zulu.1544.christmas
Okuzoyizayo
ongakupheka
BONA ZULU – December 2007
Zama nazi izidlo eziconsisa amathe ongazithokozela nomndeni nabangani ngalawa maholidi
amaresiphi nezindlela zokuhlela ngabeGEMINI FOOD PROMOTIONS
izithombe nguKIM THUNDER
African Pot Lamb
2 izipuni (30ml) uwoyela
10 ama-lamb chops
2 upelepele obomvu okhishwe izinhlamvu waqotshwa
500g ubhatata ocwecwiwe wasikwa izingcezu
500g amazambane acwecwiwe asikwa izingcezu
1 u-anyanisi osikwe izingcezu
2 ukherothi osikwe izingcezu
3 izinkomishi (750ml) i-beef stock
1 x 410g ithini likatamatisi
1. Epanini shisa uwoyela uthose ama-chops bese uwabeka eceleni.
2. Thosa ezinye izithako ezisele imizuzu embalwa (ngaphandle kwe-stock).
3. Beka ama-chops kanye nokusepanini kwi-casserole dish. Thela i-beef stock. Kubhake kuhhavini oshisiswe ngezinga elingu-160oC isikhathi esingangehora noma inyama yemvu ize ithambe.
Kwanela abangu-6
Kubiza: R53,55
Easy Yogurt Cake
1 x 175ml isitsha se- yogurt
1 isitsha se-yogurt (175ml) uwoyela
2 izitsha ze-yogurt (350ml) i-caster sugar
3 izitsha ze-yogurt (525ml) ufulawa i-self raising
3 amaqanda
i-icing sugar yokubhuqa
1. Faka zonke izithako endishini uzishaye (kungakuhle lokhu ukwenze nge-electric mixer) imizuzu engu-2-3.
2. Kuthele kwi-ring tin egcotshiwe ene-diameter engu-23cm (noma i-cake tin eyindilinga engu-20cm). Kubhake kuhhavini oshisiswe ngezinga elingu-160oC ihora elilodwa.
3. Kuphendulele kwi-cooling rack ukufake i-icing sugar lapho sekupholile noma ufake i-glacé icing bese ukuhlobisa nge-fruit.
Kubiza: R21,20
Kwanela abangu-6
Holiday Sweet And Sticky Pork Ribs
1 1/4 izinkomishi (310ml) i-tomato sauce
2 izipuni (30ml) i-Worcestershire sauce
1/2 inkomishi (125ml) i-syrup
1 i-teaspoon (5ml) ugaligi ogayiwe
4 izipuni (60ml) i-sweet chilli sauce
2kg ama-spare ribs e-pork
faka amanzi
1. Kujeke hlanganisa ndawonye i-tomato sauce, iWorcestershire sauce, i-syrup, ugaligi ne-chilli sauce. Kufake endishini enkulu ufake nama-ribs. Kumboze ukuqandise amahora angu-24.
2. Faka ama-ribs epanini elikhulu. (Kuzodingeka ukuthi uwasike abe ohhafu.) Thela i-marinade bese ufaka amanzi anele ukuba ngaphezu kwama-ribs. Kugxabhise imizuzu engu-45 kuze kuthambe ama-ribs.
3. Beka ama-ribs kwi-roasting rack. Gxabhisa uketshezi kuze kube liyancipha liba sasojana.
4. Beka ama-ribs ngaphansi kwe-grill, imizuzu engu-9 zinhlangothi zombili.
Kubiza: R62,40
Kwanela abangu-8
ISELULEKO: Uma ungenayo iWorcestershire Sauce sebenzisa 1/2 i-beef stock cube encibilikiswe ezipunini ezimbili (30ml) zamanzi abilayo.
Festive Beef Curry
4 izipuni (60ml) uwoyela
1kg isigaxa sesiteki noma i-brisket esikwe amaqatha
3 u-anyanisi ocwecwe waqotshwa
2 izigaxa zikagaligi ogayiwe
1 isipuni (15ml) u-curry powder oshisayo
3 upelepele obomvu okhishwe izinhlamvu waqotshwa
4 izipuni (60ml) i-tomato sauce
1 1/2 izinkomishi (375ml) i-beef stock
usawoti nophepha
4 amazambane acwecwiwe asikwa izikwedlana
1. Epanini shisa uwoyela uthose inyama ibe nsundu uyibeke eceleni.
2. Thosa u-anyanisi nogaligi, ubondele phakathi u-curry powder nopelepele ukupheke imizuzu emibili bese ufaka inyama.
3. Faka i-tomato sauce, i-stock, usawoti, uphepha namazambane. Kuyeke kuphekeke isikhathi esingangehora noma inyama ize ithambe.
