle_beauty
ZICIJE
UBUHLE BAKHO
Bukeka kahle ngokushesha ngoku-tweezer amashiya
Bukeka kahle
Ngaphambi koku-tweezer amashiya kufanele uqale uwenze ame ngendlela oyifunayo.
■ Beka i-eyeliner pencil (noma into efana nayo) incike ngaphandle kwekhala lakho nangaphakathi ekhoneni leso lakho. Yimake le ndawo ngoba kulapho amashiya akho kufanele aqale khona.
■ Gcina ipensela lincike ekhaleni lakho libheke phezulu. Lihambise liqondane neso lakho. Phinda wenze umaka futhi ngoba lapha kulapho amashiya akho egqame kahle khona. Manje landela ipensela kuye kufike ekhoneni elingaphandle kweso lakho. Lapha kulapho amashiya akho kufanele agcine khona.
Uku-tweezer
1. Usebenzisa isixubho esidala, qala ekhoneni elingaphakathi ubhrashele amashiya ngenhla ulandela omaki obenzile. Bhrasha noma yiziphi izinwele eziwela ngaphandle. Lezo yizinwele okufanele uzisuse.
2. Usebenzisa i-eyebrow pencil ensundu, dweba umugqa ngaphezulu kwamashiya.
3. Qala ukhiphe izinwele ofuna ukuzisusa (izinwele ongazifuni) usebenzisa ama-tweezer. Donsa isikhumba sakho siqine usidonsele ohlangothini lokukhula kwezinwele zakho. Ukwenza isibonelo, uma wenza ishiya lakho langakwesokudla, donsa isikhumba esiseduze kweshiya langakwesokudla. Khipha unwele olulodwa ngesikhathi, uqiniseke ukuthi ulukhipha kusukela phansi esihlokweni. Donsa izinwele ngokulandela indlela ezime ngayo, uzihlusule ngokushesha.
4. Emva koku-tweezer bhrasha amashiya ame ngendlela ofuna ngayo. Abhekise phezulu nangaphandle.
5. Kancane gcwalisa amashiya akho nge-brow pencil usebenzisa umbala omesha izinwele namashiya akho.
Source: www.ehow.com
Kusuka kwesobunxele:
Brow brush (kusuka ku-R69,95), Palladio at
Dis-Chem.
Brow pencil (R69,95) Palladio at Dis-Chem.
Tweezers (kusuka ku-R25,95), Clicks.
Eminye imikhiqizo:
Brow powder (R69,95),
Dis-Chem.
Magnifying mirror
(kusuka ku-R30), Clicks.
Ambi Moisturizer (R51,99),
Pick n Pay.
AMATHULUZI
Nihlanganiselwe nahlelelwa nguPamella-Rose Mlandu Umsizi wakhe: Lebohang Galela Izithombe: Andrea Caldwell Iziphaqulo: Vuyo Varoyi
Izeluleko
■ Sebenzisa ama-tweezer abukhali ngoba kufanele izinwele uzidonse uphindelela uma ama-tweezer akho ebuthuntu.
■ Ukuze unciphise ubuhlungu boku-tweezer, lungiselela isikhumba sakho ngokubeka ithawula elishisayo emashiyeni akho. Lokhu kuzovula izimbobo zakho zesikhumba kwenze nezinwele zithambe.
■ Ukuze uqede ubuhlungu emva koku-tweezer faka i-lotion ene-aloe ukuze upholise kuleyo ndawo.[z]
Izitolo: Dis-Chem, Clicks noPick n Pay: Izitolo ezweni lonkana
