zulu.1492.muthi
ezemithi yesintu
Ukwelapha izingxaki
zokungavukelwa
BONA ZULU - January 2008
UKUTHI, ukwehluleka ukuphatha 'inkonzo yasekamelweni' ngendlela mhlawumbe kungeke kuyicacise kahle le ndaba. "Ngizizwa ngiphoxeka kakhulu," kusho omunye umfundi onenkinga yokusheshe achithe. "Ngabe mhlawumbe amadlozi yiwo okufanele ngiwasole ngokungawenzi kahle lo msebenzi"
"Umkami nami sithandana impela, kodwa nginovalo lokuthi ukungayibambi kwami kahle inkonzo yasekamelweni kuzokhubaza intokozo yethu," kusho lo mlisa.
Kuyazicacela ukuthi amadlozi awanasandla kule nkinga. Lo mlisa uzimisele ukuxoxa ngale ndaba, akafani nabaningi besilisa abazizwa bephoxekile bakhethe ukufela ngaphakathi.
Omunye umfundi okumanje uneminyaka engu-50 uthi sekuphele iminyaka engu-25 engakwazi ukuvukelwa kahle.
Ngisho ngabe uneminyaka emingakanani... "Isitho sami sangasese sithatha isikhathi eside ukuba siqine," kusho kubhala omunye oneminyaka engu-21 waseThekwini.
"Saqale saqina kancane cishe ezinyangeni eziyishumi ezedlule," kusho kubhala omunye umuntu osemusha. "Ekuqaleni intombi yami yayizwelana nami iyiqonda le nkinga. Kwathi lapho le nkinga iqhubeka, yesabisa ngokuthi izohlukana nami ngoba icabanga ukuthi angisayithandi. Yaze yangisola ngokuthi mhlawumbe ngiyenza isilima kukhona engithandana naye."
"Manje sengiyabesaba abantu besimame ngoba bahlale bekhuluma nabangani babo ngezinto ezenzeka embhedeni, ngakhoke angifuni ukuba yinhlekisa lapho uma omunye wabo ethola ukuthi anginamsebenzi walutho embhedeni," kusho omunye umfundi.
Uma sekuziwa ngasezinkingeni zokungavukelwa, udinga okungaphezu komuthi uvus 'inkunzi. Kodwa kuningi okufanele ukuqaphele ngaphambi kokuzelapha...
Kubalulekile ukuba uxilongwe ngudokotela ngendlela yokwelashwa. Ukwenza isibonelo, kungenzeka ube noshukela nokungakwenza ungavukelwa kahle.
I-STI nayo ingakhubaza ukwenza kahle kwakho embhedeni.
Njengokuya ocansini nomuntu wesimame osezinsukwini zakhe ungazivikele ngekhondomu.
Ukuphuza kakhulu kungacekela phansi ukuvukelwa kwakho.
Kanjalo ne-stress.
Ukwelashwa
Manje lokhu kungelashwa kanjani"
Umuthi okuthiwa uchukwane ungasiza ekutheni induku ivuke. Ngicabanga ukuthi ningawuthola ezinyangeni nasezangomeni ezinobudlelwane nendawo yaseLimpopo.
Lokho kubalulekile! Qiniseka ukuthi uthola uchukwane wakho kumelaphi owaziwayo.
Kukhona futhi imbiza. Uhhafu wengilazi ozowuphuza kabili ngosuku isikhathi esingangesonto, yiwo ozohlanza umgudu wakho wezocansi.
Ziningi izinhlobo zezimbiza, mina ngibona kungakuhle uthole leyo eyenziwa ngamanzi abandayo umathunga noma ingwavuma.
Kodwa kudingeka uqale uxhumane nesangoma esizokufundela amathambo ukuze sibone ukuthi lawa makhambi azokusebenzela yini.
Ukudla amakinati, inhlanzi noshizi nokuphuza ubisi kuyakusiza ube ngumqemane ocansini.
Qaphela ukuzelapha ngokuchatha ngoba lokhu kungalimaza izinso zakho.
Ngaphandle kwalokho, uchatho akusona isixazululo esiyiso ezinkingeni zocansi. Kwanele ukuchatha kabili ngonyaka ngomuthi ongawuthola kumelaphi wendabuko owaziwayo.
Uma uphendukelwe yisisu emva kokuchatha kungcono uphuze okusaluketshezi okufana netiye elimnyama, iphalishi elithambile, ijusi noma amageu ukuze ugweme ukuphelelwa amanzi emzimbeni.
Angazi ngingakuchaza kanjani lokhu ngokwanele: ungalokothi uthathe umuthi wokuchatha noma imbiza kunoma wubani.
Okokugcina...
Ukuhlale uzivocavoca umzimba kungakusiza kwenze ukuvuka kwenduku yakho kube namandla, kanjalo njengomvusankunzi namakhambi afana nobhangalala uma usetshenziswa njalo nephalishi elithambile.[z]
nguFORCE KHASHANE
Bhalela uForce ngemibuzo onayo ngemithi yesintu kuleli kheli: Talking Muthi, Box 473014, Parklands, 2121 noma umthumelele i-e-mail kwethi: muthi@caxton.co.za
