ZULU.1542.muthi
nguFORCE KHASHANE
NGABE ukungazi ngesizukulwane sakho kungenza ukuba uboshwe" "Angizange ngibikwe emadlozini ami," kubhala owesilisa odonsa isigwebo seminyaka engu-15.
"Ngineminyaka engu-33 manje kanti ngifuna ukwazi ngemvelaphi yami ngingakaphumi ejele ngoba ngesaba ukuthi ngiyophuma ubaba engasekho emhlabeni bese kuba yinkinga ukuthola ithuba lokuthola iqiniso ngokwami kuyena.
"Nguwe kuphela ongangisiza kule nkinga."
Ngafunda le ncwadi ngazibuza ukuthi ihlushwa yini ngempela le nsizwa... Ngabe ihlushwa yimvelaphi yayo noma icala elenzile elibe yimbangela yokuthi igqunywe ejele iminyaka engaka"
Ngabuye ngathola lawa mazwi encwadini yayo: "Angazi nangezithakazelo zami," kubhala yona.
Yilokho engangikudinga ukuze ngiyisize.
NgesiSuthu izithakazelo sithi yiseboko, ngesiXhosa kube yisiduko.
Ngazibuza ukuthi ngabe bangaki abantu abazithola benenkinga efana neyale nsizwa" Kuthiwani ngalabo abangazihluphi ngemvelaphi yabo"
Kwenzekani ezinganeni ezizalwa zingatshelwa lutho ngamasiko azo" Ngabe nazo ziyogcina zinenkinga efana neyale nsizwa"
Incazelo yayo yokuthi yaboshwa ngoba ingayazi imvelaphi yayo ayingigculisanga.
Njengezangoma, senza konke okusemandleni ukuxhumana namadlozi ethu.
Izithakazelo zingakusiza ukuze wazi ngokhokho bakho, isizukulwane sakho, ukuthi lowo mndeni wadabukaphi, isizwe enadabuka kusona namakhosi aso.
Yilolo lwazi olusiza empumelelweni yalowo nalowo mndeni.
Ukwenza isibonelo nje umsebenzi wokwelapha ezangomeni udlulela kwizizukulwane ngezizukulwane. Kufana nokwakha, ukufuya nokunye.
Imindeni ingenza imisebenzi icele amadlozi ukuba abuyise izinhlanhla zalowo mndeni.
Ngokwalesi siboshwa, akukho msebenzi esenzelwa wona: "Ngokubikwa emadlozini ami ngisho ukuthi akukho silwane engahlatshelwa sona ukuze kwenziwe imbeleko."
Imbeleko yisikhumba sesilwane okubelethwa ngaso ingane.
Mandulo ingane yayibikwa emadlozini ngokuhlatshelwa imbuzi.
Namuhla, bambalwa abantu abakwaziyo ukushuka isikhumba sembuzi sibe yimbeleko.
Ukushukwa kwesikhumba kwakuba yingxenye yomndeni owandayo. Uma umakoti osanda kushada enenkinga yokungabatholi abantwana, izangoma noma abadala babethi akuhlatshwe imbuzi ukuze enzelwe imbeleko umakoti onale nkinga.
Kwezinye izindawo imbeleko yayigcotshwa ibomvu elalenza ukuba isikhumba singomi.
Ibomvu linephunga elithandwa amadlozi kanti amathwasa aligcoba emzimbeni nasezinweleni - libuye lenze kube lula ukuxhumana kwawo (amathwasa) namadlozi!
Ingane ebelethwa ngalesi sikhumba esigcotshwa ibomvu amadlozi ayinika izinhlanhla.
Ngeshwa, esikhathini samanje angiboni ukuthi izintokazi zakithi ezikhonze ifeshini ephambili zingavuma ukugcoba ibomvu!
Mhlawumbe abantu bazozibuza ukuthi lesi sikhumba sembuzi esikhuluma ngaso singamsiza kanjani lo mfowethu osejele"
Okumele akwenze kuqala wukuthola isizukulwane sakhe. Kusemqoka ukuba axhumane nomndeni wakhe.
Ngale ndlela uzokwazi ukuthola ukuthi ngabe wenzelwa yini izinto ezinjengembeleko ekukhuleni kwakhe. Emva kwalokho uzokuqonda kahle okwaholela ekutheni athathe lezi zinqumo azithatha ngempilo yakhe. [z]
30 BONA ZULU - June 2006
Ezemithi yesintu
Yazi isizukulwane
sakho!
Bhalela uForce ngemibuzo onayo ngemithi yesintu kuleli kheli: Talking Muthi, Box 473014, Parklands, 2121 noma umthumelele i-e-mail kwethi: forcek@caxton.co.za
