zulu.1468.famous
BONA ZULU – November 2007
Balandela amaphupho abo
UNEMINYAKA engu-12 nje-vo, wenza uGrade 6, kodwa futhi udumo alumbusi ekhanda uWalterique Sandows. Le ntombazanyana ingomunye wabadlali abancane bomdlalo weSABC 2 iFamous! Ayinandaba nempilo ephezulu - into ephambili kuyona wukubhekana nezifundo zayo nokuzihlalela nabangani izidlalele ngoTeddy Bear bayo.
“Ngikhumbula abangani bami nokudlala i-netball. Ngenhlanhla kuningi okungihlekisayo okungenza ngijabule kwiTV,” kusho yona.
“Ngaqala ukuhamba izindawo ngidlala emidlalweni ngiseneminyaka engu-9 nokuyinto engifuna ukuyenza uma ngiqeda esikoleni.”
UWalterique waseFlorida eGoli, wawina indondo yesiliva neye-bronze eLos Angeles ngonyaka odlule kuma-World Championships For Performing Arts – nokwathi lapho efika ekhaya wazitholela indawo kweziyisithupha zokudlala kwiFamous!
“Lo mdlalo umayelana nokusebenza kanzima okudingeka kwenziwe abantu abakade bengaziwa lapho bezimisele ngodumo lokuba yizihlabani,” kusho uNina Sabbagha onguphrojusa walo mdlalo.
Njengoba kuma-shows afana nama-Idols kungababukeli abavotayo - iFamous! yazitholela idlanzana lentsha eyisithupha enekhono elimangalisayo yabahlola ekudlaleni kwabo, baqopha umculo nama-video omculo.
Ukuzithuthukisa!
“Lezi yizingane ezisafunda, eziqhamuka emakhaya ehlukene nasemiphakathini ehlukene ezinephupho elilodwa lokuphumelela kwezikaqedisizungu,” kusho uNina.
Lezi zingane ziye ziqophe iziqephu zeTV njalo ngoMgqibelo kanti zizoba nama-shows ezweni lonkana maduze-nje.
“Sengijahe kabi,” kusho uKatleho Sinivasan ongumfundi waseNational School Of Arts eJozi. Ungumzala kaPabi Moloi owaqala ukudlala emidlalweni yeTV yantambama esemncane.
Ngaphambi kweFamous! uKatleho ubezibandakanye kakhulu nezikhangiso zeTV ethula nemisebenzi - njengamanje, emva kokuphuma kwesikole usehamba ayofundela umdanso nomculo.
“Ngeke nakancane ngize ngidlale ngaleli thuba. Abantu abaningi banethalente, kodwa kuye kudingeke ukuba ube nothando olumangalisayo lwento oyenzayo ukuze uzibonakalise,” kusho yena.
“Angikwesabi ukugqama. Esikoleni ngenza i-drama, ukucula nokudansa kuthi lapho sengifika estudiyo seTV kudingeke ukuba ngikukhombise lokho kwi-screen.”
“Ngifuna ukuba ne-albhamu yomculo eshisa izikhotha eminyakeni emibili ngaphambi kokuba ngibhale u-matric.”
Unamathuba amahle impela. I-CD yabo njengoba bekuTV iyenziwa kanti izokhishwa ngabenkampani yokuqopha yakwa-EMI-CCP okukhona ngaphansi kwayo izihlabani ezifana noRebecca, Ntando, Mandoza noRingo.
Izitayela
Izitayela eziphambili yizinto lapho abazali bechitha imali engango-R20 billion ngonyaka ezingubeni zokugqoka, ekuzicwaleni, emculweni nasemafilimini ngenhloso yokuthokozisa izingane zabo ezizifelayo ngefeshini - ngokomphumela wocwaningo lwakamumva olwenzelwe abaneminyaka engu-10 kuya kwengu-18.
Yinto eyenzeka emhlabeni wonke. Ifilimu iDisney’s High School Musical ingenisa imali eningi ukwedlula amanye aziwayo eHollywood nokwenza kuthengiswe ubuthaphuthaphu izingubo zokugqoka, amaCD, amaDVD nama-shows enziwa bukhoma. Lolu yilona hlobo lwemakethe iFamous! ezimisele ngokuluvula lapha njengoba intsha yakuleli izifela ngezihlabani zaseMelika nefeshini yakhona.
Kufanele sikhombise ikhono!
Ongumdansi uKamogelo Nche (12) wabukela umnyakazo kaChris Brown efilimini elithi Stomp The Yard ukuze azakhele igama kuma-auditions alo nyaka eFamous!. Wacula ingoma ethi Let Me Love You eculwa yisihlabani saseMelika uMario.
“Nganginovalo njengoba ngangiqhudelana nezinye izingane ezinamakhono ezevile ekhulwini kodwa ngizimisele ngokuphumelela.”
“Saqala singazani kodwa manje sesisebenza ngokukhulu ukubambisana. Lonke elase-Africa lisibuka kwiTV,” kusho uKamo oyindodana kasomabhizinisi waseGoli.
“Singabantu abasha - nababukeli bethu ngabantu abancane - bahlale belindele ukuba silingise izihlabani abazibona kuTV nasemafilimini. Nathi-ke kufanele sibenelise.”[z]
Sinethulela abeFamous!...
KWESOBUNXELE: UWalterique Sandows.
Intsha eyisithupha izimisele ngokwenza izimanga kwiTV…
NGENHLA: UKatleho Sinivasan.
indaba nguDOUG GORDON
Ubani odumile?
Intsha eyisithupha esemdlalweni iFamous! ngo…
l Paige Stroobach (14)
Akufisayo: Ukukhipha iCD ezoshisa izikhotha nokuba ngudokotela.
Uthi: “Okungithokozisa kakhulu, wukuzihlalela nabangani bami.”
l Zelda van Staden (16)
Akufisayo: Wukuphumelela emculweni.
Uthi: “Ayikho into engiyithanda njengomndeni wami.”
l Kamogelo Nche (12)
Akufisayo: Wukuba ngumdansi, umdlali wezithombe nowe-basketball.
Uthi: “Ngingumuntu othanda ukuzincokolela.”
l Walterique Sandows (12)
Akufisayo: Wukuhlale engumculi.
Uthi: “Ngiyakuthanda ukukhuluma nokuzijabulisa.”
l Zara Ally (14)
Akufisayo: Wukuphumelela ezintweni azenzayo.
Uthi: “Ngingumuntu ozimele ozenzela yonke into.”
l Katleho Sinivasan (16)
Akufisayo: Ukuzakhela igama kwiTV.
Uthi: “Ngingumuntu okhulumela phezulu othanda ukuzihlalela nabangani. Angikuthandi ukuba sekhaya ebusuku ngoLwesihlanu.”
KWESOBUNXELE: UKamogelo Nche.
