zulu.1490.winnie
noWINNIE
MASHABA
Sisekhaya
U-Winnie ezilolonga.
IMPILO YOSAZIWAYO
Ocula umculo woKholo usivulela inhliziyo yakhe – nekhaya lakhe… indaba nguPule wa Sekano, izithombe nguJudas Hlongwane
U-WINNIE Mashaba umculi osafufusa emculweni woKholo akuthandayo yiphunga elimnandi lokudla akupheka ekhishini lakhe. Akakwazi ukuhlala ngaphandle kosu namanqina enkukhu azishaya isifuba ngendlela akupheka ngayo.
Le ntokazi enomoya ophansi yaseSoshanguve ePitoli, yavulela abakwaBONA ikhaya layo nenhliziyo yayo.
Wayegqoke okwesintu efake neduku elimeshayo ungafunga ukuthi ungumama wasekhaya kunomculi ocula umculo ovusa usinga kubathandi bomculo woKholo.
Akabukeki futhi engumuntu othanda ama-computer games. Enye imfihlo asidalulela yona leyo.
“Ngiyafa ngama-computer games kanti ngikhonze iSolitaire,” kusho yena.
Sekukaningi eqokwa kumaSAMA namaKORA. Waqala ukucula ngo-2000 engenisa nge-albhamu ethi Exodus, eyakamumva ithi Ke Rata Wena.
Eyango-2006 ethi Thola Ngwaneso, yathola i-double platinum kanti ngo-2007 ethi Ke A Le Tshaba Lefatshe, yathola i-platinum.
U-Winnie uthi kuyisifiso sakhe ukucula nezingqalabutho zabaculi abanjengoSteve Kekana noBabsy Mlangeni.
Uthi kwamhlukumeza ukudlula kukaVuyo Mokoena emhlabeni ngoba akekho oyovala isikhala asishiya lo mculi owayenezwi eliyisihosho.
UMokoena washonela ekhaya lakhe eNigel ngoMay kulo nyaka emva kokuphathwa wumdlavuza wengqondo. Wayesondelene kakhulu noRebecca Malope ake acula naye kuma-albhamu akhe ambalwa.
“Imboni yomculo yagqemeka ingozi engeqiwa ntwala ngokushona kwakhe,” kuqhuba uWinnie.
“Wayeyisibani esiyohlale sivutha. Ngimfanisa noLucky Dube noStompie Mavi emculweni. Igalelo lakhe alisoze lafaniswa nelabanye abantu.”
U-Winnie ushade ngoSeptember nyakenye kanti akanazingane. Okwamanje uhlala nezingane zakubo oKarabo noHelen.[z]
▲U-Winnie esekhishini ekhaya lakhe. Uyazifela ngosu namanqina enkukhu.
►U-Winnie nemoto yakhe. Nakuba ethanda ukuphuma ashaywe umoya, indawo ayithanda kakhulu yikhaya lakhe.
▲U-Winnie uhlala nezingane zakubo, oKarabo noHelen.
BONA ZULU October 2008
