zulu.1666.legalnov2007
uthini umthetho
Anginacala
INKINGA: Ngangenza umsebenzi wokushaya i-till egalaji. Kwathi uma kulahleka u-R300, umnikazi webhizinisi wathi mina nozakwethu esasisebenza naye masihlolwe ukuze kutholakale iqiniso lokuthi asiyintshontshanga yini imali.
Ngayifeyila i-test uzakwethu watholakala emsulwa.
Akuzange kwenziwe olunye uphenyo. Ngabizelwa emhlanganweni wokuqondiswa kwezigwegwe kwabekwa nemiphumela yokuhlolwa.
Ngaxoshwa ngaphandle kokwethula ubufakazi noma ukwenza isitatimende.
Angizange ngiyintshontshe imali kanti uphenyo alwenziwanga kahle. Angiyithembi imiphumela yokuhlolwa. Ngicela usizo!
ISELULEKO SOFEZELA:
Ngokwencazelo osinike yona sikholwa wukuthi icala lakho laqulwa kahle.
Kodwa zikhona nezikhalo ngalo ngoba ukufeyila kwakho i-test ngeke kuqinisekise ukuthi uwuntshontshe ngempela u-R300.
Baningi abantu abafeyila lama-test ekubeni bengenacala.
Lo mshini okwenziwa ngawo i-test awukwazi ukubona umehluko phakathi kwamanga neqiniso!
Imishini okwenziwa ngayo le-test iveza ushintsho olwenzeka emzimbeni womuntu ohlolwayo kuphela njengokushaya kwenhliziyo ngamandla, i-blood pressure noma ukujuluka.
Kunenkolelo yokuthi lolo shintsho lwenzeka ngokwalo uma umuntu eqamba amanga.
Kodwa lokho akusilo iqiniso. Umuntu ohlolwayo angaba novalo lokuthi uzoyifeyila i-test ngisho noma engenacala kanti lokho kungenza ukuba emzimbeni wakhe kwenzeke ushintsho olwenzeka uma ehlolwa ngomshini.
I-CCMA isithole ukuthi lawa ma-test aba yinto ephathekayo uma ehambisana nobunye ubufakazi.
Sineqiniso lokuthi eyokuxoshwa kwakho izohoxiswa kanti sibona kukuhle ukuba uye kwiCCMA ukuze bakusize ufake isikhalo ngomqashi wakho.
Uma unenkinga, shayela ihhovisi loFezela eliseduze nawe ukuze sikusize. [z]
ESITHOMBENI KULINGISIWE
Nethulelwa wuBONA naboPhiko loFezela
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
