zulu.1559.yourstories_crime
Wayeboshelwe ukudlwengula indodakazi yakhe enezinyanga ezintathu - kodwa wayengafuni ukuya ejele ngokuhlukumeza ingane, efuna ukuya khona njengombulali. Wahamba ngemoto waze wamthola umuntu azombulala
PHEZU kwezinhlungu nokopha, uJudy wazabalaza wathatha i-cellphone yakhe wakwazi ukushayela umyeni wakhe u-Allen. U-Allen wafika ngokukhulu ukushesha ngalo lelo langa ngoMay 2001 wafike wamthola elele otshanini egcekeni eliphambi komuzi wabo eSouth Carolina eMelika.
Ngesikhathi uJudy eyiswa esibhedlela, kwase sekukuncane odokotela ababengakwenza kulo mama onemiyaka engu-39. Wagcina efile ngenxa yokudutshulwa.
Ekhuluma namaphoyisa umyeni wakhe u-Allen wathi uJudy wamtshela ukuthi udutshulwe ngumuntu ogama lakhe ngu-"Barry" owayemcuthele emzini wabo ngesikhathi efika evela emsebenzini.
Ngabe wazisho lezo zinto"
Noma kunini lapho kubulawe unkosikazi, umuntu osolwa kuqala ngumyeni wayo. Ngabe u-Allen wayibulala inkosikazi yakhe"
Ngesikhathi eqhubeka nokuphika noma yini emhlanganisa nalobu bugebengu, abaseshi bahlola indawo ekwenzeka kuyo lokhu.
Kwacaca ukuthi umbulali wangena kuyo yonke indawo endlini emzini walaba bashadikazi. Wafike wadla, wageza, wadlala amaTV games - wasebenzisa ngisho ne-sex toy kuyena.
Abacwaningi baphinde bathola ne-note eyayifundeka kanje: "Lena ngekankosikazi wami uMelanie Binney. Ngiyaxolisa ukuthi kuphele kanje. Konke enginakho ngikushiya kumkami ongithandayo nongunkosikazi onginakelelayo." yayisayinwe ukuthi "Jonathan Binney".
U-Allen Southern wathi wayengazi muntu owayenalelo gama, kanti futhi ngokwazi kwakhe nomkakhe wayengenalwazi.
Kodwa amaphoyisa acabanga ukuthi ukhuluma iphutha. Kwaya kukhula ukusola ngesikhathi bethola into yokuqopha inkulumo ocingweni endlini.
U-Allen wayeqopha izinkulumo zomkakhe ngoba wayemsola ukuthi uyajola.
Njengokufakaza kwabangani nabomndeni, umshado wabo wawusufadalala kangangoba base belala emakamelweni ahlukene kodwa bavuma ukuba bahlale ndawonye ngenxa yendodana yabo eneminyaka emihlanu.
Yini enye! Ezinsukwini ezimbili ngaphambi kokuba uJudy afe, watshela udadewabo ayiwele naye uTrudy ukuthi useyamsaba umyeni wakhe. Wathi uma kwenzeka kukhona into eyenzekayo kuyena, abangani bakhe ngeke bangabaze ukuthi u-Allen nguye owaziyo.
Wayenesikhwele engafuni ukubona umkakhe enenye indoda, azi futhi ukuthi uJudy uzothola ilungelo lokuhlala nendodana yabo uma bedivosa. Wayezohlomula futhi emishwalensini yomkakhe nendodana.
Amaphoyisa konke lokhu akuhlanganisa athola ukuthi yizinto ezingenza indoda ibulale umkayo.
Ngenxa yaleyo ncwajana, kwafunwa uMelanie Binney, umbhali wayo wachazwa njengomyeni wakhe uJonathan. U-Allen wathi wayengamazi uJonathan, kodwa amaphoyisa akholwa wukuthi waqasha umbulali oneminyaka engu-26 ukuba abulale umkakhe.
Kodwa akuzange kutholakale ukuxhumana phakathi kwalaba besilisa bobabili.
UJonathan wayengaphandle ngebheyili emva kokuboshelwa ukudlwengula indodakazi yakhe eneminyaka emithathu. Manje kwase kukhishwe incwadi yesibili egunyaza ukuba aboshwe - kulokhu ngokusolelwa ukubulala.
