zulu.1575.yourstories_investigates
Umhlaba wemikokotelo
Kuyacaca ukuthi ayikho into abangeke bayikokotela eSA - sebekokotele ngisho iZam-Buk yakudala!
KUBUKEKA kungakholakali, kodwa izimpahla zemikokotelo ezithengiswa kuleli zingenisa enkulu imali kangangoba omunye waze wangena enkingeni yokukokotela cishe 750 000 wamathini eZam-Buk. Idosha ngalinye libiza u-R1 ngokwenani lasesitaladini kodwa lithengiswa ngo-R5.
Lokhu sesiyakwazi ngokuxwayiswa ngomunye wabathengi. Lo mthengi akazange akuthande ukunuka nokuzwakala kwayo le Zam-Buk ayithenga ngaleyo ndlela waxhumana nabenzi bayo bakwaBayer Healthcare.
Bethuka abakwaBayer benza okuthile. Abakuthola kuzokwethusa abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-6 abasebenzisa iZam-Buk ezweni lonkana:
Amathini emikokotelo atholakala kuwo wonke amadolobha ezweni lonkana.
■ Ayisishiyagalombili kwangu-10 amathini omkokotelo atholakala kuma-spaza, amanye kubantu abahweba ngokudayisa ezitimeleni.
■ Engakapheli amasonto amane beqalise ucwaningo lwabo, abakwaBayer bakwazi ukunqanda u-750 000 wamadosha eZam-Buk ezindaweni ezingu-31 ezehlukene ezweni lonkana.
■ Isibalo esikhulu cishe amathini angu-350 000 abanjwa amaphoyisa endaweni eyodwa akhombisa ngokusobala ukuthi nabadayisi abakhulu bayathinteka.
Amaphoyisa agasela edepho eyayinalawa mathini, athola ama-container aphuma kwelaseShayina, ngokusho kukaCharl Potgieter weBayer. Le mikokotelo yaphoqa ukuba abenzi beZam-Buk engu “ngqo” bawahlobise kabusha awabo amadosha ukuze abonakale.
“Sitshela abathengi ukuba bawahlole amathini eZam-Buk abafuna ukuwathenga babheke insimbi entsha ezungeze isivalo,” kuchaza uRichard van der Merwe wabeBayer.
“Sizama ukwexwayisa umphakathi ngemikokotelo ngoba eyekhwalithi ephansi - futhi ingaba yingozi. ‘The steel ring is the real thing’ isona siqubulo sethu salokhu.”
“Akufani nemikokotelo yezimpahla zokugqoka, imithi yokwelapha inezithako ezithile ezakhethelwa ukwelapha. Ngakhoke imikokotelo ingaba yingozi enkulu ezimpilweni zabantu,” kuphawula uSpurgeon Steyn wabeBayer Consumer Care.
Lokhu kusitshela lukhulu ngokuthi inkulu kangakanani imali eyenziwa lapha eSA kangangoba abantu bangaze bazifake enkingeni yokukopisha omunye umkhiqizo njengeZam-Buk bawuthumele ngomkhumbi kusuka eShayina uze ufike kuleli.
Cishe angu-2 million ama-container athunyelwa kuleli ngemikhumbi minyaka yonke, kodwa ayisikhombisa kuphela abhekwayo ukuthi anani kwangu-100.
Abacwaningi base-UNISA bacabangela ukuthi zibiza cishe R10 billion izimpahla zemikokotelo ezithengiswa eSA minyaka yonke.
Ukuhweba ngemikokotelo kuyingozi. Eminyakeni emihlanu eyedlule uCraig Marnoch owayeyiphoyisa eThekwini waba ngowokuqala ukuvalelwa ejele ngenxa yemikokotelo. Wanikwa isigwebo seminyaka emithathu ngemikokotelo yamaDVD namakhomphyutha. Lokhu futhi kwakungokokuqala ukuba umuntu wemikokotelo athole isigwebo esikhulu kangaka ngaphandle kokulengiselwa.
Okunye okungenziwa wukukhishiswa kwenhlawulo eze ifinyelele ku-R5 000 nganoma iyiphi into engumkokotelo eyotholakala kulowo mthengisi. Usomabhizinisi wasePitoli uFerhard Mohamed watholakala enecala lokuthengisa izimpahla eziyimikokotelo kusukeka kuma-Adidas kuya kuma-parts eNissan, ngaleyo ndlela wahlawuliswa R90 000.
Abadayisa imikokotelo bakhubazeka kakhulu ngesikhathi uhulumeni ethola imvume yokuvala umuzi oseCyrildene eGoli owawusetshenziswa njengefemu yamaDVD.
