zulu.157.bec recipes-tips
Ungaziqalela kanjani ibhizinisi elincane uzenzele imali
“Uma ngisebenza kanzima, ngiba nenhlanhla!” - lamazwi akha osozigidi.
Abantu bami bathi – “Anginamali, pho ngingaliqala kanjani ibhizinisi?” Noma, “baningi abantu abazisungulela amabhizinisi, imaphi amathuba mina enginawo?”
Imfihlo enkulu wukuqala ngomoya omuhle. Nanku umhlahlandlela ongakusiza ukwazi ukuqala.
1 Qala uxhumane nabantu emicimbini efana neBONA Empowerment Club. Zazise ubuze nasebephumelele ukuthi bawaqala kanjani amabhizinisi abo. Tshela abaningi ukuthi usungula ibhizinisi.
2 Thuthukisa amakhono akho. Enza uhlu lwezinto okwazi ukuzenza kahle. Ngabe ungumuntu onobungani? Ungakwazi ukutshala? Uyakwazi ukusebenzisa izandla zakho kahle? Uyakwazi ukukhanda izinto? Uyakuthanda ukupheka? Uyakwazi ukubhala ngomshini? Yimaphi amakhono ongawafundela?
3 Zinakekele ugqoke kahle. Yidla ama-vegetable nama-fruit afreshi.
4 Bheka endaweni ohlala kuyona. Yini abantu abahlala khona abayidingayo kodwa okuze kudingeke ukuba bagibele ukuze bayithole? Bakhalaza ngani? Ngabe zikhona izinto zokunakekela izingane ezincane? Ngabe abantu baya emsebenzini ekuseni kakhulu bangabi nesikhathi sokupheka? Ngabe izingane zibuya esikoleni zingenakho ukudla? Ngabe amaphephabhuku namaphephandaba kuyadilivwa? Ngabe akhona ama-veg afreshi?
Bake and Cook for Profit
Amabhulakifesi ongawadayisa
MENU 1
BREAKFAST SCONES WITH ASSORTED TOPPINGS
BREAKFAST SCONES
240g ufulawa
15ml iMoir’s Baking Powder
3ml usawoti
25ml imajarini (hhayi enezinga lamafutha eliphansi)
175ml ubisi noma ubisi oluxutshwe neMageu Number 1 (i-banana noma a-plain)
Indlela yokwenza:
1. Shisisa uhhavini ngo-240oC.
2. Endishini sefela ndawonye izithako ezomile. Sika imajarini uyifake engxubeni.
3. Sebenzisa iminwe uhlanganise imajarini nobisi.
4. Beka ebhodini elibhuqwe ngofulawa. Kugoqe kube wugqinsi olungu-2cm.
5. Kusike izikwele ukufake kwi-baking sheet egcotshiwe. Bhaka imizuzu engu-12-15.
UMQONDO WOKUDAYISA AMA-SCONES
• Faka ibinzana le-diced chilli flakes ne-teaspoon kashizi ogreythiwe iCheddar engxubeni uma ufuna ukushintsha.
• Sika ama-chilli scones abe ngohhafu. Ngaphezulu faka ushizi nobhekeni ukuncibilikise kwi-grill wenze ama-pizza.
• Phezulu kwama-scones a-plain faka i-mustard nocezu lukashizi, noma i-ham ne-mayonnaise noshizi ogreythiwe.
• Hlanganisa u-50ml we-Illovo Sugar engxubeni wenze ama-scones etiye. Asike ohhafu useve nojamu noma i-syrup no-cream.
• Beka ethreyini umboze nge-tin foil uwadayisele abantu. [z]
BONA ZULU – November 2005
