zulu.1639.makenov
Uma uthanda ukubhalelana nomngani, sibhalele kuleli kheli: BONA/Thola Umngani, Box 32083, Mobeni, 4060. Sitshele ngawe - usinike igama nekheli lakho!
UM.Z. Zathu uthanda ukubhalelana anabesimame abangamaXhosa noma amaZulu kodwa abangaphuzi. Ukhonze ukubhala, ukubukela iTV nokuziphilela nabangani.
Ikheli lithi: Correctional Centre, Private Bag X602, Kirkwood, 6120. Izincwadi mazihambisane nezithombe.
UNosisi Kosi (38) yinkonkoni engaphuzi futhi engabhemi. Ukhonze ukuya esontweni nokuvakashela abangani. Uthanda ukuxhumana nezintokazi zeminyaka engu-25-50. Izincwadi mazibhalwe ngesiXhosa noma ngesiNgisi. Ikheli lakhe lithi: 5667 N. Mbangi Street, Asla Park, Mossel Bay, 6500.
UNono Ntobongwana (26) of 5757 Samora Machel, Cape Town, 8001, uthanda ukubhalelana nabesiliwsa beminyaka engu-27-35 abangaphuzi. Ukhonze ukubukela ama-movie, ukulalela umculo, ukufunda nokuya esontweni. Izincwadi mazihambisane nezithombe.
UMonwabisi Klaas (23) ngowesilisa othanda ukuxhumana nabesimame beminyaka engu-21 -25 abalunge njengaye, abangaphuzi nabangabhemi. Ukhonze ukufunda amaphephabhuku nokulalela umculo weR&B nowoKholo. Uthanda ukudlala ibhola nokuya esontweni. Ikheli lakhe lithi: No. 205216483, Kirkwood Correctional Centre, Private Bag X602, Kirkwood, 6120.
USam, wakwaBox 351, Roma 180, Maseru, Lesotho, yinsizwa eneminyaka engu-29 ethanda ukuxhumana nanoma ngubani emhlabeni. Izinto azithandayo yiNkolo nokugxila olwazini.
UMthetheleli Mdutyulwa, No. 207737763, Correctional Services, Sinethemba Unit 10, Private Bag X602, Kirkwood, 6120, uneminyaka engu-28 uthanda ukuxhumana nabantu besimame abaholoniphekile asebevuthiwe emqondweni beminyaka engu-29-35. Ukhonze ukulalela umculo we-jazz noweR&B, ukubukela ama-movie nokuya esontweni. Akashadile unengane eyodwa kanti kumanje usadonsa isigwebo esifushane ejele. Izincwadi mazihambisane nezithombe.
USbusiso Sithole (23) uthanda ukuxhumana nezinsizwa eziyizinkonkoni zeminyaka engu-24-34. Ukhonze ukufunda, umculo, ukubukela iTV nokuya kuma-movie. Izincwadi mazibhalwe ngesiZulu noma ngesiNgisi. Ikheli lakhe lithi: Box 48096, Qualbert, Durban, 4078.
UJonas Mkhwanazi (33), Project One, Groenpunt Maximum Centre, Private Bag X060, Vereening, 1930, uthanda ukubhalelana nezintokazi zeminyaka engu-25-35 ezizimisele ngempilo. Izincwadi mazibhalwe ngesiSuthu noma ngesiNgisi zihambisane nezithombe.
UH.L. Nkhwashu (29) ngowesilisa ozikhonzele ezemidlalo, ukuvakasha, ukufunda nokuqhuba izifundo e-UNISA. Uthanda ukuxhumana nabesilisa beminyaka engu-24-35. Ikheli lakhe lithi: Box 756, Nwamitwa, 0871.
U-Ishmael Whari, wakuBox 5, Kariba, Zimbabwe, akashadile uneminyaka engu-32 kanti uthanda ukuxhumana nezintokazi zanoma yikuphi zeminyaka engu-18-30. izincwadi mazihambisane nezithombe.
UD.J. Moppino Khoza, oseSt Albans Maximum Centre, Private Bag X6055, Port Elizabeth, 6000, ngowesilisa onguMXhosa oneminyaka engu-35. Ungumculi ozifelayo ngomculo othanda ukuxhumana nabesimame bezinhlanga zonke beminyaka engu-20-45.
UBen Shuping uthanda ukuxhumana nabesimame beminyaka engu-28-38 abaMazisayo nabaMesabayo UNKULUNKULU. Izincwadci mazibhalwe ngesiSuthu, isiTswana noma isiNgisi, zihambisane nezithombe. Ikheli lakhe lithi: Room 15, Doornkop Hostel, Randfontein, 1759.
UFankie Elias Khumalo (40), oseMedium A Centre, Private Bag X23, Kroonstad, 9500, uthanda ukuxhumana nabesimame beminyaka ephakathi kuka-30-37 abazimisele ngomendo. Unengane eyodwa kanti ukhonze umculo woKholo nowe-reggae. Ungumzalwane oZelwe kabusha. Izincwadi mazihambisane nezithombe.
UFana Motloung, waseMooihoek Farm, Box 67, Petrus-Steyn, 9640, uthanda ukuxhumana nabesilisa beminyaka engu-21-29 abangabodwana nabangenazo izingane abazimisele ngomendo. Ukhonze ukuya esontweni, ukubukela iTV nokwenza umsebenzi wasekhaya. Izincwadi mazibhalwe ngesiSuthu noma ngesiNgisi zihambisane nezithombe.[z]
thola umngani