Watholakala ecashe ngaphansi komuzi wakhe enamathisele i-nicotine eyisithupha esifubeni sakhe.
Watshela amaphoyisa ukuthi wayezama ukuzibulala ngokubhema i-nicotine ngokweqile. Avele ahleka ngoba eyisithupha yayingeke imbulale - kunalokho engu-600.
"Usefile"" kusho kubuza uJonathan ngesikhathi bemfase ngezinsimbi.
"Ubani"" kubuza elinye lamaphoyisa.
"Inkosikazi engiyidubulile," kusho uJonathan.
Izinqamu zikagwayi ezatholakala lapho kwenzeka khona lobu bugebungu zahlolwa amathe kwatholakala ukuthi zazibhenywa nguJonathan.
Isibhamu sohlobo lwe-9mm satholakala endaweni ephakathi komuzi kaJonathan kanye nendawo okwenzeka kuyo lokhu kubulala kanti sakhonjiswa njengaso esisetshenzisiwe. Inhlamvu yesibhamu yatholakala kwelinye lamaphakethe kaJonathan.
Kodwa wambulalelani uJudy" Lokhu kwacaca.
Emva kwalokho uJonathan washayela amaphoyisa ucingo esejele efuna ukuvuma.
"Sasilindele ukuba asitshele ukuthi umyeni wakhe wamqasha ukuba enze lo msebenzi," kusho uLieutenant Spike McCraw ongomunywe wabantu ababesebenza leli cala.
Esikhundleni salokho uJonathan wabatshela okwehlukile nokwashiya abaseshi bexhwalile.
UJonathan Binney wavuma ukuthi wadlwengula indodakazi yakhe enezinyanga ezintathu, washo ukuthi wayazi wayezokuya ejele ngenxa yalelo cala futhi azi ukuthi ejele uzofike ahlushwe bamdlwengule ngoba becasulwa akwenza enganeni.
"Wayefuna ukuba aboshelwe ukubulala," kusho uLieutenant McCraw.
Wasuka lapho waqonda emzini obuqamama, wangena ngefasitela elalingavaliwe, wanquma izintambo zocingo wacutha elindele noma ngubani ozoqhamuka emnyango.
Ngeshwa kwaqhamuka uJudy.
Into yokuqala ayithola ngesikhathi efika ekhaya ngo-3.30pm cishe kwaba yincwadi kaBinney eyayichaza ngokuzibulala. Emva kwalokho wambona. Kwathi lapho ephenduka ebaleka, wadubula kabili, wamshaya kanye esiswini. UJudy wasebenzisa i-cell yakhe washayela umyeni wakhe u-Allen. Igama acabanga ukuthi walisho wu"Binney" hhayi u"Barry".
UJonathan Binney wabekwa icala lokubulala uJudy Southern nokudlwengula indodakazi yakhe. Wathola lokhu ayewancengela kona amaphoyisa ngesikhathi evuma - isigwebo sentambo.[z]
Indaba nguMarissa Charles/Splash News
AMADOKODO OBUGEBENGU
Sasithi uzosi-tshela ukuthi umyeni wakhe waqasha umuntu ukuba abulale unko-sikazi wakhe
Wabulala umuntu angamazi ngaphandle kwesizathu
1. UJudy no-Allen Southern nendodana yabo uJoshua owayeneminyaka emihlanu ngesikhathi sokubulala.
2. Ekuqaleni babekholwa wukuthi u-Allen wayeqashe umuntu ukuba abulale umkakhe.
3. Ubuso bomuntu ohlukumeza izingane nombulali uJonathan Binney.
4. UJonathan nomkakhe uMelanie. Incwadi ashiya eyibhalile yanika amaphoyisa umkhondo.
5.U"Barry" noma "Binney"" I-signature eyatholakala encwadini yokuzibulala eduze kwesidumbu sikaJudy.
6. Isikhali sokubulala satholakala endaweni
ephakathi kwendawo yokubulala nomuzi kaJonathan Binney.
7. I-DNA eyenziwa ematheni ayesezinqanyini zikagwayi yakhomba ukuthi lezo zinqamu zazibhenywa nguJonathan.
