zulu.1476.hip
Wudansele kuze kuyovalwa!
indaba nguWALTON GOLIGHTLY izithombe ngabeGREAT STOCK!
Zizwele konke ofuna ukukuzwa ngalo mculo odumile osusa izinkulumo eziningi…
BONA ZULU – May 2006
NGUMCULO osusabalele umhlaba wonke onelikhulu isasasa ezweni lethu noyimbangela yokuzalwa kwe-kwaito nezinye izinhlobo zomculo. Ube nomthelela omkhulu kwezomdanso, ezemfashini nasolimini olukhulunywa yintsha esikhathini samanje. Yi-hip-hop, lena esikhuluma ngayo kanti isazothatha isikhathi ikhona.
Lolu hlobo lomculo luneminyaka engu-30 lukhona!
Umnyombo wayo usemculweni we-rap othola kuyona abaculi bexoxa izindaba ngomculo, bacule ngocansi nezinto ezithukuthelisa umphakathi uDJ akhiphe imisindo ngezinsimbi. Nakhu okunye okuyingxenye yalo mculo:
lUmculo oxubile: Kusetshenziswa lo mculo esikhundleni somculo oqoshiwe. Ingxenye esuke ingaxutshiwe amazwi abawakhiphayo kuphela. Udaba lokuxuba lususa izinkulumo ngoba ngale ndlela kusetshenziswa izingoma zomunye umuntu ngaphandle kwemvume yakhe noma kokumkhokhela.
lIsigqi sezigubhu: Ukushesha kwesigqi yikona okukhomba ukuthi ukuqopha kukuliphi izinga. Njengoba kokunye isigqi sixutshwa, kwesinye kusetshenziswa ama-drum anjengeRoland TR-808.
lUkuhlikihla: Kusetshenziswa umshini wokudlala amarekhodi (turntable) uma kwengezwa isigqi kanti sona sisebenza ngokwaso sikhiphe imisindo engajwayelekile.
Ukuqala kwayo
Izimpande ze-hip-hop zisabalele. Uma senza isibonelo, eWest Africa sinezimbongi (griots) ezihlanganisa umculo nezinkondlo uma zicula. E-Caribbean, kusetshenziswa uhlobo oluthile lwe-rap uma abantu bekhala ngokuthile. Ngeminyaka yo-1960 uJames Brown, othathwa njenge “Godfather Of Soul,” wayekhuluma, acule amemeze njengoba kwenza oMC namuhla.
Kodwa siyazi ukuthi nguDJ Kool Herc owasungula i-hip-hop.
Kwakuthi uma kunamaphathi eNew York phakathi kweminyaka yo-1970, uHerc ayeke ukudlala ingoma kuleyo ndawo edlala izinsimbi ngoba ebona ukuthi yilokho abantu abakuthokozela kakhulu nokubadansisayo – nokuyinto, ongqondongqondo be-hip-hop abanjenge-Afrika Bambaataa abayichaza bathi, “uzinikela ngenhliziyo yakho yonke uma usudansa!”
Njengoba lokho kwakuthatha isikhathi esincane, uHerc wasandisa esebenzisa i-audio mixer namarekhodi amabili nokuyinto eyaholela ebuchwephesheni bamanje bokuhlikihla nokudidiyela izingoma.
Ngaleso sikhathi, uDJ wayehambisana noMphathi woHlelo owayethula izingoma ngesikhathi uDJ esematasa edlala isidlali-marekhodi.
Ababephatha uhlelo baqala ukwenza izinto ezinjengokuxoxa amahlaya, bagcone izihlwele konke lokho kwenzeka uDJ edlala isigqi esithile. Wazalwa kanjalo umculo we-hip-hop.
Lo mculo waba nabalandeli abaningi emva kokuba iRapper’s Delight yeSugarHill Gang ifakwe kwiTop 40 yezingoma ze-pop kwiBillboard.
Ukudlondlobala kwayo
Ngeminyaka yo-1980 kwenzeka izinto ezehlukile. Esikhundleni samazwi abaphathi bohlelo, kwezwakala becula i-rap enemiyalezo yezepolitiki noma ethinta isimo somphakathi. Isigqi salo mculo saqala ukungaqondakali kahle.
Ukubonakala kukaKurtis Blow esikhangisweni seSprite kwiTV kwenza waba ngumculi we-hip-hop wokuqala owakwazi ukukhangisa umkhiqizo omkhulu njengalona kanti nabalandeli bawo bambeka icala bethi uyabadayisa.
Kodwa isibalo sabalandeli bawo saqhubeka sanda. Sezwa ngabaculi abanjengoLL Cool J, DJ Jazzy Jeff neSalt-N-Pepa abaphenduka izihlabani ze-hip-hop ezihlonishwayo.
Sizwile nangoWill Smith owafika namahlaya kowakhe umculo nowaba ngumculi wokuqala owawina iGrammy Award yokuqala ye-hip-hop ngo-1988.
