zulu.1658.purity
B4222/11/08
Isikhathi esisukela ekuzalweni kwengane kuye eminyakeni emithathu yisikhathi esibaluleke kakhulu ekukhuleni kwayo, empilweni yayo nasendleleni eziphatha ngayo, ngakhoke qiniseka ukuthi uyinika ukudla okufanele…
UKUDLA okunhlobonhlobo kumqoka kakhulu uma kukhulunywa ngokondla ingane yakho. Ukuyijwayeza izinongo ezihlukahlukene kuzoyisiza ngoba izokwamukela kalula ukudla engakujwayele ube nesiqiniseko sokuthi ithola izakhamzimba ngokuphelele.
I-Purity isiza lapho. Sekuphele iminyaka engu-60 oChwepheshe bezidlo zabantwana benika omama uchunge lokudla okusemabhodleleni, kubandakanya nenyama, izidlo zase-dairy, izithelo, ama-veg nesitashi.
OCHUNGENI OLUSHA LAKWA-Purity KUKHONA:
• Uchunge lwe “Fruity” olunengxube yezithelo, ama-veg nenyama (ene-iron) kanti lunothiswe ngo-Vitamin B2, B3 no-B6.
• I “Tastes Of Africa,” inezidlo ezinomsoco ezithakwe ngezinongo zaseSA.
• Uchunge lwe “Good Nights” lusiza ngokuthuthuzela ingane ukuze ilale kahle.
AZINAWO USAWOTI NOSHUKELA OWENGEZIWE
Kumqoka ukuthi ukudla kwengane ekule minyaka kufakwe usawoti noshukela. Uma ukudla kwengane kunosawoti kakhulu kugqilaza izinso zayo. AbakwaPurity sebewukhiphile usawoti emabhodleleni abo okudla (kodwa usabaliwe emalebulini abo amadala). Emalebulini abo sekuzobhalwa ukuthi usawoti awufakiwe. Nakuba lokhu kudla kungeke kunambitheke kahle kuwena mama, ingane izokuzwa kumnandi.
AbakwaPurity babuye baqinisekise ukuthi ushukela osochungeni lwezidlo zabo zezithelo owemvelo kuphela.
Ushukela ufakwe ochungeni lwama-dessert nolwe-yoghurt kuphela kanti nalapho ushukela abakwaPurity abawufakile muncane kakhulu.
Nakulolu chunge, amanye amalebuli ethu akakashintshi kodwa maduze nje amalebuli asemabhodleleni azobhalwa ukuthi ushukela ukhishiwe kweminye imikhiqizo ngaphandle kwama-dessert nama-yoghurt. Izidlo
zakwaPurity azifakiwe okuvimbela ukubola, imibala edaya ukudla noma izinongo.
ISIKHATHI SOKUFUNZA INGANE UKUDLA
Yiba nesineke uma ufunza ingane ukudla uzigade izimpawu ezikhomba ukuthi isalambile noma isisuthi. Zama izinhlobo ezihlukene zokudla, ezinambitheka ngezindlela ezihlukene uzame nezindlela zokuyikhuthaza ukuba idle. Khumbula izikhathi zokufunza ingane yizikhathi zokufunda nokukhombisa uthando.
AbakwaPurity basungule izigaba ezine zokufunza ingane ukudla ezikusiza ngokukukhanyisela ukuthi yiziphi izinhlobo zokudla ezingenza ukuba ingane ikhule kahle ezigabeni ezihlukene zokukhula kwayo.[z]
Okuhle
ngePurity
Ezezimakethe
