Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Ukugana ngaphansi komthetho wenkambiso yezamasiko
Isicelo sokubhalisa umendo wenkambiso yokosiko
Ukubonisana negqwetha lomndeni
Ukushada ngaphansi komthetho wosiko
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo Kubantu
Ubudlelwane nezobulili
Isicelo sesitifikedi somshado (kumshado wesilungu)
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Izincazelo
Isitifikedi somshado sinenhloso yokuba wubufakazi bokuthi ushadile. Umshado kumele kube wenziwe phambi kwabantu abashadayo, ofakazi ababili abanamadokhumende omazisi kanye nesikhulu sokushadisa.
Phezulu
Izinyathelo okumele zilandelwe
Gcwalisa ifomu lesicelo le-BI-130 kunoma yiliphi ihhovisi lezaseKhaya eNingizimu Afrika. Yenza isicelo kwinxusa (embassy) noma i-mission uma ungaphandle kwezwe.
Umshado ungenganyelwa yisikhulu esishadisayo enizikhethela sona kwiqembu elithize lezenkolo, inhlangano noma omele aboMnyango wezaseKhaya (weZangaphakathi).
Umshado kumele kube wenziwe esontweni, ebhilidini elisetshenziselwa inhloso yezenkonzo kuphela, ihhovisi likahulumeni noma indlu yangasese. Uma umuntu okumele kushadanwe naye elimala kakhulu noma egula kakhulu, umshado ungenzelwa esibhedlela.
Abantu bangaphandle abashada eNingizimu Afrika, kumele babenamapasipoti kanye nokugcwalisa ifomu lesicelo elingu: BI-31.
Abantu ababili abashadayo, ofakazi ababili kanye nesikhulu esishadisayo, kumele basayine iRejista yeMishado (Marriage Register) ngokushesha ngemuva kokuba umshado uqhutshwe.
Ukushadisa abasebancane ngokomthetho:
Abancane ngokomthetho, ngabantu abangaphansi kweminyaka engu-21, abangakaze bashade ngaphambilini. Ngokulandela umthetho, abantu abake bashada ngesikhathi esedlule, okanti imishado yabo ihlakazwe wukushona noma idivosi, ngeke besathathwa ngokuthi ngabancane ngokomthetho (minors).
Bafakele incwadi yokuvuma ebhaliwe, yabo bobabili abazali kanye/noma umnakekeli osemthethweni, ngokugcwalisa ifomu lesicelo elingu-BI-31. Ungenza isicelo sokwamukelwa nguKhomishana wenhlalakahle yezingane (u-Commissioner of Child Welfare) uma abazali bangeke batholakala noma kungazeki ukuthi singamukelwa kanjani isitifikedi.
Ungenza isicelo sokwamukelwa eNkantolo ePhezulu (High Court) kwindawo ohlala kuyo uma abazali bakho kanye/noma uKhomishana enqaba ukwamukela umshado.
Abantu abadivosile abafuna ukushada futhi, kumele benze okulandelayo babe nomyalelo wedivosi obuya enkantolo. Bafakele isitatimende esifungelwe emthethweni i-afidavithi, uma kukhona isizathu esibambekayo sokuthi kungani ungeke wakhona ukukhipha umyalelo wedivosi, noma uma wadivosa kwelinye izwe langaphandle, nakhona ungeke wakwazi ukuthola umyalelo wedivosi. I-afidavithi kumele ichaze ukuthi umenzi wesicelo udivosile ngokomthetho, igama lenkantolo kanye nosuku lwedivosi.
Abantu abashonelwe abafuna ukushada futhi, kumele benze okulandelayo bakhiphe isitifikedi sokushona kowakwabo owashona. Bafakele isitatimende esifungelwe kwabomthetho i-afidavithi, uma isitifikedi sokushona singekho. I-afidavithi kumele iqinise igama nesibongo somuntu oshonile, kanye nosuku ashona ngalo.
Phezulu
Umthetho osetshenziswayo
Phezulu
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Isitifikedi esifingqiwe somshado: Sikhishwa masishane.
Isitifikesi esingafingqiwe: Izicelo zingathatha amaviki ayisithupha ukuya kwangu-8.
Phezulu
Izindleko
Isitifikedi esifingqiwe somshado: Ngu-R11
Phezulu
Amafomu okumele agcwaliswe
BI-130
BI-31
BI-32
Phezulu
Indawo nendlela yokuxhumana
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Ukuxhumana okuhambelanayo uMnyango wezaseKhaya
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
