zulu.1450.yourfood_minutes
OKUMNANDI NGEMIZUZU
BISCUIT PUDDING
* 1 iphakethe amakhekhe ama-Tennis ayizimvuthu
* 1 inkomishi (250ml) ubisi
* 1/2 inkomishi (125ml) i-castor sugar
* 1/4 inkomishi (65ml) imajarini encibikile
* 1 i-teaspoon (5ml) i-nutmeg
* 1/2 inkomishi (125ml) ama-raisins
* 2 amaqanda ashaywe kancane
* 1 inkomishi ( 250ml) u-cream
1. Qala ngokushisisa uhhavini ngo-200.
2. Endishini faka amakhekhe obisini imizuzwana.
3. Faka izithako ezisele uzifake ngasinye, emva kwaleso naleso osifakayo hlanganisa.
4. Thela esitsheni sikahhavini esigcotshwe ngamafutha. Kubhake imizuzu engu-25-30 kuze kube nsundu. Kuseve kushisa no-cream oshayiwe.
Kwanela abangu-5
Enye indlela:
■ Ungasebenzisa amakhekhe ama-Marie.
■ Ungakuseva ngo-custard noma u-ice cream.
OKUMNANDI OKUSHESHAYO
TIRAMISU
* 1/4 inkomishi (65ml) ushukela omhlophe
* u 2 ama-teaspoon (10ml) i-vanilla essence
* 1 inkomishi (250ml) u-cream
* 1/2 iphakethe lamakhekhe ama-Marie
* 1 inkomishi (250ml) ikhofi elimnyama kakhulu
* 1 isipuni (15ml) ukhokho oyimpuphu ongenawo ushukela
1. Endishini hlanganisa ushukela ne-vanilla essence.
2. Endishini govuza u-cream uze uqine. Kugoqe nengxube kashukela ukubeke eceleni.
3. Cwilisa amakhekhe ekhofini uwahlele kahle, ngaphansi endishini ozoseva ngayo. Thela uhhafu wengxubevange ka-cream phezulu kwamakhekhe.
4. Phinda wenze kanjalo nangamakhekhe asalile nengxubevange ka-cream
5. Kuvuvuzele ngokhokho oyimpuphu ngaphambi kokukuseva.
Kwanela 3
O-pudding basehlobo balula behla esiphundu kanti bangenza wonke umuntu afune impinda
STRAWBERRY TRIFLE
* 1/2 iphakethe lama-Romany Cream
* 1/2 inkomishi (125ml) i-strawberry jam
* 1/2 inkomishi (125ml) u-custard ozenzele ngokwakho
* 4 izipuni (60ml) i-condensed milk
* 1/2 inkomishi (125ml) u-cream oshayiwe
* 1 inkomishi (250ml) ama-strawberry
1. Hlela kahle amakhekhe ngaphansi endishini ozoseva ngayo.
2. Faka amakhekhe nojamu yonke indawo.
3. Thela u-custard ne-condensed milk ngaphezulu.
4. Faka u-cream.
5. Hlela kahle ama-strawberry ngaphezulu ukuseve.
Kwanela 2
Enye indlela:
■ Ungasebenzisa ujamu wamapetshisi, owe-apricot noma owaziphi izithelo [z]
Amaresiphi: Ntwenhle Mpanza
Izithombe: Andrea Caldwell
