zulu.1470.gogo
indaba nguDAVID MACGREGOR
izithombe abe@LIVEWIRE
Owesimame oyisimanga
UBUSO bakhe bubonakala ezweni lonkana kumabhodi ezikhangiso esiqwashisa ngokuphepha ocansini. UNomisile Msikinya (84) ubambe iqhaza elibalulekile ekulweni neHIV/AIDS.
Sekuphele iminyaka emihlanu ugogo uMsikinya ngaseKing William's Town eqwashisa ngezocansi ezikoleni, emitholampilo, emasontweni nakuma-tavern.
Esikhundleni sokuhlala ekhaya aphumule, ugogo uMsikinya onguthisha osathatha umhlalaphansi odume ngelikaMaDleks - uthi umsebenzi wakhe uyowuyeka esefile.
Lo msebenzi wakhe wawuqala emva kokuvakashela indodakazi yakhe uTheodora eCape Town ngoDecember 2000. Wahlangana nabangani bakaTheodora ababili ababesebasha, bebahle befundile ngokusho kwakhe.
Washaqeka uma ezwa ukuthi ngeke baphile isikhathi eside.
"Kwakungokokuqala ngqa ngihlangana nomuntu owayebulawa yi-AIDS kanti okwaba buhlungu kakhulu wukwazi ukuthi bobabili laba besimame babenezingane zabafana ezazingeke nakancane zibazi omama bazo.
"Emva kweminyaka engu-50 ngifundisa, ngangisahlela ukuthi ngizowuthokozela kanjani umhlalaphansi wami ngiziphumulele ekhaya nezimbuzi zami nezinkukhu. Ukuhlangana kwami nalawaya mantombazane amabili kwayishintsha impilo yami."
EMPELENI lezi zintokazi zombili zafa ngesikhathi uMaDleks eseseCape Town. "Ngaphatheka kabuhlungu ngaMbuza uNkulunkulu ukuthi uNgigcineleni isikhathi eside kangaka ekubeni abantu abasha befisa okwezimpukane"" kusho uNomisile.
"Ngicabanga ukuthi, ngokwempilo nendalo, izingane yizo okufanele zingcwabe abazali bazo, kodwa ngenxa ye-AIDS lento isiphambene. Ngeke ngihlale ngisonge izandla ngilibona ikusasa lezwe lethu lifa."
UMsikinya ongomunye wamalungu amadala ahloniphekile ebandla le-African Methodist Episcopal Church uthi - "ngangihlome ngeBhayibheli nangekhono lami engaliphiwa nguNkulunkulu lokuzikhulumela - ngaqala ngashumayela 'leli vangeli' emigwaqweni kubantu basendaweni yaseMbaxa."
"Ngangifuna ukuba baqale bakhulume, ngifuna futhi ukubenza bazi kabanzi ngale nkinga ye-AIDS ngaphambi kokuba umonakalo uze ube mkhulu," kusho yena.
"Kwaba yisiqubulo sami esithi - ikhwelo kubantu abasha."
EPHETHE umzukulwana wakhe onezinyanga eziyisithupha ogama lakhe nguBorn Free, uMaDleks uzwakala efunda kakhulu epheshaneni eliqwashisa ngesifo se-AIDS - lokhu ukwenza ngaphandle kosizo lezibuko zamehlo.
Leli yilona Vangeli ngokukaMaDleks - emva kwemizuzu embalwa, uvele uzibonele ukuchazeka kwabantu abasha abasuke beseduze kwakhe.
Phezu kweminyaka yakhe, le ntokazi endala ikhuluma igeqe amagula ngalesi sifo esithinta ezocansi ngaphandle kokuba namahloni.
"Ngibafundela kabanzi ngolwazi mayelana nalesi sifo emva kwalokho ngivakashele izindawo ezinabantu abaningi ngibatshele ngezindlela ezingabenza baphile isikhathi eside," kuchaza yena.
"Kusukela ngaqala ukukhuluma ngale nkinga ebandleni lethu kuyo yonke le minyaka edlule, sengikhulumisane nezinkulungwane ngezinkulungwane zabantu endaweni yethu."
Akusibo bonke abalalelayo, kodwa ngokwakhe uMaDleks uthi ngisho ngabe uyaphumelela ukuhlenga impilo yoyedwa wabo, uyofa enokukhulu ukuthokoza.
