ZULU.1475.muthi
nguFORCE KHASHANE
USUPHELELWE nawukuzethemba ngenxa yamabala amabi, amaqhubu nezinduna ebusweni bakho... konke lokho kungaphela uma ugquma.
Ukugquma kungehlisa nesisindo somzimba wakho!
Umshana wami ongumshayi-sibhakela odlala kuma-amesha, uyangivakashela uma engazange ayilolongele ngokwanele impi yakhe elandelayo.
Egcina ukungivakashela, wathi ufuna ukwehlisa isisindo somzimba wakhe - engangisibona nami ukuthi sithanda ukuba yinkinga kuyena.
Wabeka izaba eziningi ngesikhathi sengimtshela ukuthi akufanele akhale ngeyesisindo uma ezinikele ngempela kulo mdlalo awudlalayo. Wathi akasitholi isikhathi sokuzilolonga ngokwanele ngenxa yokuxinwa umsebenzi wesikole nowasekhaya.
Ngabe umuthi wami ungamsiza"
Akukho muthi ongakusiza uma wenza imisebenzi yasekhaya okumele yenziwe yizo zonke izingane.
Kodwa yimina engenza iphutha. Ngesikhathi efika okokuqala ekhala ngesisindo somzimba, wathi ucela ngimsize ngomuthi ngoba unikwe impi engazelele.
Nami ngamkholwa uma esho njalo ngamsiza nokwathi uma ethola ukuthi lowo muthi usebenza ngempela, wangabe esafuna ukuhlukana nawo.
Ngangithe makafuthe, nokuyindlela yase-Africa leyo yokugquma eyenza isisindo somzimba wakhe sehla ngama-kilogram amabili kusasele usuku ngaphambi kokuba alwe.
Ukugquma kukhipha ukungcola ngaphakathi emzimbeni kanti kwathi lapho umshana esegqumile, wangena eringini esenamandla.
Emva kokuyiwina nge-knock-out leyo mpi, wazitshela ukuthi ukufutha kungcono kakhulu kunokuya ejimini!
Kodwa akunjalo!
Abadlali akufanele bayeke ukujima uma begquma. Wukuzilolonga nokudla ukudla okufanele kuphela okuyobasiza ekulawuleni isisindo somzimba.
Ukugquma kungasiza abashayi-sibhakela abanenkinga ebonakalayo ngesisindo sabo hhayi abavilaphela ukujima.
Abagijimi akufanele bagqume ngoba sekusondele isikhathi sokugijima ngenhloso yokwehlisa isisindo somzimba. Kumele bagqume kabili ngesonto baqale kusasele izinyanga ezimbili ngaphambi kokuba bagijime.
Akusibo abadlali kuphela okumele bagqume. Sonke singasizakala uma sigquma! Izinga lamafutha lingehla emzimbeni uma ugquma emva kokudla, kokuphuza noma kokuphumula ngokweqile.
Isikhumba sakho siba sihle kuphume ukungcola okudala izinduna ebusweni uma ugquma.
Okufanele ukwenze noma ungakwenzi uma ugquma...
lUngagqumi uma ulambile - noma unesiyezi, uphelelwa amandla, ugula, unenhliziyo encane.
lIzingane ezineminyaka engaphansi kwengu-12 akufanele zigqume.
lAbakhulelwe akufanele bagqume.
lUngagqumi isikhathi eside uma uqala.
lUngahlali emoyeni obandayo emva kokugquma ngoba ungaphathwa wumkhuhlane.
lGquma ebusuku usuzolala. Fudumeza umzimba wakho kuze kube wusuku olulandelayo.
lUma uhlale ugquma, phuza amanzi kakhulu ngoba umzimba wakho ulahlekelwa amanzi ngesikhathi ujuluka.
lHlala ukhululeke ngesikhathi ugquma.
Ukuze ugqume kahle, kufanele uyibikele inyanga yakho uma uzodinga lolo sizo, ibase umlilo ngamalahle noma ngezinkuni ifake kuwona amatshe amahora amathathu kuya kwamane. Amatshe ashise aze abe bomvu.
Ogqumayo umboza umzimba wonke ahlale esigqikini enqunu. Uhlala abhekane nebhodwe noma indishi enomuthi ebekwa phansi ngasezinyaweni zakhe.
Owelaphayo noma umsizi wakhe ufaka amatshe ashisayo amahlanu kuya kwayisithupha, kube elilodwa ngesikhathi, emuthini othakiwe.
Umuthi ushisa kuze kwakheke umhwamuko. Ogqumayo ujulukiswa yilowo mhwamuko.[z]
34 BONA ZULU - March 2006
Ezemithi yesintu
Ukwelashwa ngokugquma
Bhalela uForce ngemibuzo onayo ngemithi yesintu kuleli kheli: Talking Muthi, Box 473014, Parklands, 2121 noma umthumelele i-e-mail kwethi: forcek@caxton.co.za
