ZULU.1596.uniforms
Gcina amanani omfaniswano wesikole EPHANSI
Imali yesikole, ukubiza kwezinto zokubhala nomfaniswano wesikole kuyasiza ekwenzeni uJanuary enye yezinyanga ezinzima kakhulu zonyaka. Kodwa uma sekuziwa ngasemfanisweni wesikole, bangaki abazali abanolwazi lokuthi banezwi kulolu daba? Ukwazi kungakusiza wonge
UMA izindleko zikhuphuka, sihlale sikhohlwa into eyodwa ebalulekile: imifaniswano yesikole mihle. Sihlale sibona okwehlukile kumaTV ekhombisa izikole zaseMelika lapho imifaniswano ingekho.
Awucabange ngengcindezi ephezu kwabazali abangakwazi ukuthenga izingubo eziphambili ezinhlobonhlobo.
Akugcini ngokuba bakhokhe izimali zesikole ezishisiwe, kodwa futhi kukhona nokunye okubizayo okudinga ukuba bakuthenge njengezingubo.
Inhloso yomfaniswano wesikole, wukuba kungabonakali umehluko phakathi kwezingane zesikole zemindeni ehluphekayo nesuthayo.
UMnyango wezeMfundo nawo uyayeseka imifaniswano yesikole ngoba izibalo zikhomba ukuthi yenza kube khona inhlonipho isize ekuletheni lowo moya wokuba ndawonye nabanye.
Ngabe lokhu kubasiza kanjani abazali lapho izindleko seziqala zikhula?
Njengamanje izimpahla zika-Grade 1 zomfana (ibhulukwe elide nehembe) cishe kubiza R65, okwentombazane R55 (isiketi nehembe).
Kodwa kungakuhle ukuthenga amasethi amabili engane cishe ngo-R130.
Izingane zasema-high school zinganxuswa ukuba zithenge ama-blazer abiza phakathi kuka-R250 - R500.
Ezinye izikole zinezinto zokugqoka ezinjengothayi noma amajezi - okunamabheji esikole. Lokhu kungabiza kusuka cishe ku-R100 kuya phezulu.
Kukhona nokufakwa ezinyaweni namasokisi okungakubiza cishe R80.
Lokhu sekuhlangene kungaye kufinyelele ku-(R130) kugcine sekungu-310.
Njengokubeka kukaMEC wezeMfundo eGauteng uMzi Khala - awukho umthetho omayelana nokulawulwa kwemifaniswano yesikole. Esikhundleni salokho, kunomhlahlandlela owakhishwa ngungqongqoshe kazwelonke wezemfundo uNaledi Pandor.
Ngokomhlahlandlela, izingane kufanele zifake izicathulo, ama-sandals, amateku, amabhulukwe amade, amabhulukwe ama-tracksuits, iziketi, izingubo nama-tunic, ukubala nje okumbalwa.
Okuyibona bantu abalawula uhlobo lomfaniswano yikomiti lokulawulwa kwesikole labazali, bese kulandelwa imithetho ethile.
Lokhu kusho ukuthi noma yimuphi umfundi owenqaba ukufaka umfaniswano angathathelwa izinyathelo zokuqondiswa kwezigwegwe.
Inhlangano yabazali elawula ukuphathwa kwesikole kufanele iqiniseke ukuthi lowo mfaniswano awubizi - izingane akufanele zincishwe ithuba lokufunda ngenxa yokungakwazi ukumelana nokuthenga umfaniswano.
Inhlangano yabazali elawula isikole kudingeka iqinise imithetho yomfaniswano ngendlela ezokwamukeleka, kusho uKhala.
Ukwenza isibonelo, amantombazane amaSulumane avumelekile ukugqoka amabhulukwe ngaphansi kwezingubo zawo nokuyinto eyisidingo senkolo yabo.
Kufanele sikhumbule futhi ukuthi inhlangano yabazali ephethe isikole kufanele ixhumane nabazali ngaphambi kokuthatha izinqumo ngemifaniswano.
Uma inhlangano yabazali elawula isikole ikhethe umfaniswano obizayo, hlanganani nabanye abazali niyiphoqelele ukuba ikhethe engabizi.
Umfaniswano wesikole kuhloswe ngawo ukuba usikhumbuze ukuthi kufanele siye esikoleni siyofunda. Kungakho kungafanele ukuba umfundi ancishwe ithuba lokufunda ngoba engenawo umfaniswano.
Indaba: Thandi Zulu
IZELULEKO ZABATHENGI
Hlanga-nani nifune okubiza kangco-no
THOLA USIZO
Izinhlangano zabazali zinesibopho sokusiza abafundi imindeni yabo engakwazi ukumelana nezindleko zemifaniswano, ngokusho kukaHendrik Mthombeni, oyiFree State Chief Director ngaphansi kwe:District Management, Institutional Development And Support. Nazi ezinye izinhlelo:
Eminye iminyango yezemfundo emazingeni ezifunda njengaseGauteng naseFree State inabaxhasi bezamabhizinisi abasiza ngokunikela ngemifaniswano kubandakanya izicathulo ezinganeni eziyizintandane.
AboMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi basiza ngemifaniswano yesikole ezinganeni ezingaphansi kohlelo lwabeBana Pele. Xhumana nezikhungo zabo zezokwazisa: 011-355-7760/7929.
Ezinye zezinhlangano zomphakathi noma zamabhizinisi ziba nosizo lwezezimali zemifanekiso njengengxenye yezinhlelo.
NGEMINYE IMINININGWANE:
Ungayithola ikhophi yeNational Guidelines On School Uniforms kumqondisi jikelele woMnyango wezeMfundo kuleli kheli: Private Bag X895, Pretoria, 0001. Ucingo: 012-312-5123; fax: 012-325-4001.
