Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Ubunikazi bolwazi
Ngabe udinga usizo ngezinkinga ohlangabezana nazo kule-website
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
Injongo ngezinkonzo ze-website yeNingizimu Afrika wukutholakala komthombo owodwa wolwazi ngezinkonzo eziphakelwa nguhulumeni waseNingizimu Afrika. Injongo wukuphungula igebe elikhona phakathi kwabanamandla kanye nabangenamandla, kwabomnotho womkhakha wokuqala nabomnotho womkhakha wesibili. I-website iyimizamo ebalulekile yokungenela nokusiza ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi zonke izakhamizi zikwazi ukuxhumana nohulumeni.
Abasebenzisi okuqondiswe kubo, yizakhamizi zaseNingizimu Afrika kuzo zonke izingxenye zezwe, amabhizinisi akhona manje nawekusasa aseNingizimu Afrika kanye nezinhlangano nezakhamizi noma izinhlangano zakwamanye amazwe ezidinga izinkonzo kuhulumeni waseNingizimu Afrika.
Ulwazi ngezinkonzo (ngamasevisi) kahulumeni
I-website iqukethe ulwazi ngezinkonzo zikahulumeni ezinikezwa nguhulumeni emkhakheni kazwelonke.
Ulwazi lwezinkonzo luhlelwe ngezinkonzo zemikhakha emithathu:
Izinkonzo (amasevisi) kubantu: Izinkonzo (amasevisi) ezakhamizi zaseNingizimu Afrika, ahlelwe ngokulandela okwenzekayo empilweni
Izinkonzo (amasevisi) ezinhlanganweni: Izinkonzo (amasevisi) aqondene nezinhlangano kanye namabhizinisi
Izinkonzo (amasevisi) kubantu bamazwe angaphandle: ulwazi oluqondene nezakhamizi zakwamanye amazwe ezidinga izinkonzo eziqondene nazo kuhulumeni waseNingizimu Afrika.
Omunye nomunye wale mikhakha, uphinde wahlelwa ngendlela ehambisana nezinto ezenzeka empilweni ngokulandelana kwazo izinto ezenzeka kwimpilo yesakhamuzi noma yebhizinisi. Izinto ezenzeka empilweni ziphinde zahlelwa ngokulandela izigaba zempilo.
Ulwazi kwinkonzo nenkonzo luhlelwe ngokulandela imikhakha eyisikhombisa ebalulekile, okuyilena: izincazelo, izinyathelo okumele zilandelwe, imithetho nemigomo, amazinga okwenziwa komsebenzi nesikhathi sokwenziwa komsebenzi, izindleko, amafomu okumele agcwaliswe kanye nemininingwane yokuxhumana.
Ulwazi oluhambelanayo
Ngenxa yokuthi ulwazi lwaqala lwabhalwa nge-English (ngesiNgisi) kwathi emuva kwalokho lwaseluhunyushelwa kwezinye izilwimi. Ulwazi ngezinkonzo kwezinye izilwimi lufakelwa kwi-website ngemuva kokuba seluhunyushiwe.
Sebenzisa ikhasi elithi xhumana nathi ukuphawula noma ukubuza nge-website yeziNkonzo zikaHulumeni.
Imephu ye-website, ihlinzeka ngezithombe nemifanekiso yokuhleleka kwe-website. Ihleleke ukusuka phansi ukuya phezulu, lokhu okubeka ulwazi kwi-website ngemikhakha nemikhakha yezihloko ezithile. Lokhu kusiza ukuthi ukwazi ukubona kahle nokuqondisisa kahle ukuhleleka nengqikithi ekuqethwe yi-website.
Ikhasi lokuqala libeka uhla lwezinkonzo ezifinyeleleka kakhulu. Lezi zindawo zokungena zisiza ukufinyelela kwizinkonzo ezinhlanu eziphezulu ezivakashelwa ngabasebenzisi. Uhla lubekwa nokuhlelwa ngokubonelela amanani amakhasi avakashelwe.
Ukuxhunyaniswa namanye ama-website angaphandle, nakho kukhonjisiwe ngamagama athi 'ukuxhunyaniswa kwangaphandle - kuvula kwelinye ifasitela' elizovela kwibhokisana, uma i-cursor yakho ihanjiswa phezu kwalokho kuxhunyaniswa. I-website izovula kwelinye ifasitela lokuhamba-hamba kwamanye ama-website.
Le-website izohlala ifakelwa ulwazi olusha njalo. Umgomo wethu ukunikezela ngolwazi njalo lapho lubakhona. Kodwake abenzi nabathuthukisi be-website yeziNkonzo zikaHulumeni ngeke banikeza isiqiniseko ngokuthi ulwazi lwamanye ama-website esixhumanisana nawo olushicilelwe lapha luzoba ngolwangaleso sikhathi. Bheka kwiziMo neMibandela, kupharagrafu 4.3.
Ubunikazi bolwazi
Ulwazi luhleleke ikakhulukazi kule-website ngendlela ye-HTML. Kodwake amanye amadokhumende ayatholakala ngohlobo lwe-PDF (isibonelo, Imithetho, amafomu), anikezelwa ngale ndlela ukuthi ahlale eyinhlobo okumele abe ngayo ukuhleleka nokwendlaleka kwawo.
Kokunye kuthatha isikhathi eside ukuvula amadokhumende e-PDF. Kulesi simo, sincoma ukuthi amadokhumende uwethule kwikhompyutha yakho ebese uwavulela khona.
Izeluleko ezilula zokwethula amadokhumende kwikhompyutha yakho
Kwifasitela le-'Save as', khetha indawo ofuna ukwethulela kuyo idokhumende kwikhompyutha yakho, ebese ucofoza kwinkinobho ye-'Save'. Ifayili izokwethulelwa kuleyo ndawo oyikhethayo.
Kwifasitela le-'Save as', khetha indawo ofuna ukwethulela kuyo idokhumende kwikhompyutha yakho, ebese ucofoza kwinkinobho ye-'Save'. Ifayili izokwethulelwa kuleyo ndawo oyikhethayo.
Ngabe udinga usizo ngezinkinga ohlangabezana nazo kule-website?
Phezulu
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
