zulu.1519.purity
USis Purity oyilungu lesigungu soChwepheshe boKudla kweziNgane kwaPurity, uphendula imibuzo yakho ekudleni kwezingane okunomsoco
Umbuzo 1:
Ingane yami yentombazane uCynthia wumntwana ohlale eneme onezinyanga ezingu-7 kuphela. Uthanda kakhulu ama-dessert no-custard bakwaPurity ngoba uyazithanda izinto ezisashukela. Ngesaba ukuthi uzokhuluphala kakhulu. Ngenzenjani-
- P Ntai, Soweto
Impendulo:
Nakuba ama-dessert no-custard bakwaPuriry benempilo, kubalulekile umnike ukudla okwehlukile njengoba enezinyanga ezingaka - ikakhulu okunenyama ene-iron ethe xaxa elungele ukukhula komqondo. Ukudla okunenyama njengePurity Vegetables And Beef With Apples And Pears, Vegetables With Lamb And Apples And Peaches kunambitheka njengama-fruit.
Kuzothi lapho esekujwayele lokhu, umnike i-macaroni, i-beef nokunye. I-Purity inokudla okwehlukahlukene okungaphezu kuka-80 nama-dessert ongakhetha kuwona. Uma wesaba ukuthi uzokhuluphala, kugweme ukumnika iziphuzo ezihlihlayo, ama-chips noma amabhisikidi anoshukela.
UCynthia uzwakala njengengane enokuzethemba. Zama ukuba umfunze ngendlela angeke akwazi ukuba azingcolise.
Umbuzo 2:
Kungani amabhodlela ePurity engekho emafrijini asemasuphamakethe- Kuliqiniso, ngaphandle kokugqunyiswa, amabhodlela ePurity ngeke akwazi ukuhlala efreshi nakuba ngiqiniseka ukuthi ngiyalubheka usuku okufanele kudliwe lungakafiki.
Umhlengikazi emtholampilo udinwe yisibalo sezingane ezilethwa ziphethwe yi-diarrhoea. Angifuni ukuba lokho kwenzeke kuBongani ingane yami enezinyanga ezingu-8.
Ngicela ukwazi ukuthi kungani amabhodlelana ePurity kuphephile ukuwasebenzisa isikhathi eside-
Z Mkhize, Vryheid
Impendulo:
Umbuzo wakho ngokugqunyiswa uhlale ubuzwa omama nokuyinto enginika ithuba lokukhuluma ngokuphepha. Imikhiqizo yePurity ayigqunyiswanga iphekwa ngezitsha ezinezivalo ukuze kungangeni magciwane. Kufanele njalo uhlale ubheka ukuthi inkinojana yokuphepha yePurity, njalo ihlale iphansi. Uma uvula leli bhodlelana, kufanele kube nomsinjwana omncanyana osakuqhuma nokuluphawu olukhomba ukuthi ibhodlela alikaze livulwe.Ngiyajabula ngoba nihlale nibheka nosuku okufanele nikusebenzise ngaphambi kwalo ukudla nokulusuku oluhlale lubhalwe kuyo yonke imikhiqizo yePurity. Khumbula uma ufunza uBongani yikha kube kuningi ngendlela ocabanga ukuthi uzodla ngayo bese ukufaka endishini ehlanzekile. Uma umfunza kusuka ebhodleleni lokudla ngeke kube lula ukuba kube khona okushiyayo, ngoba amathe akhe azokwenza kube ngamanzi.
Amabhodlelana ePurity, uma usuke wawavula, ungawagcina efrijini izinsuku ezimbili kuya kwezintathu entweni evalekayo.
USis Purity uthi...
ezezimakethe
OMAMA KUFANELE BAXHUMANE NOCHWEPHESHE BABO BEZEMPILO NGAPHAMBI KOKUQALA IZINGANE ZABO NGOKUDLA OKUQINILE. ININGI LOCHWEPHESHE BEZOKUDLA ABAsebenza ngasese e-South Africa, liNCOMA I-Purity EZINGANENI EZIQALA UKUDLA OKUQINILE.
Iminyaka yamabhodlelana ethu isishintshile. Isizathu salokho wukuthi, ukweseka abeWorld Health Organisation (WHO) naboMnyango wezeMpilo kuleli abakwaPurity babone kungcono bashintshe iminyaka yokuqala ukudla okuqinile kuye kufinyelele ezinyangeni eziyisithupha kuyo yonke imikhiqizo yakwa-purity. Ukushintsha kwamabhodlela ethu akusho ukuthi nemikhiqizo yakwaPurity ishintshile, kuseyiyo leyo ethenjwa ngomama asebeyisebenzise ezizukulwaneni ngezizukulwane. AyiGQUNYISWANGA, ayithakwanga ngemibala kanti inochunge lokunambitheka olusiza ekukhuleni kwengqondo nomzimba.[z]
