zulu.1657.bec success-tips
U-VICKY KHUBEKA
BONA ZULU – November 2005
NGAHLANGANA noVicky Khubeka mhla sidinga umuntu owayezosidilivela amaphasela okudla ngo-4 ekuseni ngelinye ilanga. Lawo maphasela sasiwadinga emashini esasiyibambe ezitaladini zaseSoweto.
U-Vicky wasenzela ibhulakifesi elibiza kahle elali nakho konke ongakucabanga. Ama-rolls akhe ayene-ham noshizi kanti konke esakudla kwabiza u-R35 umuntu emunye!
U-Vicky ungumpheki onegama manje. Uphekela izinkampani ezinkulu ezinjengeSowetan, MTN, Salga (South African Local Government Association) nezinye kanti ukudla kwakhe kuhlala kufreshi, kuyasuthisa kubuye kube nenyama nesitashi esikahle nokuyinto ebaluleke kakhulu ekudleni kwaseSouth Africa. Izidlo ezinjengamaphiko enkukhu nama-drumsticks uziseva nama-sandwich, izitshulu nezinye izidlo ezingajwayelekile ezenziwe ngamaresiphi izimpande zawo ezise-Africa.
“Ngangingazi ukuthi yini engingayenza ngesikhathi ngiqeda esikoleni ngagcina sengipakisha izimpahla esuphamakethe eseBramley,” kusho uVicky. Emva kwezinyanga ezimbalwa, ngakhushulelwa esikhundleni sokusebenza kwi-fish counter.”
Emva kwalo msebenzi uVicky waba ngumcwali wezinwele esebenzela eCraighall eRandburg iminyaka eyisikhombisa. Kwathi lapho indawo ayesebenza kuyona isivaliwe, wasebenza esitolo sezingubo. Izinto zazingamhambeli kahle kanti kwalunga emva kokuba ethole ucingo olwaluvela kowayeyikhasimende labo endaweni yokucwala izinwele.
“KwakunguDiana Rae owayengumpheki. Wayedinga umuntu owayezomsiza efuna ukwazi ukuthi ngingamsiza yini. Ngalisebenzisa lelo thuba,” kusho uVicky. “Kwakusetshenzwa kungadlalwa kanti kuningi engakufunda kuDiana owayevele athi angiyilahle into engiyenzayo ngiyiqale kabusha uma ingalunganga.”
Manje uVicky usenebhizinisi lakhe iVicky’s Caterers. Bangu-12 abantu abaqashile kanti usethenge nomuzi eMalvern eGoli. Ubuye abe ne-truck adiliva ngayo.
Iningi losomabhizinisi eSouth Africa laqala amabhizinisi lingenalutho kodwa laba nesibindi lalandela amaphupho alo. UBONA uzosiphakela izindaba ezizokhuthaza...
– Waphumelela kunzima!
AMACEBO EBHIZINISI
Shayela iBONA Empowerment Club ku-011-883-8829. Funda uBONA uvakashele i-website ku-www.bonaempowermentclub.co.za ukuze wazi ngeBake & Cook for Profit nangama-forums okuvula amabhizinisi.
1. Yiba nobuso obuhle uzethule ebantwini. Ukuba angizange ngixoxe noDiana Rae lapho kucwalwa khona izinwele ngabe ngisadayisa izingubo namanje.
2. Kuthande okwenzayo.
3. Ukhumbule ukuthi abantu babheka indlela wena oziphethe ngayo ababheki obaqashile! Zinakekele.
4. Gcina isikhathi.
5. Thembeka emakhasimendeni akho.
6. Sebenzisa izithako ezifreshi kuphela uma upheka.
7. Xhumana nabantu.
8. Bheka izindleko zakho.
9. Yiba nesikhathi sakho wedwa. Ngiyafa nge-Orlando Pirates kanti angiphuthelwa yimidlalo yayo. Usuku ngiluphetha ngokugeza nge-bubble bath ngithobe umzimba.
UVicky Khubeka uzokwethula ama-workshop eBake and Cook for Profit ngonyaka ozayo. Uma ufuna ukuxhumana naye ngamabhizinisi ungamshayela ku-011-616-9055 noma 083-427-5801.
IZELULEKO ZIKA-VICKY
I-Sunbake, edume ngeleThe Best Bake under the Sun, ixhase ama-workshop eBAKE and COOK for PROFIT azobanjelwa esifundeni saseLimpopo ngo-October nangoNovember. Bheka imininingwane kuBONA.
Ngesikhathi kunalo mkhankaso iSunbake izophisana nge-spaza shop egcwele izimpahla! Oyowina uyokwazi ukuqala ibhizinisi ngaleso sikhathi, noma imikhiqizo yakhe ayisebenzisele ukupheka noma kwelinye ibhizinisi lokudla.
Omunye umhlomulo ngaphezu kwalowo, abafundi bakaBONA bayacelwa ukuba bathumele iresiphi abazosebenzisa kuyona isinkwa seSunbake, ama-roll noma eminye imikhiqizo engasetshenziswa uma kuphekwa. Oyothumela iresiphi eyoqokwa njengewinile uzothola ihampa yeSunbake ebiza uR100. Thumela iresiphi yakho kuleli kheli: Sunbake, Box 1300, Rivonia, 2128. Bhala igama lakho, inombolo yocingo otholakala kuyona emini nekheli.
I-Sunbake inamabhikawozi eNorthwest, Limpopo, Gauteng naseMpumalanga. Umkhiqizo owenze ngeSunbake awusoze wakuphoxa kanti ungakongela imali.
Xhumana nabakwaSunbake uma ufuna imikhiqizo ozoyifaka esitolo sakho uma uhlala bude buduze naseLimpopo. Xhumana noLinda de Witt ku-015-298-8706.[z]
AMATHUBA AMABHIZINISI NE-SUNBAKE!
