zulu.1625.lettersaug
WINA
Ewine ihampa ka-R2 500
izincwadi
NGENZA izifundo zami ze-diploma ye-resource management. Nginesifiso sokucobelelana nabanye abacabanga ukuzofunda esikhungweni semfundo esifana nalesi ngonyaka ozayo.
Okokuqala wukuba bagxile ezifundweni zabo. Lokhu kungaba lula kakhulu uma ukhetha abangani abanezinhloso ezifana nezakho.
Yibo abazokukhuthaza lapho uzwa unokwenqena futhi bakusize uma umsebenzi usumningi.
Okubalulekile ngaphezu kwalokhu, wukuphasa izifundo zakho. Ungakwazi futhi ukuthola isikhathi sokuzithokozisa, kodwa ungalibali ukuthi usenyuvesi ngenxa yokuzokwakha ikusasa lakho eliqhakazile.
Ngakhoke gxila ezifundweni zakho - ngoba yizo ezizokwakhela ikusasa elihle.
Enyuvesi akufani nasesikoleni esijwayelekile - nguwe okufanele uzilawule ngokwenhlonipho, usebenzise noma yiliphi ithuba elingakuphumelelisa.
Okwesibili, kufanele uzithathele amanothi ngokwakho, uwafunde emva kwanoma yikuphi ukwethulwa kwezifundo. Lokhu kuzokwehlisela umthwalo kuthi lapho kufika izivivinyo zifike usuzilindele.
Okwesithathu - kubalulekile ukukwazi ukulawula isikhathi sakho. Lokhu kusho ukuzibekela isikhathi esanele sokufunda kanjalo nesokuzithokozisa.
MJ, Masia
Bhala...
Ngiqhuba kahle enyuvesi
I-PaperMate yithuluzi elibalulekile esikhathini sanamuhla kanti ngumkhiqizo ofanele abantu beminyaka yonke.
I-PaperMate iyaqhubeka futhi ukusiza ivuselele izimpilo zabantu bakuleli ngohlelo lwayo lokufundisa - i-PaperMate Literacy Project nokuyilapho amaphesenti amathathu okuthengiswa komkhiqizo wabo enikelelwa emnyangweni wezemfundo ukuze kusizakale abantu bakwazi ukufunda nokubhala.
Abe-JEL yibo abasabalalisa
umsebenzi wabe-PaperMate:
011-372-4000.
PaperMate … at the Heart of Communication
Zwakalisa uvo lwakho: • bhalela kuleli kheli: Letters to the Editor,
Box 32083, Mobeni, 4060, South Africa • i-fax: 031-912-2720
• i-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike futhi elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
BONA ZULU – August 2007
Ewine ihampa
ka-R1 500
Hloniphani othisha bethu
OTHISHA ababengifundisa ngiyohlale ngiziqhenya kakhulu ngabo. Ngiye ngiphatheke kabi uma ngizwa abazali abaningi besola othisha uma izingane zabo zingaqhubi kahle esikoleni.
Abazali kufanele bakhumbule ukuthi - isibonelo esihle abasikhombisayo emakhaya, yiso esingakhuthaza nezingane zabo ukuba ziqhube kahle esikoleni.
Uma ingane yakho ingaqhubi kahle esikoleni, kufanele uzibuze ukuthi wena uyikhuthaza kangakanani ukuba ibambelele ezifundweni zayo.
Othisha basiza ekwakheni ikusasa lethu, ngakhoke badinga ukuhlonishwa. Abazali kufanele bayeke ukugxeka othisha kodwa bagxile ezibophweni zabo zokufundisa izingane inhlonipho.
Beauty Jojozi, Mount Frere
Izikole zethu aziphephile
Izikole zethu akungabi yizidleke zobugebengu obungaholela ejele noma ekufeni.
Abazali kufanele bangenelele ezintweni ezifana nalezi ukuze bafake izingane zabo endleleni eyiyo.
Abafundi nabo kufanele bakhuthazwe ukuba bakhulume ngezinkinga zabo nangezinto eziyingcindezi ababhekene nazo.
Monica Mashito, Phola
u
t
Yekani ukuhlupha abantu abadala
izincwadi
Kumahhala? Angicabangi kanjalo!
Umnyango wezemfundo wasethembisa imfundo yamahhala - kungakho ngamangala ngesikhathi ngicelwa ukuba ngikhokhe imali yesikole neyokuthenga izincwadi.
Lapho ngihlala khona awekho amabhasi athutha izingane zesikole uma ziya noma sezibuya esikoleni. Ngesikhathi ngifunda eGoli, lolu sizo lwalutholakala mahhala.
Kuyacaca ukuthi uhulumeni awuzinakile nakancane izindawo ezisemaphandleni.
N. Makhi, Viedgesville
l NGIPHATHEKA kabuhlungu ukubona indlela abantu abadala abaphathwa ngayo emphakathini wethu. Kufanele sibahloniphe sibanakekele ngoba yibo abasikhulisa.