Phakathi kweminyaka yo-1980, u-Ice-T nePublic Enemy baqhamuka nobuchwepheshe bokucula ngesigqi esisha esinomsindo ohlukile uma becula.
I-hip-hop yasabalala umhlaba wonke ngaleso sikhathi – kodwa kwaba wuhlobo lomdanso obizwa nge-breakdance olwafinyelela kuqala emazweni anjengeGermany, Japan neSouth Africa.
I-hip-hop esiyizwa manje yaqala ngo-1993 ngesikhathi i-gangsta rap iqala ukujwayeleka kanti iThe Chronic kaDr Dre yaba yimbangela yokuzalwa kwesitayela seG Funk esagcina sesidla ubhedu kwi-hip-hop.
Wasabalala kanjalo lo mculo eWest Coast. E-East Coast iNew York yaqhubeka ukudlala indima esemqoka kulo mculo sabona namaqembu ahloniphekile anjengeWu-Tang Clan noBusta Rhymes.
Ukungqubuzana kwabacula lo mculo kwadala udlame kwalandela izigigaba zokudubulana okwaholela ekufeni kwezingwazi ezingoTupac Shakur noNotorious B.I.G udaba lokufa kwabo olungakaxazululeki namanje.
Umculo we-hip-hop wabalwa kwenedumela emva kweminyaka elishumi ngenxa ka-Eminem namabhendi anjengeBackstreet Boys noBritney Spears abasebenzisa isigqi se-hip-hop ezingomeni zabo eziningi.
Okwakugqokwa abaculi
Ngeminyaka yo-1980 izihlabani ezinjengoRun-DMC noLL Cool J zazifaka izibuko ezinkulu, izigqoko zeKangol, izindandatho namateku e-Adidas (ayefaswa ngezintambo ezinkulu).
Phakathi kweminyaka yo-1990 sabona kugqokwa isitayela samaqembu ezigelekeqe neziboshwa. Isitayela sokugqokwa kwamabhulukwe amakhulu angafasiwe ngamabhande saqala ejele lapho amabhande ayeba phakathi kwezinto ezazithathwa uma kufika iziboshwa ezizovalelwa ejele.
Ekupheleni kweminyaka yo-1990 kwakugqokwa amasudi agqamile “epulasitiki” nobucwebe be-platinum nokuyisitayela esaqalwa nguSean “Puffy” Combs eNew York.
Kwakuyisikhathi sokusaphazwa kwemali izihlabani ze-rap ziqhakambisa impumelelo yazo ngobucwebe begolide namadayimane, zihlala zibonakala zihamba nequlu labantu zibuye zigibele izimoto zohlobo oluphambili.
Namuhla imfashini ye-hip-hop ingenisa imali enhle kanti abaculi abaningi nabaphethe sebeziqalele amalebuli abo ezimpahla zokugqoka.
Ngakolunye uhlangothi, abaculi abangayingeni eye-hip-hop bayasigxeka isitayela sokugqoka salaba baculi bathi esabantu abathanda izinto eziwubukhazikhazi.
Ngabe ayilungile le-rap?
Kungenzeka ungakuboni okuhle ngesitayela sokugqoka sabaculi be-hip-hop uma ungesiye umuntu omusha. Uma ungumzali kungenzeka akuhluphe amagama azwakala kwezinye izingoma zayo.
Nakuba kuwona sike sizwe amazwi angemnandi, kodwa futhi kukhona okuhle esingakutusa ngentsha yakithi.
Akuvamile ukuthi sizwe kuthiwa yenze izinto ezizwe ezingomeni. Omunye udokotela wengqondo waphawula kanjena: “Iningi labalaleli liyakwazi ukuhlukanisa phakathi kwentokozo nendlela yokuziphatha emphakathini.”
Abantu bahlakaniphile kanti uma kukhulunywa ngentsha, akufanele sikhathazeke ngomculo ewulalelayo uma ikhuliswe ngendlela efanele.
Esingazihlupha ngako, wumthelela izimpahla ezigqokwa abacula i-hip-hop ezibe nawo entsheni yaseSouth Africa njengoba ibukeka ithathekile yisitayela saseMelika.
Siyakutusa ukuziphatha kwentsha yakithi emphakathini osabhekene nenkinga yokudlanga kobugebengu lapho uyithola ilwela ukuthola imfundo engcono izakhele igama!
Intsha emhlabeni wonke – ikakhulu eyaseMelika, kufanele ithole isifundo kweyakithi! [z]
Okuyimfihlo nge-hip-hop
BONA ZULU – May 2006
NGENHLA: Ngisho nezikhumba ezinjengalesi esigqokwe nguLL Cool J seziphenduke imfashini ye-hip-hop.
KWESOBUNXELE/NGEZANSI: U-Ice Cube (kwesobunxele) noWill Smith sibabona belingisa kulezi zinsuku.
KUDE KWESOBUNXELE: U-Snoop Dogg.
u
t
Ukugqokwa kwamabhulukwe amakhulu angafaswe ngabhande kwaqala ejele
BONA ZULU – May 2006
