zulu.1535.parenting
Ukukhetha
AMATHOYIZI AYIWO
engane yakhe
NGESIKHATHI sokukhula kwayo ingane phakathi kwezinyanga ezingu-12 kuya eminyakeni engu-3 kulapho ikhombisa khona umdlandla omkhulu kanti futhi ikhula ngamandla. Kukuleli banga lokukhula lapho nawe ufuna ukuyithengela amathoyizi azoyisiza ikhule ngokomzimba, okwemizwa nokuba ikwazi ukuphila emphakathini, ikwazi nokufunda ulimi ngendlela eyiyo yazi nokwenzeka emhlabeni esiphila kuwona.
Okunye ongakuzama...
Ukukhula ngomzimba
Izingane ziyakuthanda ukudlala emnyango zichithe isikhathi esiningi zigijima, zigxumagxuma. Le midlalo ibalulekile kodwa futhi amathoyizi ongayithengela wona kungakuhle kube yilawa aphushwayo noma agitshelwayo.
Kulesi sigaba seminyaka, uzothola ukuthi ingane yakho ayikakwazi ukusebenzisa isandla ngokuhambisana namehlo kanti maningi amathoyizi alusizo kulokhu.
Athandwa kakhulu yilawo anemibala egqamile okwenza umdlalo wokutakisha nalawo amayelana nokuma kwezinto.
Amathoyizi aphushwayo nawo anedumela ezinganeni lapho seziqala ukuzihambela. Abafana, ukwenza isibonelo, bayathanda ukutakisha izimoto ezincane eziningi ngemumva ethoyizini leveni noma i-truck eyisikheqane bese beyawaphusha.
Lapho ingane isikwazi ukuzihambela, ithoyizi eligitshelwayo liyadingeka nomakanjani. Qiniseka ukuthi useyakwazi ukuzigibelela nokuzehlela kalula nokuthi lelo thoyizi liphephile yini.
Ama-puzzle ezingane nezinto engazenza zobuciko ngezinye zezinto ezikahle.
Uma ingane yakho ikhombisa amakhono ezobuciko kufanele uyikhuthaze ngokusebenzisa iphepha, ama-crayon nopende engadweba ngawo ngomunwe. Lokhu kuzoyisiza ekutheni ivuthwe kulowo mkhakha.
Okwemizwa
Amathoyizi atakishwayo yiwo ayindlela enhle ekukhuthazeni ukuthinteka kwemizwa. Iyajabula lapho uyitusa uma yenze kahle kanti iphatheka kabi lapho ibona ngokwayo ukuthi ayenzanga ngokuyikho.
Impilo emphakathini
Izingane eziningi ziyakuthokozela ukuzidlalela zodwa kunokudlala nezinye izingane. Okujwayelekile wukuthi noma izingane zindawonye kodwa zizidlalela ngokwazo ngokwahlukana.
Maningi amathoyizi ezingadlala ngawo ajwayelekile. Kwezabafana kujwayeleke amathoyizi ayizimoto kanti kwezamantombazane kujwayeleke onodoli.
Ngokudlala ngokwahlukana endaweni eyodwa, ekugcineni zidlala ngokuhlanganyela ngamathoyizi awodwa. Lokhu kuba nzinyana ekuqaleni ukuba izingane zidlale ngokubambisana ngoba zicabanga ukuthi omunye useziphuca ithoyizi.
Ukuthuthukiswa kolimi
Izindlela ezivamile ekuthuthukiseni ulimi ukufunda izincwadi eziningi, kodwa futhi akugcini lapho bazali.
Konke ukudlala kubandakanya ukukhuluma, kanti uma ukhuluma njalo ngethoyizi enganeni yakho, kuba ngcono. Ukwenza isibonelo, uma indodana yakho idlala nge-truck yokulahla udoti ebomvu, khuluma ngamasondo amakhulu okuyiwona ahambayo, ingemumva layo elikwazi ukuphakama lichithe, ingahamba iye igcine kuphi lapho uyiphusha nokunye okuningi.