Kodwa kukho konke lokhu, akukho okunqanda imikokotelo, kunalokho ingena ithutheleka kuleli. Kubukeka sengathi iningi lethu alinendaba - akekho noyedwa umthengi abase-UNISA abakhulumisana naye owakhombisa ukungabi nalwazi ngemikokotelo.
Lokhu kungenxa yokuthi cishe uhhafu wethu uthenga imikokotelo ngemali ephansi ngoba futhi ibukeka ifana neyangempela.
UMcwaningi wezeziMakethe e-UNISA eminyakeni emibili eyedlule wagunyaza ukuba abenzi bezimpahla behlise inzuzo enkulu evame ukufakwa emikhiqizweni engama-premium brands ukwenza imikhiqizo eyimikokotelo ibukeke ingahehi.
“Ngezimpahla zokudlala, izimali okufanele ziyosiza amakilabhu zigcina ezandleni zezinkunzi zezigebengu,” kusho uJunaid Motala, oyi-sales manager esitolo seSharks eThekwini.
“Abathengi kufanele bazi ukuthi uma bethenga imikokotelo, nakuba ibiza imali encane, abatholi okufanele imali yabo. Okunye wukuthi ukukhuthaza ukuthengiswa kwezinto eziwumkokotelo kubeka imisebenzi yabanye abantu engcupheni enkulu,” kusho uThami Bolani wabeNational Consumer Forum.
Ingaphezu kuka-2 000 imisebenzi eyalahleka embonini yamaswidi kuphela ngonyaka owodwa ngenxa yamaswidi angumkokotelo. Iyizinkulungwane imisebenzi eyalahleka embonini yokusikwa kwendwangu ngenxa yemikokotelo kanjalo naleyo ephuma kwamanye amazwe ebiza kancane. Kodwa kokunye abathengi ngeke mhlawumbe bakwazi nokubona ukuthi baxhase imboni yemikokotelo, ngokusho kukaFanfan Gaba weDepartment Of Trade & Industry.
“Imikokotelo yeLouis Vuitton neyeChanel iyinkinga kakhulu ngoba idayiswa ezitolo eziphambili kuma-malls nokwenza amakhasimende acabange ukuthi athenga imikhiqizo yoqobo,” kusho yena.
Amaphoyisa aseke azama ukulandela abathengi abathenga izinto eziyimikokotelo. Aseke futhi enza nezivimba-mgwaqo efuna amaCD ayimikokotelo ababopha abatholakala nawo.
Ngabe le mizamo yawo yokulwa nalokhu ayiphumeleli? Kulinganiselwa ekutheni cishe zingu-10% izinto eziyimikokotelo emhlabeni jikelele - kanti lesi sibalo sikhula ngokuphindwe kathathu kunesayo yonke imikhiqizo engu “ngqo” kusukela kuma-Adidas kuya kwiZam-Buk.
Lokhu kuchaza ukuthi miningi imisebenzi elahlekile kanjalo nemali eyinzuzo elahlekile ezweni elisathuthuka njengeSA. Cishe ingu-R2 billion imali elahleka ngentela kahulumeni ezimpahleni zoqobo - nokuyimali engasetshenziswa ekwakheni izinkulungwane zezindlu namakhulu ezikole noma izibhedlela.[z]
Indaba nguPatricia McCracken
■ Uma ufuna olunye ulwazi ngokukokotelwa kweZam-Buk, shayela iZam-Buk Consumer Helpline: 011-921-5293. Ukuze unike ulwazi ngeminye imikokotelo yezinye izinto, SMSa Crimeline ku-32211.
IMITHOMBO: financialmail.co.za; bday.co.za; mg.co.za; iol.co.za
UCWANINGO LUKABONA
◄Ibhemile! Izimpahla eziyimikokotelo ezitholwe ngamaphoyisa zivame ukushiswa noma zifahlazwe.
▼Ngabe uyawubona umehluko? Ithini elisha loqobo leZam-Buk linendilinga yensimbi ngasemphethweni wesivalo hhayi omhlophe.
YINI ABAYIKOKOTELAYO
■ Ukudla okuyimikokotelo kusukela koRajah curry powder kuye erayisini elibiza kancane kodwa elipakishwe njengomkhiqizo ophambili. Ubhontshi ongumkokotelo, amaswidi nempuphu okungalungele ukudliwa.
■ Izinsingo zeGillette Minora eziyimikokotelo.
■ Imikhiqizo yezobuhle neyokuhlanza endlini eyimikokotelo - kubandakanya iDawn lotion, i-Omo neSunlight Liquid.
■ Utshwala obuwumkokotelo - angaphezu kuka-2 000 amakesi otshwala obushisayo obumhlophe obatholakala eThekwini ngesikhathi amaphoyisa esesha.
■ Ama-games ePlayStation ayimikokotelo kanye nemidlalo yamakhomphyutha.
