zulu.1592.iron
Asinamabele!
Basha kanti
Yisihluku esimangalisayo
Cishe ayizigidi ezine amantombazane ase-Africa ahlukunyezwa wumkhuba ohambisana nesikhulu isihluku, okuhloswe ngawo ukunqanda amabele ukuba angakhuli...
UJOSIANE Matia uneminyaka engu-11 - uyintombazane esazongena esigabeni sokukhula nokusadingeka ukuba ahambe ibanga elide futhi adlule kwezinkulu izingqinamba - kodwa kuyena namanye amantombazane ukukhula kube yisiqalekiso nesijeziso esihambisana nokwesaba nobuhlungu obumangalisayo.
Ngisho ukuya esikoleni yinto enzima. Ukuhamba kwakhe kulawulwa yisixwexwe sesikhumba esisesifubeni esibophe amabele - lobu buhlungu usebubekezelele izinyanga ezintathu zonke manje.
"Ngaphambi kokufaka lesi sikhumba, umama wasebenzisa itshe lokugaya elalifakwe emlilweni, wangihlikihla ngalo esifubeni," kusho yena.
"Njalo ebusuku umama ungihlola esifubeni angihlikihle, ngesinye isikhathi ngembokodo yokugaya," kusho yena.
Inhloso wukuba amabele angahehi abantu besilisa.
UBessem Ebanga wabeNational Network Of The Associations Of Aunties uthi eCameroon u-24 percent wamantombazane amancane, cishe eyodwa kwamane yenziwa lo mkhuba wokuncishiswa kwamabele.
AMATSHE, izigqulo, izipuni zokhuni nezensimbi, amacembe ehlukene, upharafini, usawoti, amabhande okubopha amabele - konke kusetshenziswa ngemizamo yokuphikisana nemvelo ukuze amabele angakhuli.
Ngokwezibalo zocwaningo lwangoDecember 2005, u-58 percent wokuncishiswa kwamabele wenziwa omama, u-7 percent ogogo, u-9 percent ngumuntu ongudadewenu, u-9 percent kube ngu-anti, u-10 percent kube ngosiza ukubheka ingane ekhaya, u-7 percent kube yilowo muntu azenze.
"Ngaphandle kobuhlungu, lokhu kungaholela emdlavuzeni wamabele nakwezinye izifo," kusho uMarie Eteki ongudokotela eCameroon. Engqungqutheleni yokukhombisa ukuzwelana nabahlukumezekile emhlabeni i-United Nations International Day In Support Of Torture Victims Worldwide eyayingoJune kulo nyaka eYaounde, eCameroon, uMathias Nyoh Dinga, womnyango wezobulungiswa wathi ukuncishiswa kwamabele ngale ndlela enesihluku into efana ncamashi namanye amacala ahambisana nesigwebo ngakwezomthetho.
UDinga uqhube wathi ngisho ngabe kulusiko kodwa yinto engavumelekile emphakathini.
Kusukela ngaleso sikhathi, sebebaningi abaphumela obala bekhombisa ukungahambisani nalo mkhuba wokuncishiswa kwamabele. Okunye okwagqama ngalo mkhuba wukuthi awuphumeleli ekufezeni injongo yawo ebalulekile!
UKUNCISHISWA kwamabele akubanqandi abesilisa ukuba 'bangawaboni' amantombazane. Izinga lokukhulelwa kwabantu abasha eCameroon lisephezulu. "Lokhu kukhomba ngokusobala ukuthi ukuncishiswa kwamabele akusebenzi," kusho uDkt Flavien Ndonko wabeGTZ, okuluhlelo lwabaseGerman-Cameroon lwezempilo olusiza abaneHIV/AIDS.
Abantu abasha cishe bangu-5,5 percent wesibalo sabantu abaphila ne-HIV, babe ngu-one-third wamaphesenti asuka ku-20 aye ku-30 wamantombazane akhulelwa ngokungenasidingo.
"Kubazali kunzima ukukhuluma ngezocansi ngaleyo ndlela babone kugcono ukuqeda izimpawu zomzimba ezikhombisa ukuvuthwa," kusho uDkt Ndonko.
Ngaphandle kokuhlukumezeka, amantombazane azithola esesezinkingeni ezihlukene...
UJEANINE EFON (23) watshela abe-Inter Press Service ukuthi ukuncishiswa kwamabele kwamenza kanjani abaleke ekhaya ayohlala kwamalume wakhe eneminyaka engu-13.
Umalume wakhe nomkakhe nabo bazama ukumnciphisa amabele ngaleyo ndlela wazithola esekwamakhelwane owakhombisa ukuzwelana naye - kodwa wamdlwengula ngabo lobo busuku.
U-Ariane Elouna naye usitshela indaba efanayo. Ngesikhathi efika ekhaya ephuma esikoleni ngelinye ilanga ntambama, u-anti wakhe wamlandela ekameleni lokulala wambuza wathi: "Yini le onayo lapho esifubeni sakho""
Umama ka-Ariane no-anti wakhe, baqala lapho bewanciphisa.
"Umama wami wathatha isipuni sensimbi wasishisa emlilweni no-coconut emva kwalokho wangicindezela ngako emabeleni ngesikhathi bengilalise phansi," kusho u-Elouna.
"Ngelanga elilandelayo, ngabalekela kwamakhelwane wethu nokuyilapho indodana yakhe yafike yangidlwengula ngakhulelwa."
U-Elouna njengamanje uneminyaka engu-15, unendodana enezinyanga ezintathu.
Nakuba iziphathimandla zaseCameroon ziwugxeka lo mkhuba, kusadingeka ukuba ziwuvale.
"Ngakhala kakhulu ngenxa yobuhlungu," kusho uJosiane, "kodwa umama wayevele athi: 'Qinisela ndodakazi yami, usemncane asikho isidingo samabele njengoba umngaka'" [z]
BONA ZULU - September 2006
Abanamabele
Kusetshenziswa amatshe uma "kundlalwa" amabele.
indaba ngu-ISAAC KWELA
izithombe nguCLIVE THOMPSON