Okubuhlungu wukuthi yibo abahlukunyezwayo, abadlwengulwayo, abanye baze baqolwe imali yabo.
Kungani ningabi namahloni ezenzo zenu? Abantu abadala kufanele bayekwe bathokozele imali yabo yempesheni ngokuthula ngaphandle kokuphazanyiswa.
Masiyekeni ukulahla abantu abadala!
Eunice Mapanga, e-mail
l KUYADABUKISA ukuthi njalo sihlale sifunda emaphepheni ngendlela ogogo nomkhulu abahlukunyezwa ngayo. Kufanele sazi ukuthi ngenxa yalaba bantu abadala, ngabe nathi asikho emhlabeni - ngakhoke kufanele sibahloniphe ukuze izinsuku zethu zande emhlabeni noNkulunkulu AsiBusise.
Mashoto Moropane, Sunnyside
l KUDINGEKA sibanakekele abantu abadala, sibanike konke abakudingayo - ukudla namanzi. Kuyisibopho sethu ukubageza lapho bengakwazi ukuzigeza noma sibawashele. Kufanele sibanike lonke uthando abaludingayo ezinsukwini zokugcina besaphila.
PK, Durban
Kunzima ukufuna umsebenzi
Ngokwezibalo ezisemthethweni, cishe bangu-7 million abantu abangaqashiwe kuleli.
Lokhu yikho okuholela ekutheni abantu abaningi babulawe yindlala.
Into abaningi abangayicabangi wukuthi: ukufuna umsebenzi, wumsebenzi onzima futhi ongakhokheli. Kunalokho, kudla wena imali.
Okokuqala, kudingeka uthenge amaphephandaba ukuze ubheke umsebenzi ngaphansi kwengosi ye-classifieds.
Okwesibili, kufanele ube ne-CV eyenziwe kahle nokuyinto ebiza imali - kanjalo futhi noma usuyithumela nge-fax lapho kunomsebenzi khona.
Uzodinga futhi ama-photocopies e-ID yakho nokunye okubalulekile.
Uma ube nenhlanhla yokubizelwa i-interview, kuzodingeka imali yokufinyelela kuleyo nkampani - uma uzohamba ngezinto zokuthutha.
Kulabo abafuna umsebenzi, engingakusho wukuthi: lezi yizikhathi ezinzima, kodwa ngeke kugcine zona.
Ungalilahli ithemba, izinto zizolunga.
XC, Phase 5
BONA ZULU – August 2007
ITHIMBA LABABHALI
BONA WEBSITE
www.bona.co.za
IHHOVISI ELIKHULU (DURBAN)
19-21 Joyner Road, Prospecton
Box 32083, Mobeni, 4060
Ucingo: 031-910-5745; Fax: 031-912-2720
E-mail: bona@dbn.caxton.co.za
UMhleli Ongamele: Lorna King
Umsizi woMhleli: Patricia McCracken
UMhleli wesiZulu: Manqoba Dlamini;
Zanele Mbatha
UMhleli wesiSuthu: Lerato Zulu;
Moeketsi Letsohla
UMhleli wesiXhosa: Dumisani Ntshentshe;
Ntombikhona Kwebulana
UMhleli Ohluzayo: Marie Gurr
Umqondisi wezobuciko: Jozia Lorek
Abahlela izithombe: Jenny Weideman;
Clive Thompson; Kyle Young
UNobhala: Ellen Gumede
Business Development Manager
Christine Marot Tel: 031-910-5723
JOHANNESBURG
Caxton House, 368 Jan Smuts Ave,
Craighall, Johannesburg, 2001
Ucingo: 011-889-0600
UMhleli: Force Khashane
INtatheli: Teddy Gomba
IZINKINGA EKUKHANGISENI
JOHANNESBURG
368 Jan Smuts Avenue, Craighall, 2196
Ucingo: 011-293-6000 Fax: 011-789-9656
DURBAN
19-21 Joyner Rd, Prospecton, 4110
Ucingo: 031-910-5700 Fax: 031-902-8829
CAPE TOWN
36 Old Mill Rd, Ndabeni, 7405
Ucingo: 021-530-6270 Fax: 021-531-3795
IZINKINGA EKUTHOLENI IBHUKU
RNA
12 Nobel Street, Industria, 2093
Box 101, Maraisburg, 1700
Ucingo: 011-248-3500 Fax: 011-474-3575
IZINKINGA ZOKUTHUNYELELWA IBHUKU NGEPOSI
Box 725, Maraisburg, 1700
Ucingo: 011-473-8700 Fax: 011-474-5479
UKUTHUNYELWA KWEZINDABA
Indaba ungasithumelela nge-e-mail ethi: bona@dbn.caxton.co.za noma uyithumele kuleli kheli: BONA Submissions, Box 32083, Mobeni, 4060
NGEMINCINTISWANO NEMITITILIZO
Xhumanani noChristine Marot kule nombolo: 031-910-5723; e-mail: christinem@dbn.caxton.co.za
