zulu.1465.ibv
Kwakuwusuku lwentokozo!
Izingane ezintulayo zazithokoziswa ngemidlalo nokumnandi
ZAZINGAPHEZULU kwenkulungwane izingane ezintulayo ezachitha usuku nosaziwayo, izicukuthwane nababemele amabhizinisi emcimbini wokuqala weChildren’s VIP Day owawuseThekwini.
Izingane ezineminyaka ephakathi kwemihlanu nengu-18 azizange zikholwe ngesikhathi zibona osaziwayo abanjengoLeleti Khumalo odlala kwiGenerations, Jae, Verd noMelanie Lowe abangabaculi, uDub wezinhlelo zezingane kwiTV noTshepo Maseko (Parsons Matabane) noHlubi Mboya (Nandipha Sithole) abadlala indawo yabashadikazi kwiSidingo).
Labo saziwayo nabanye abafaka isandla bathembisa ukuthi bazoyixhasa iChildren’s VIP Day egqugquzelwe abe-International Bank Vaults (IBV) ngokuchitha okungenani isikhathi esingangehora beseva bethokozisa izingane.
Izingane zazithokoziswa ama-stilt-walkers, ama-clown, okugitshelwa yizingane, indawo yezilwane nokunye kanye nokokuthiba indlala neziphuzo.
U-Ashok Sewnarain we-IBV uyena owaqhamuka nomqondo wokuba kube khona iChildren’s VIP Day kanti lolu suku walubona luyindlela yokusimamisa izingane ezincishwe amathuba eKZN kudingidwe nezinto ezithinta impilo yazo.
“Kwenzeke ebesingakulindele. Abasisizile babambisene kwathokoziswa izitatanyiswa zethu.
“Ngikholwa wukuthi izingane nabazinakekelayo abebekulo mcimbi babe nosuku oluhle,” kusho u-Ashok. [z]
U-Hashim Amla we-cricket esayinela abalandeli bakhe igama lakhe.
Abaculi bakuleli, uJae noVerd beculela izingane.
BONA ZULU – June 2007
U-Thinus Dreyer wakwa-ABSA (kwesobunxele) noMukthar Khan benika izingane ezazigibele iBaby Fire Truck eyayishayelwa nguFernando Da Silva izinto ezikhala kahle.
Isimenywa esiqavile, uJohn Samuel oyiCEO ye-Oprah Winfrey Leadership Academy (ongowesibili uma usuka kwesokudla), encokola nezingane kwi-tea garden yakwaClover.
UTshepo Maseko, Nandipha Sithole noLeleti Khumalo bethokozisa izingane.
U-Dipika Maharaj owayengumqondisi wezinhlelo ngeChildren‘s VIP Day noHlubi Mboya weSidingo noLeleti Khumalo weGenerations.
Phezu kokusiza ngasohlangothini lwezempilo, abakwaNetcare babuye baba nama-clown bapenda ubuso bezingane.
U-Anthony Wakaba Mutheki ongumdwebi wayekhona efundisa izingane ukupenda.
Nethulelwa wuBONA naboPhiko loFezela
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
Inkinga yomshwalensi
uthini umthetho
INKINGA: Ngathatha i-policy ka-R150 000 eyayizokhava ifenisha nokunye. Emva konyaka, owangidayisela umshwalensi wangitshela ukuthi useyosebenza kwenye inkampani wathi angimvumele aqhubeke ne-policy yami. Ngavuma kodwa ngacela ukuba imali yokukhava izimpahla zami ikhushulwe ibe ngu-R250 000.
Kwaphela amasonto amathathu ngingayitholi i-policy yami entsha.
Emva kwalokho sagqekezelwa. Owangidayisela umshwalensi wangisiza ngagcwalisa ifomu yokufaka isicelo sokukhokhelwa izindleko wayithumela enkampanini yomshwalensi.
Yanqaba ukungikhokhela ngoba kwi-policy kwakunomgomo owawuthi kwakufanele ngifake i-burglar alarm ekhaya.
Ngatshela inkampani yomshwalensi ukuthi owangidayisela i-policy akayiphathanga indaba ye-burglar alarm nokuthi akanginikanga i-policy yami kanti ngenxa yalokho kwakungelula ukuthi ngazi imigomo ebekiwe. Emva kwezinsuku ezingu-45 ngathola i-policy yami ngeposi kwaba yinkathi ngithola ithuba lokufunda imigomo ebhalwe kuyona.
Ngenzenjani ukuze ngikhokhelwe?
ISELULEKO SOFEZELA:
Uma odayisa umshwalensi ethatha ikhasimende kwenye inkampani elifaka kwenye imigomo ye-policy ayishintshi.
Okusho ukuthi asibi khona isidingo sokuba kugcwaliswe enye ifomu entsha ingakakhishwa i-policy entsha.
Kodwa uma kungukuthi kukhushulwa imali, kufanele kube khona ifomu entsha ozoyigcwalisa.
Uma imigomo ye-policy entsha ihlukile kweye-policy endala kufanele kube semahlombe abomshwalensi ukwazisa ikhasimende labo ngemigomo emisha ngokushesha.
Kusho ukuthi babudedengu kakhulu uma bengakwenzanga lokho.
Kuyihlazo kabi ukunqatshwa kwesicelo sakho kanti ngokwabeScorpion Legal Panel ungamvulela icala owakudayisela umshwalensi kanye nenkampani yomshwalensi.
Udaba lwakho lubucayi kanti singakweluleka ngokuba uthole usizo lommeli.[z]
ESITHOMBENI KULINGISIWE
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060 – ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
BONA ZULU – June 2007