Kubiza: R53,60
Kwanela abangu-6
Sweet And Sour Chicken Wings
1,5kg ama-wings enkukhu
1/4 inkomishi (60ml) ufulawa wokubhuqa
usawoti nophepha
1/2 inkomishi (125ml)
i-syrup noma uju
1/2 inkomishi (125ml)
i-lemon juice
2 izipuni (30ml)
i-Worcestershire Sauce
1. Faka ufulawa, usawoti nophepha endishini. Bhuqa ama-wings enkukhu bese uwabeka kwi-baking tray.
2. Kujeke hlanganisa ndawonye i-syrup, i-lemon juice, ne-Worcestershire Sauce bese uthela enkukhwini.
3. Kubhake kuhhavini oshisiswe ngezinga elingu-160oC ihora elilodwa noma inkukhu ize ibe nsunjwana ngombala.
Kubiza: R39,90
Kwanela abangu-6
Chocolate Fruit Bars
1/2 inkomishi (125ml) imajarini
1 inkomishi (250ml) ushukela
2 izipuni (30ml) ukhokho oyimpuphu
1 iqanda elishayiwe
1 i-teaspoon (5ml) i-vanilla essence
1/2 inkomishi (125ml) i-dried fruit cake mix
1 x 200g iphakethe lamaMarie biscuits ahleshuliwe
ushukela wokuhlobisa
1. Epanini bilisa imajarini, ushukela nokhokho umzuzu owodwa.
2. Faka iqanda ne-vanilla essence, ufake i-dried fruit namabhisikidi.
3. Kuhlanganise kahle ngesipuni sokhuni.
4. Kucindezelele ethreyini eligcotshiwe, ukuvuvuzele ngoshukela ukuyeke kusethe.
Kubiza: R17,78
Kwanela abangu-16 [z]
African Pot Lamb.
Easy Yogurt Cake.
BONA ZULU – December 2007
u
ISEBENZA amahora angu-24 ngosuku ukuze ikuvikele - lena yiyona ndlela evuselela ukusebenza kwamasosha akho omzimba.
Ayizigidi ngezigidi amagciwane, ama-microbes, izifo ezehlukene, izinto ezingubuthi nezilwanyana ezincela igazi lethu - konke okuthanda ukuzisondeza ezimpilweni zethu.
Amasosha akho omzimba yiwo avikela impilo yakho, umsebenzi wakho nabomndeni wakho ukuze nihlale niphilile.
Uma ugula, kusho ukuthi amasosha akho omzimba adinga usizo. Thola kudokotela wakho ukuthi ngabe udinga ukuxilongwa ngokwelashwa ukuze uzisize ngokuba uqale uhlelo lokunika amasosha akho omzimba umdlandla. Nazi izimpawu okudinga uziqaphele:
l Ukukhathala
l Ukungakuthandi ukudla
l Izilonda
l Izindlala ezivuvukele
l Ukujuluka
l Ukugula okungapheli
Ukuze usize amasosha akho omzimba enze umsebenzi wawo ngokugcwele usuku lonke, kufanele uwanakekele:
l Yidla ukudla okunomsoco
l Yehlisa utshwala
l Ungabhemi
l Zinike isikhathi esanele sokulala
l Yehlisa izinga lokukhandleka komqondo.
Ngalawa maholidi, qiniseka ukuthi uyaphumula kunokuba uzidumise emaphathini. Nakekela impilo yakho ngezakhamzimba zemvelo zakwaPEP iMixture Of Life Herbal Immune Booster.
Ingakusiza uzizwe ungumqemane unomdlandla usizakale welulame nasekuguleni ngoba iqukethe uchunge lwamavithamini kanjalo neHypoxis rooperi. Ine-African potato eyaziwa ngokuthi ilabatheka ekade yayisetshenziswa njengomuthi wemvelo wokwelapha. Ungalindi kuze kube ngunyaka ozayo ukuze uqale ukunakekela impilo yakho. Qala namuhla.[z]
BONA ZULU – December 2007
Hlala uphilile!
udaba oluxhasiwe
Amasosha akho omzimba ayinjini yempilo yakho - ngakhoke anakekele uma ubona ukuthi aphelelwa amandla
t
Okuzoyizayo
ongakupheka