"Abantu abadala badinga ukuba bazame basize intsha ikwazi ukuphila impilo ehlanzekile ngokuba bakhulume ngaphandle kokwesaba ngesifo se-AIDS," kusho yena.
UKUKHU-THAZWA kwakhe abangani ukuba ahlale phansi athokozele umhlalaphansi wakhe kunokuhamba ngamatekisi elokhu eyoshumayela ivangeli lokuqwashisa nge-AIDS uMaDleks uthi: "Ngiye ngibatshele ukuthi uNkulunkulu uNgigcine ngiphila isikhathi eside kangaka ngesizathu sokuba ngisize abantu abasha ukuze bahlale bephilile."
Ukuqwashisa kwakhe intsha ngalesi sifo kwaqala kwezwakala kwabe-loveLife - inhlangano yabantu abasha ezinikele ekutheni kunciphe ukubhebhetheka kwesifo se-HIV/AIDS.
Kulo msebenzi okuvame ukuba unikwe abantu abasha beminyaka engu-18-25, uMsikinya wasetshenziswa yile nhlangano esithombeni sesikhangiso esathwetshulwa ngonyaka odlule eGoli.
Njengamanje ubuso bakhe bubonakala emabhodini okukhangisa amaningi ezweni lonkana. Ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Born Free, embrace life" uMaDleks ubonakala emi eduze kukaPhilemon Moikayne (20) onama-dreadloacks.
Okubathokozisa bobabili wukuphumelela ukwedlulisa umyalezo ikakhulu kubantu abasha.
UPhilemon uthi ukuvelela kwabemithombo yezindaba nogogo uMaDleks kwamenza wazizwa ebusisekile.
"Abantu bahlale bekhomba igebe phakathi kwesizukulwane sobandlululo kanjalo nese-millenium entsha bakhohlwe wukuthi nanamuhla umzabalazo usaqhubeka - owendlala, owokungalingani ngokobulili nowe-AIDS," kusho yena.
NGESIKHATHI abakwaBONA bevakashele le 'ntombi endala' kwakunomoya. Samfica ezihlalele otha isitofu sikapharafini ezibukela i-wrestling njengomlandeli omkhulu weWWE.
"Kuyabanda," kusho yena ecisha iTV ngesikhathi esasenzela itiye ukuze sizifudumeze.
Ngokushesha kwafika nabangani bakhe. UThobile Manyonga (22) uthi uMaDleks nakuba emdala kodwa inhliziyo yakhe nomqondo okomuntu osemusha.
"Abantu abadala abakhulumi ngezocansi neHIV kanti nabantu abasha bayesaba ukuthinta le ndaba. Ugogo uMaDleks akanandaba - uyibeka njengoba injalo. Ngifisa sengathi angaphila eminye iminyaka engu-84."
Nakuba abangomakhelwane uNosiza Diza (62) noCecilia Mbeki (74) belithakasela igalelo likaMaDleks emkhankasweni wokuqwashisa nge-AIDS kule ndawo, bathi kufanele ehlise isivinini ukuze athokozele umhlalaphansi wakhe.
Bobathathu bavame ukufunda amaBhayibheli abo ndawonye kodwa ngisho bangamcela kangakanani uMsikinya ukuba ehlise isivinini ngeke akwenze lokho.
"UMaDleks ufuna ukuba bonke abantu abasha baphile isikhathi naye asesiphilile," kusho uMbeki.
"Ngisho nangaphezu kwalokho," kusho uDiza.[z]
@LiveWire
BONA ZULU - October 2006
Ugogo osifundisa impilo!
KWESOKUDLA: Ogogo - uMaDleks ephahlwe ngomakhelwane uNosiza Diza (62) noCecilia Mbeki (74).
Ugogo oneminyaka engu-84 uya ezakhela elikhulu igama entsheni yakuleli ngegalelo lakhe emkhankasweni wokulwa neHIV/AIDS...
NGENHLA: UNomisile enoThobile Manyonga. "Uyibeka indaba njengoba injalo," kusho yena.
KWESOBUNXELE: UMaDleks eziphumulele nomzukulu wakhe uPhila Msikinya (18), nomzukulwana wakhe uBorn Free.
BONA ZULU - October 2006
