zulu.1483.complain
uzivikele!
Unelungelo lokukhalaza njengomthengi. Nansi indlela enhle yokwenza lokhu... indaba nguPatricia McCracken
UTHUKUTHELE uthelwa ngamanzi kanti usukhathele wukuphathwa kabi! Ngabe yikangaki uthola ukungaphatheki kahle uma uyothenga? Sekujwayelekile nokuthi isikhalo sakho sigcine singathathelwanga zinyathelo emva kokubika ngenkinga yakho.
Lukhona usizo. Nakhu ongakwenza ukuze uzwakale...
1: ZIVIKELE
Ngesikhathi kwenziwa ucwaningo ngabathengi kwatholakala ukuthi kwabangu-10, bangu-9 abake bangaphatheka kahle bagcina:
Beziphendulele ngokusebenzisa ulimi
olungaqoqekile (29%)
Bephethwe yikhanda (21%)
Beqaqanjelwa yisifuba (6%)
Bekhala (5%).
Zivikele njengomthengi. Cabanga kahle ngodinga ukukuthenga ubheke ukuthi okuthengile kuhambisana nezidingo zakho yini kuqala ngaphambi kokukhokha. Ngaleyo ndlela ngeke ugcine ukhala.
2: YENZA OKUTHILE
"Njalo uma sithenga, isitolo sicabanga ukuthi asinankinga ngemikhiqizo yaso," kusho uPatrick Deale, wenhlangano yezikhalo ebizwa nge-getclosure!
Uthi emhlabeni wonke imibiko yokungaphatheki kahle kwabathengi mibi kangangoba kuba wumuntu oyedwa kwabahlanu othola ukuphatheka kahle! Kodwa ngokocwaningo, phezu kokuba abathengi bengaphathekile kahle, abayisishiyagalolunye kwabangu-10 abazifaki izikhalo zabo.
Unelungelo lokukhalaza. Lelo lungelo likwayisishiyagalombili abekelwe abathengi emhlabeni wonke, asekwe nayimihlahlandlela ye-UN, agunyazwa nguhulumeni waseSA - kodwa okubuhlungu wukuthi izinkampani zaseSA azilihloniphi.
Umlayezo wokuthi ezikwenzayo akulungile zingawuthola uma wena mthengi ukhalaza.
3: KUNGUMSEBENZI WAKHO
Ungabi namahloni. Phezu kokuba izinkampani zikholwa wukuthi, "Umthengi akakaze abe sephutheni," iningi lazo lifisa ukuba sivale imilomo yethu singakhali. Ngeshwa, yilokho abathengi abakwenzayo.
Izizathu ezenza abathengi babekezelele impatho embi wukuthi abanasikhathi namdlandla wokukhalaza. Kodwa ngokukaDeale, abathengi abazi ukuthi kubaluleke kangakanani ukukwenza lokho.
Kungasiza ukutshela abangani bakho uma isitolo singakuphathanga kahle - kolunye ucwaningo olwenziwa eMelika kwatholakala ukuthi abathengi abalinganiselwa engxenyeni yokubili kokuthathu ababe besangena esitolo uma umngani wabo ekhale ngokungaphathwa kahle.
Kodwa ngokukaDeale, elaseSA lingajabula uma kuqondiswa izigwegwe zenkampani engakuphathanga kahle ungakafiki u-2010 - ngale kwalokho bangu-400 000 abavakashi abayohamba bengathokozile!
4: YAZI UKUTHI UZOQALAPHI
Uma unesikhalo ngento oyithengile, uLillibeth Moolman ongumongameli weSA National Consumer Union uthi qala ngokukhalaza esitolo othenge kusona noma lapho uthole khona impatho embi. Imbangela yalokho wukuthi isivumelwano somthetho siphakathi kwakho nomdayisi - asikho phakathi kwakho nomkhiqizi wempahla oyithengile ongathokozile ngayo.
Uma kungenzeka, hamba uyokhala ucele ophethe kuleso sitolo noma umsizi wakhe ozokusiza.
Beka isikhalo sakho sicace ungavumi ukuhluthukelwa yinhliziyo - isikhalo sakho masihambisane nencwadi oyibhalile (beka ikhophi yakho) neyerisidi noma ye-slip sasethilini (gcina ikhophi engungqo).
Qiniseka ukuthi amaphepha owaphethe ayasayinwa kusayinelwe nezimpahla ezinenkinga uma uzozishiya esitolo.
"Ungathukutheli, udelele noma usabise," kusho uMoolman. "Kunalokho akucace ukuthi aweneme kodwa ube nobubele. Kungenzeka ukuthi akanaphutha umuntu owethula kuyena isikhalo sakho."
5: UNGADIKIBALI
Inkampani ezihluphayo ngomsebenzi wayo izosixazulula isikhalo sakho. Kodwa uma ungagculisekile, faka isikhalo sakho koyimenenja yendawo noma yesifunda nasemenenjeni kazwelonke, ngaphambi kokwedlulela kubaxazululi bezikhalo zabathengi.
Ama-Websites ezinhlangano zabathengi ezinjengeSA National Consumer Union neNational Consumer Forum angakuxhumanisa nezinhlangano zabangochwepheshe kwezohwebo abazokusiza ngokufaka ingcindezi kwabangamalungu abo ukuba basukumele udaba lwakho. Ungavumi ukukhokhela umuntu ozokusiza!
Uma usuzame konke, akhona amahhovisi esifunda ezindaba zabathengi nawoMnyango wezoHwebo nezeziMboni. Bazokuchushisa uma bebona kufanele ukuba udaba lwakho luye kwiSmall Claims Court noma eNkantolo yabaThengi. [z]
THOLA USIZO
Izinhlangano eziningi zokufaka izikhalo zisebenzisa ama-website nama-e-mail. Qala ngokuzama lawa:
SA National Consumer Union: www.sancu.co.za
National Consumer Forum: www.ncf.org.za
getclosure!: www.getclosure.co.za
Ongakwenza ukuze
BONA ZULU June 2008
IZELULEKO ZABATHENGI
INDLELA YOKUKHALAZA
Qala ngokubhala i-diary yesikhalo sakho ngokushesha uma unenkinga ngempahla noma ngempatho oyithole esitolo. Bhala imininingwane egcwele phansi usakukhumbula konke okwenzekile.
Bhala umbiko wakho ngokufingqiwe kodwa ubeke ama-notes akho ukuze akusize uma isitolo sinemibuzo.
Beka amaphepha angu ngqo e-invoice, irisidi, igaranti nawo wonke amakhophi amaphepha empahla owayithenga, kanye nama-photocopy ukuze ungahlupheki uma kudingeka ukuba uwathumele ngokushesha. Ungawalahli amaphepha angu ngqo.
Uma usunesikhathi ufake isikhalo sakho, thatha i-diary yakho ubhale
izinsuku nezikhathi owashaya ngazo ucingo noma owavakashela ngazo
isitolo, bhala amagama abantu owakhuluma nabo nengxoxo yenu.
Emva kwengxoxo yenu, bhala incwadi noma uthumele i-e-mail ezokhumbuza ophethe udaba lwakho ukuthi awudlali.
BONA ZULU June 2008
