zulu.1637.kidjo
IZINTO ezimbili ezake zenzeka empilweni ka-Angélique Kidjo... Uvame ukumema izethameli ukuba zimjoyine uma ecula esteji kanti ngesikhathi ecula eHouston, eTexas, wathola ukuthi owesimame ayemcele ukuba amjoyine wayekhala ngesikhathi ecula.
"Ukhalelani?" kubuza lo mculi obuye abe ngumbhali wezingoma waseWest Africa.
"Ngikhaliswa wukujabula," kuphendula owesimame. "Ngathola ukuthi nginomdlavuza webele eminyakeni embalwa edlule kanti udadewethu wayengidlalela iCD yakho. Ngangiyilalela kakhulu ngesikhathi ngigula. Manje sengingcono!"
Kwenye ikhonsathi... E-Harare ngo-2006, u-Angélique wayiyeka phakathi ingoma ayeyicula waya phambili esteji wathi: "Umuntu onjani obulala izwe lakhe athumbe nabantu bakhe?
"Usuke ungesiye umholi uma ungakwazi ukunakekela abantu obaholayo. Ufana nesilwane. Uma uphila ngodlame, uyofa ngodlame."
Umbiko weTime wathi umbutho weCentral Intelligence Organisation kaMugabe wadudula abantu waqonda esteji kodwa izihlwele zawuvimba zivikela uKidjo.
Lezi zigameko zifakazela lokho uKidjo akholelwa kukona, ukuthi umculo ungabahlanganisa ngempela abantu bamazwe omhlaba - kuliwe nengcindezelo.
Kodwa abantu babuye bakucindezele ikakhulu kwezikaqedisizungu. Baningi abaculi asebesibikele ukuthi uma ususezingeni elithile lempumelelo, uyahlaselwa kubhalwe kabi ngawe emaphepheni.
Abanye abahlaziyi bomculo bathi "uyabheda" - bekusho lokho sengathi ngeke usavuka uzithathe. Kokunye bakugxekela ukuziphatha kwakho kahle.
Ukugxekwa kwakhe
Umculo kaKidjo uvame ukugxekwa. Kuthiwa akusiwo owase-Africa.
"Ubizwa ngani umculo wamaNgisi?" kusho yena. "Ngicela ungitshele ukuze ngikuchazele ngomculo wami. Ngabe ukhona oke athi iRolling Stones icula umculo wamaNgisi?"
Wudaba olubalulekile lolu abaculi bakithi abasazobhekana nalo uma sebedlondlobele emculweni. Umculo wabo usengozini yokuchazwa njengowase "Africa" kulindeleka ukuba bakhiqize uhlobo olulodwa lomculo onomsindo wama-drums nezinye izinsimbi zesintu.
"Iningi lalabo abagxeka umculo wethu alikaze lilubhade e-Africa," kusho uKidjo. "Pho bazowazi kanjani umculo wase-Africa?
"Ngisho nami angazi ukuthi ngizowuchaza kanjani umculo engiwuculayo," kuqhuba lo mculi oseqokelwe ukuwina amaGrammy kane, ocula izingoma ezifana nezithi Agolo, Ayé nethi Batonga, nokwazi ukukhuluma izilimi eziyisishiyagalombili kubandakanya nesiFon, isiFrench, isiYoruba nesiNgisi.
Uthini kwabathi umculo wakhe uyinhlanganisela yesigqi sakudala nesamanje?
Lokho sekuyindlela iningi labaculi bengabadi "abatuswa" ngayo kodwa uKidjo akahambisani nako. "Umculo wami ngiwubiza ngomculo nje phaqa," kusho yena. "Ngikhuthazwe wumculo engangiwulalela ngisemncane.
"Ngikhule ngilalela izinhlobo eziningi zomculo, ngingacula umculo wase-Africa, ngicule owamaBeatles, oweRolling Stones, okaJames Brown, oka-Otis Redding, okaCarlos Santana - ngingacula noma yimuphi.
''Ngingum-Africa oqhakambisa isiko lakhe kwabaseNtshonalanga," kusho uKidjo ehleka. "Ngisebenzisa ezobuchwepheshe, i-rhythm ne-blues, ne-jazz."
E-Benin
U-Angélique wazalelwa e-Ouidah eBenin kanti bayisishiyagalolunye kubo. Waqala ukucula ngesikhathi abafowabo besungula iqembu labo. Wayengakakwazi nokukhuluma ngesikhathi edansela izingoma zikaJimi Hendrix noJames Brown.
"Ngesikhathi ngineminyaka eyisithupha umama wasungula iqembu elalizodlala imidlalo yeshashalazi. Kwakungelula ukuthola imali yokulixhasa kodwa ngamuzwa ethi 'Ngizoyenza lento!' Wadayisa izingubo wathola imali ayeyidinga."
Kwathi uma umama wakhe ebona ukuthi uyawuthanda "umsindo" owawenziwa abafowabo wamfaka eqenjini lakhe.
"Wathi 'Uchitha isikhathi esiningi ekhaya ubanga umsindo, ucula, uxoxa izindaba, kungcono ubange lowo msindo esteji.'
"Ngangiqhaqhazela ngesikhathi ngiqala ukubonakala esteji!" kusho uKidjo. "Wangidudula wathi: 'Yenza lokho okujwayele. Shaya sengathi usekhaya. Zijabulise wena kuqala. Uma ujabulile nabantu bazojabula.'"
