ZULU.1599.muthi
BONA ZULU - January 2007 39
nguFORCE KHASHANE
Ezemithi yesintu
UKUSHAYWA wuvalo kubalwa kulezo zinto eziyingozi ezenzeka kumuntu osinde engozini yomgwaqo noma ezinswelaboyeni. Sishaywa wuvalo uma sizwa izindaba ezimbi.
Uvalo lukuqeda amandla - kanti uma ulimele, wuvalo olungakubulala kunokopha.
Kodwa baningi abantu abaphila ngokushaywa wuvalo.
Lolu valo esikhuluma ngalo luthathwa njengophawu olubikezela ibhadi noma isifo.
Omunye umfundi ongumama wabantwana ababili wasitshela ngendlela asehlukumezeke ngayo ngenxa yokushaywa wuvalo.
"Ngiphila ngokwesaba. Kuqhaqhazela izandla namadolo ngijuluke ebusweni nasemgogodleni."
Akulula nokuthi aphelezele indodakazi yakhe uma iya esikoleni. "Ngike ngibone sengathi indodakazi yami izolimala uma kwedlula imoto. Kuba nzima kakhulu lapho siwela nayo emgwaqweni.
"Angisakwazi ukushayela," kuqhuba yena. "Uvalo lungishaya ngamandla uma kukhona umuntu oshaya i-hooter noma uma kudlula isithuthuthu."
Akayedwa kule nkinga.
Benza izinto eziyindida
Ngisafunda e-high school ekhaya sasivame ukuvakashelwa wumngani womndeni owayenza izinto eziyindida.
Wayevame ukuphatha iphakethe likagwayi noma iduku uma ekhuluma nobaba. Uma kukhona umuntu owisa into ethile endlini noma obanga umsindo, lesi sivakashi sasijikijela noma yini esiyiphethe kulowo muntu obanga umsindo siqhubeke nengxoxo yaso kube sengathi akwenzekanga lutho.
Ngabona emva kwesikhathi ukuthi yini eyayenza isivakashi senze lezo zinto.
Sasihlushwa wuvalo olwalwenza ukuba sijikijele noma yini esiyiphethe.
Le nsizwa yayenza isiqiniseko sokuthi into eyiphethe ayisiyo ingozi ukuze bangalimali abantu abajikijelwayo!
Ngake ngaba nayo le nkinga ngingakalwamukeli ubizo lobungoma.
Umzimba wami wawuqhaqhazela ngokwethuka uma kukhona umuntu owise into ethile.
Ngenhlanhla, kuleyo nkinga ngasizwa wukushaywa kwezigubhu ngesikhathi sengithwasela ubungoma.
Abasiwona amagwala
Iphuzu engizama ukuliveza lapha wukuthi abanye abantu abashaywa wuvalo kungenzeka ukuthi banesiphiwo sobungoma kanti lokho kusuke kungasho ukuthi mababe yizangoma.
Abesimame abanovalo bayaxoxa ngenkinga yabo abafani nabantu besilisa abangaphumeli obala ngenkinga yabo kanti kulokho basuke besaba ukuthi kuzothiwa bangamagwala banenyoni.
Uvalo alusho ukuthi uyigwala. Yinkinga engehlela noma ngubani lena.
Akufanele wenze okuzobethusa abantu abahlushwa wuvalo. Isimo sabo asibaphathi kahle kanti ukubagcona kuyisihluku kubona.
Ukwenza okuzobathusa kungaba nemiphumela emibi ngoba umuntu angathuka amelwe nayinhliziyo.
Luyelapheka ngamakhambi
Uvalo luyelapheka ngamakhambi. Ekwelashweni kwalo kusetshenziswa ikhambi elibizwa ngomfazi othethayo.
Umuntu owaqamba leli khambi kungenzeka ukuthi wayekholwa wukuthi uvalo ludinga ukuthi umuntu athethe ukuze luphele.
Kufakwa i-teaspoon lomfazi othethayo olimini lomuntu onovalo bese ehlisa ngengilazi yamanzi kathathu ngelanga isonto lonke! [z]
40 BONA ZULU - January 2007
Ukwelashwa kovalo
Bhalela uForce ngemibuzo onayo ngemithi yesintu kuleli kheli: Talking Muthi, Box 473014, Parklands, 2121 noma umthumelele i-e-mail kwethi: forcek@caxton.co.za
