zulu.1563.hloni
Uthuthukisa abaculi
Emva kokwesula emsebenzini wakhe wokuqala, uHloni Modise wasebenza embonini yezomculo eSA enza omunye umsebenzi wagcina esethuthukisa abaculi. Lapha uHloni usitshela ngomsebenzi wakhe...
UMQASHI wami wokuqala wayengiphethe kabi. Emva kwezinyanga ezintathu kuya kwezine ngisebenza ngathi kuyena: "Nginike umholo wami ngihambe." Ngawudla ngosuku olulodwa ngawuqeda. Abantu ababephethe leyo nkampani ngangibazonda kangangoba ngangingafuni nokugcina imali yabo esikhwameni sami.
Manje ngisebenza njengemenenja yegatsha lakwaSony-BMG eliseSA. Le nkampani iyisitebela sabaculi abanjengoBeyonce, R. Kelly, Celine Dion, Brandy noBritney Spears kanye nabaculi baseSA abadumile.
Ngiqale ukusebenza kuyona njengonobhala ngathola ithuba lokwenza lo msebenzi emva kokuba bebone ukuthi badinga umuntu ozoqinisa amaxhama okuxhumana phakathi kwabaculi neziteshi ezisakazela umphakathi ukuze zidlale umculo wabaculi esibamele.
Nganginenayo imoto ngigibela amatekisi uma ngiya emihlanganweni. Ngake ngagibela itekisi no-Andile Gaelesiwe (owethula iKhumbul'ekhaya) eyoba nengxoxo kwesinye isiteshi sokusakaza!
Ozakwethu babethi, "Hloni izinto asizenzi kanjalo." Kodwa kwakufanele umsebenzi wenziwe.
Ngineminyaka emithathu ngenza lo msebenzi. Ngaphasa izifundo zokuphathwa kwebhizinisi kanti manje ngenza ezokuphathwa kwezinhlelo.
Umsebenzi wami ubandakanya ukuqinisekisa ukuthi amakhono abaculi bethu aqhakanjiswa kahle - kwiTV, emsakazweni, emaphephabhukwini nasemaphephandabeni.
Ngiba nerekhodi lakho konke okwenziwa abaculi bami ngifake okubhalwa amaphephabhuku namaphephandaba ngabo emafayilini abo. Lokho ngikwenza ukuze kuthi uma selehla isasasa labo bangasho ukuthi akukho engabenzela kona.
Thina asitholi maSAMA! Kuba mnandi ukuzwa abantu bencoma umsebenzi wakho!
Usuku olwaba nzima kimina yingamhla kushintshwa uhlelo esasizobonana ngalo nabaculi ngagcina senginoKB neMalaika bethwebula izithombe zeTV ezihlukene, uLetta Mbuli enengxoxo nephephabhuku - konke lokho kwakuzokwenzeka ngosuku olulodwa!
Ngangimatasa ngiqinisekisa ukuthi konke kuhamba kahle.
Maningi amantombazane ajatshuliswa wukuba kule mboni kodwa anyamalale emva kwezinyanga ezintathu. Ngeke ulunge uma ungene kuyona ngoba uhehwa wubukhazikhazi.
Ngafundiswa wuLindelani Mkhize (wohlelo olwaluthi I Want To Sing Gospel?) ukuthi akufanele wesabe izihlabani.
"Khumbula ukuthi izihlabani ziphathiswa okwezithixo lapha phandle kodwa zingabantu njengawe nami kanti nazo zinezikweleti," kusho yena.
Anginangcindezi ngoba abazali bami bayangithobela uma ngingabanga nosuku oluhle. Kukhona noKgothatso Mtau engithandana naye oyisiphephelo sami. Ungumcwaningi wamabhizinisi kanti akasiyo ingxenye yemboni yomculo.
Ukhona noThabang ingane yami. Ukuba ngumama kwangifundisa okuningi. Kwangenza ngabona ukuthi nginamandla nokuthi ngingakwazi ukudlala indima yabo bonke abantu - ekamama, eyomuntu osothandweni, eyowesimame osebenzayo neyomfundi.
Abaculi asebekhulile bayazazi zonke lezi zinto kanti kulula ukusebenza nabo. Ngicabanga ukuthi okwenza bahambe ibanga elide kangaka wukuthi umculo bawuphethe njengebhizinisi.
Abaculi abasha baduma unyaka owodwa banyamalale. Baziphatha budlabha.
Kodwa ukusebenza nabantu abanjalo akusiyo neze inkinga. Okuba buhlungu kakhulu wukushona komculi. Baningi abafuna ukwazi ngaye bafune nezithombe zakhe uma engasekho. Asisitholi isikhathi sokumlilela.
Ngangisondelene kakhulu noJabu Ndaba weMalaika engakashoni. Kwathi lapho esegula kakhulu sahlangana sizobonisana ngezingxoxo zabo. Wayengenankinga - kanti abantu abangenankinga yibona abahambayo.
Kwesinye isikhathi kuyaye kudingeke ukuba udlale indima kamama kubaculi kanti yimina engamzamela isudi ayezoyigqoka ngisizwa wumfowethu ngesikhathi ezovela okokugcina kwiTV!
Ngavakashela uVuyo Mokoena noJabu Khanyile esibhedlela bengakashoni. Lokho kwenza ngavalelisa kahle kubona.
Okulandelayo engizokwenza wukuzimela. Kule mboni ungaba sengozini yokuhlala unethezeke iminyaka engu-20 ugcine ungasazazi ukuthi ungubani nokuthi ufunani.
Ngingumuntu onentshisekelo kanti ngingathanda ukusebenzisa lawo mandla ngisebenze nabaculi kunokuqashwa omunye umuntu. [z]
Indaba: Patricia McCracken
EZEMISEBENZI
UHloni noLesley Mofokeng bekuma-Awards eChannel O.
UHloni ekanye noJabu Khanyile onga-sekho.
KUMNANDI UKUSEBENZA NABO
UHloni usitshela ngabaculi abathandayo...
U-CHIPPA, umculi nomdlali:
Akanamahloni okukutshela ukuthi awuwenzi kahle umsebenzi wakho. Ungusomabhizinisi oqikelelayo.
UJABU HLONGWANE, ocula umculo wokholo:
Kukhona abantu ongazihluphi ngokubashayela ucingo ngoba bayalona usuku lwakho, kodwa uJabu weJoyous Celebration uyakwazi ukuqeda ukukhathazeka onakho uma ukhuluma naye ocingweni!
U-DJ SBU, umculi nosomabhizinisi:
U-DJ Sbu akakhohlwa wukubonga uma kukhona omenzele kona.
U-LETTA MBULI, umculi:
Abanye abaculi bathanda ukuthi kwenziwe intando yabo ikakhulu uma kuthwetshulwa izithombe. Bayazikhethela umuntu ozobaphaqula nozobagqokisa kodwa nalapho abagculiseki. U-Letta akanjalo. Uvele athi "Ngizokwenza lokho ongitshela kona."
USIBONGILE KHUMALO, ocula i-jazz ne-opera:
Akazikhangisi kunoma ngubani kanti uze abheke nohlu lwezimenywa ezizofika ekwethulweni kwama-albhamu akhe. Uyazi ukuthi yini umsebenzi wakhe ebhizinisini lomculo kanti akafuni ukuthi kugcwale abantu abangenamsebenzi. Ungumama ongazwani nento ebhedayo!
UHloni enoJabu Hlongwane kanye noSipho Makhabane abawina amaSAMA.
UHloni noGlen Lewis emcimbini wamaMetro FM Awards...