Ukukhulela kwakhe eWest Africa kumhlomise ngakho konke ayekudinga ukuze abhekane nezinkinga ayezohlangabezana nazo esezakhele igama emculweni.
"Kukhona umlisa engathandana naye iminyaka emine sahlukana emva kokuba engitshele ukuthi ngeke ashade nami - wathi kuzodingeka ukuba ngiyeke ukucula kuqala ukuze sishade. Ngamvulela umnyango ngathi, 'Phuma.' E-Benin, kwaziwa ukuthi intombazane kumele ishade isebenze ehhovisi."
U-Kidjo wafulathela elaseBenin ngo-1983. Abaholi bamakhomanisi kulelo lizwe babephoqa abaculi ukuba bancome abezepolitiki uma becula. "Ngakwenza isikhashana lokho kodwa kwangihlula. Ukuba angihambanga, ngangizobeka impilo yami neyomndeni wakithi engozini," kusho yena.
E-Paris
Wakhetha ukuya eParis. Ngo-1960, iBenin yayingaphansi kweFrance kanti ngaleso sikhathi umculo wase-Africa wawuthandwa kakhulu eParis.
"Ngangenza umsebenzi wokushanela emahhotela ngibulawa yindlala kodwa ngangisalethemba iphimbo lami."
U-Kidjo waqala ukucula emakilabhini. Wenza izifundo zomculo we-classic wahlangana nensizwa eyayizogcina isingumyeni wakhe uJean Hebrail owayenguphrojusa. Ekupheleni ko-1980 wayesedume kakhulu eParis.
Wasayina izivumelwano zokuqopha wakhipha ama-albhamu afana nathi Parakou nethi Logozo okuyiwona amenza waduma umhlaba wonke.
Ngo-1998, uKidjo, umyeni wakhe nendodakazi yabo uNaima, bathuthela eNew York lapho akhipha khona i-Oremi, eyayichaza ngokuxhumana kweR&B yaseMelika neBenin ne-Africa. YayineVoodoo Chile kaJimi Hendrix kodwa singekho isiginci ekhaveni ngoba uKidjo usebenzisa iphimbo lakhe njenge-instrument uma ecula.
KwiCD ethi Black Ivory Soul uzwakalisa ukuxhumana kweBenin neBahia yaseBrazil okwakuthunyelwa kuyona izigqila zaseWest Africa.
Ngo-July 2002, uKidjo waqokwa njengozomela i-UNICEF ebhekele imfundo yezingane nomkhankaso wokuqeda ukudlondlobala kweHIV/AIDS.
"Imfundo isemqoka kakhulu kimina ngoba kuningi okuhambisana nayo okunjengepolitiki nentuthuko," kusho yena.
"Abantu abasha bayithemba lezwekazi lethu. Uma ngibheka izingane zase-Africa, ngibona kufezeka wonke amaphupho."
Ngo-May kulo nyaka, wasungula iBatonga, ezonika izingane zamantombazane eseziqede imfundo yamabanga aphansi eBenin, Cameroon, Ethiopia, Mali naseSierra Leone umfundaze ukuze zifunde e-high school ziye nasenyuvesi.
Akanandaba nebala
Ngo-May 2007 uKidjo ukhiphe iCD yakhe ethi Djin Djin acula kuyona noJosh Groban, Carlos Santana, Alicia Keys nabanye abaculi. Yaba ngu-No 1 emabhodini amashadi omculo emhlabeni.
Isihloko sayo sichaza umsindo owenziwa yizinsimbi eBenin uma kuqala usuku. Uziqambela yena izingoma azicule azifake kwi-tape umyeni wakhe uJean, odlala i-bass, azifake kwi-computer.
"Ngimbonga kakhulu uNkulunkulu ngaye kanti ngiyawabonga nama-computer. Ngazini ngama-computer? Ama-computer awabantu abamhlophe."
Umyeni wakhe umchaza njengomuntu "omhlophe qwa".
"Abantu bangibuza ukuthi, 'Washada kanjani nendoda emhlophe?' Ngivele ngithi 'Uyafana namanye amadoda angiboni mehluko kuyena.'"
"Umculo awukhethi bala, awukhethi limi," kusho yena. "Umculo uyelapha, uhlanganisa abantu nezizwe ezihlukahlukene. Uqeda usizi uthobise nezimpi.
"Uma ulalele umculo uyakhohlwa yibala nolimi lomuntu. Ngisho nezitha zilalela umculo ofanayo."[z]
BONA ZULU - August 2007
U-Angélique Kidjo umculi waseBenin uyakhombisa ukuthi ungayazisa imvelaphi yakho nakuba usuyisihlabani samazwe ngamazwe - usebenzisa umculo ekulweni nengcindezelo
KWESIKHULU: U-Kidjo akesabi ukukhuluma ngomculo, ukungalingani kwezepolitiki nokunye okumqoka.
NGENHLA KWESOBUNXELE:U-Kidjo eculela umhlaba.
KWESOBUNXELE NANGEZANSI: U-Kidjo uyawuhlonipha umsebenzi awenza kwi-UNICEF.
Uculela umhlaba
BONA ZULU - August 2007
indaba ngu-ISAAC KWELA
izithombe ngabakwaGALLO IMAGES/AFP
u
t
BONA ZULU - August 2007
Uma ngibheka izingane zase-Africa, ngibona wonke amaphupho efezeka
"Intsha iyithemba lezwekazi lethu," kusho uKidjo, okholwa wukuthi imfundo ingaxazulula izinkinga eziningi ze-Africa.