Ngale ndlela uzokwazi ukuthuthukisa ulimi lwengane yakho.
Ekugcineni...
Ukusiza ingane yakho yazi kabanzi ngokwenzeka emhlabeni - maningi amathoyizi athuthukisa akhuthaze ukusebenza komqondo kangcono.
Akhona namanye amathoyizi - atakishwayo, angama-shape sorters, ama-puzzle e-jigsaw, ama-building blocks namathoyizi okwakha.
BONA ZULU October 2008
Ngabe ukhathazwa wukuthi yimaphi amathoyizi ozowakhethela ingane yakho? Uzoyithengela azoyakha ngokwemfundo noma azoyithokozisa? Ungakhathazeki usizo lukhona...
EZABAZALI
Imititilizo yakwaReggie's
UBONA unamakhadi ezipho angu-8 akwaReggie's onikezela ngawo abiza R500 lilinye.
Uma ungenasiqiniseko ngokufanele ukuthenge, okungcono ongakuthenga kungaba amakhadi ezipho akwaReggie's. KwaReggie's banesipiliyoni sokudayisela kahle amakhasimende nochunge olubiza kahle lwemikhiqizo yakwamumva yekhwalithi ephambili yezingane, amathoyizi nama-games.
Okufanele ukwenze wukuthatha ikhadi lezipho kunoma yisiphi isitolo sakwaReggie's kwezingu-36 ezweni lonkana, uligcwalise ngenani olifunayo ukhethe ithoyizi.
Ukuze ungenele owokutonyulelwa owenhlanhla, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo yezikhathi zasemini bese ukuthumela kuleli kheli: BONA/Reggie's Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060 noma uSMSe REGGIES ku-35919. (I-SMS ngayinye ibiza R3.)
Usuku lokuvala: October 31, 2008.
BONA ZULU October 2008
Ngabe ingane yakho
WUKULALA?
UKULALA kubalulekile ezimpilweni zethu. Uma silala siyaphumula umzimba uvuselele umdlandla wawo. Okungakanani ukulala okwanele, ikakhulu enganeni yakho?
Kufanele ukhumbule ukuthi njengokwehlukana kwezingane - nangokwezidingo zokulala zihlukene. Nanku umhlahlandlela ohambisana ngokwezinga leminyaka...
Ingane esanda kuzalwa: Ivame ukulala amahora aphakathi kwangu-16 nangu-19 ngosuku ilokhu ivuka idle emahoreni amabili kuya kwamathathu ngosuku.
3 izinyanga: Ilala amahora cishe aphakathi kwangu-13 nangu-15 ngosuku nokuyilapho amahlanu eba semini kuthi amanye abe sebusuku. Kuleli zinga ukulala kwenza ingane yakho ikhule ngokushesha.
6-12 izinyanga: Ilala amahora angu-12-14 ngosuku. Kufanele ilale kakhulu ebusuku kanti futhi kukulesi sigaba lapho nawe usukwazi ukukhala kwayo okwehlukile uma ilambile, ikhathele noma izwa ubuhlungu.
1-3 iminyaka: Ingane kulesi sigaba idinga ukulala okwanele - phakathi kwamahora angu-11 nangu-13 ngosuku. Kungaba ngumqondo omuhle ukuyilalisa ngokohlelo lwasenkulisa ukuze uyilungiselele leso sikhathi.
3-5 iminyaka: Ingane yasenkulisa idinga ukulala cishe amahora aphakathi kwangu-9 nangu-11 ebusuku. Ukulala kumuntu onjalo kufanele kube yinto elula... nokunika nawe mzali isikhathi sokuphumula.
iyanela
UTHI UBUWAZI?
Ingane esanda kuzalwa ayikhali izinyembezi zoqobo emasontweni okuqala amathathu, mhlawumbe ingakhali kwanhlobo kuze kube yizinyanga ezine noma ezinhlanu!
Lezi zinyembezi zinama-stress hormones nokuthi lapho ingane ikhala, isizakale kwehle ulaka!
