zulu.143.yourceleb_township
UNGUMUNTU WABANTU
Ongumculi nongusaziwayo u-Amstel uvakashise uBONA endaweni yangakubo akhulela kuyo eMamelodi eyosikhombisa abantu abathandayo
LO SAZIWAYO onemizwa yabantu bobulili obofana nobakhe ukhonze ubumnandi. “Umkhulu nogogo bakhe babenejoyinti nokuyilapho igama lakhe laqhamuka khona njengoba azalwa ngesikhathi kuqala idumela likabhiya i-Amstel,” kuchaza umama wakhe uJita Makwane.
Kuleli joyinti kulapho u-Amstel aqala khona ukuzibandakanya nezikaqedisizungu.
Ngaphambili kuleli khaya kunestubhi esifana ncamashi nesteji eduze kwaso okukhona izihlalo namatafula.
“Lapha kulapho ababephuza kule ndawo babehlala khona,” kusho kukhumbula u-Amstel.
“Ngangisukuma ngigibele kulesi steji ngibadansele - kodwa lokho ngangingakwenzi mahhala. Babengikhokhela. Ngaleyo ndlela ngangiqinisekisa ukuthi ngakusasa ngizoba nemali esikoleni.”
U-anti ka-Amstel uMpule Maboa osekunguye manje ophethe leli joyinti, uxhume ingxoxo ngokuthi athi u-Amstel wayeletha ezinye izingane ekhaya azifake i-make-up athi azimodele.
“Wayekukhonzile ukuba nabangani bakhe, kodwa okuxakayo kulokho wukuthi wayengekho ngisho noyedwa umngani womfana kubona - kwakungamantombazane wodwa,” kusho uMpule ehleka.
Ugogo ka-Amstel akasekho emhlabeni, sekukhona umkhulu u-William Maboa. Ngesikhathi simcela ukuba sibathathe isithombe nomkhulu wakhe, u-Amstel usuke ngokushesha wagona kumkhulu wakhe. “Ukujwayele lokhu. Ngangivame ukugona kanje njalo,” kusho u-Amstel exhaga umkhulu wakhe.
Umkhulu usitshele ukuthi uziqhenya kangakanani ngomzukulu wakhe. “Wayejwayele ukuletha izingane lapha athi azicule zidanse - manje njengoba sesimbona esedumile ngokwenza into ayithandayo, kukhombisa ngokusobala ukuthi UNKULUNKULU Mkhulu,” kusho uWilliam.
Omunye umuntu owadlala indawo ebalulekile ekukhuleni kuka-Amstel ngumakhelwane uMatshidiso Maloka. “Sonke sasiza ekukhuliseni u-Amstel, futhi wayeyingane ehloniphayo. Angikaze ngizwe izindaba zakhe elwa emgwaqweni,” kusho umakhelwane.
Uphinde wakhumbuza u-anti uMpule nomama ka-Amstel ngelanga u-Amstel aphuka ubhozo ngalo engozini yebhayisekili.
“Saphuthuma esibhedlela ngokukhulu ukwethuka sisafake ama-nightdress!” kusho kukhumbula yena.
“Ngesikhathi sifika lapho bonke abahlengikazi basihleka bathi kufanele sifunde ukugeza sigqoke ngesikhathi sivuka ngoba asazi ukuthi yini engase yenzeke.”
Umama ka-Amstel waphuma ekhaya likagogo wakhe ngesikhathi eshada - ngakhoke indawo yesibili esayivakashela yilapho u-Amstel ahlala kuyo kamumva nodadewabo nabazali bakhe.
Lo saziwayo (32) nomama wakhe bangamathe nolimi, bangabangani ngaphezu kokuba ngumama nendodana. Kuthe lapho sibabuza ukuthi yini abathanda ukuyenza - u-Amstel ngokukhulu ukushesha wakhipha i-microphone wayixhuma emsakazweni.
UJita waqala wacula ingoma ethi O Letshabe Lefatse (ethi qaphela umhlaba) eculwa yiqembu lomculo woKholo iBarorisi Ba Morena - no-Amstel wamjoyina bacula.
UJita uchaze u-Amstel njengengane eyayikhululekile ngisho ngabe kwesinye isikhathi wayefika ekhaya ekhala ngoba bemgcona ngokuziphathisa okwentombazane.
“Wayejwayele ukuzibuka azibuze ngesimo sakhe kodwa ngaleso sikhathi njengoba ayeyingane angaqondi - nami ngangizibona izimpawu kodwa ngicabanga ukuthi uzoshintsha.”
“Akakaze ashintshe, kodwa ngimthanda enjalo. Uma kungase kuqhamuke omunye wesimame athi asishintshane ngezingane, ngeke ngakuvuma lokho.”
U-Amstel uthi ubaba wakhe u-Anthony Makwane wayenothando besondelene naye - kodwa futhi engumuntu oqotho.
“Ngaqala ukuhamba ebusuku ngisemncane, ubaba engakuthandi neze lokho,” kusho u-Amstel.
Ubaba wakhe uvumile ukuthi wayengubaba ‘ongabhedelwa’. “Nganginesandla esiqinile kubona ngoba nami iyona ndlela engakhula ngayo, kodwa ngangiqiniseka ukuthi ngiyabasiza ezinkingeni ababebhekene nazo.”
U-Amstel no-Aloma Bahula okungumngani akhula naye osekuphele iminyaka engu-20 bengabangani, bakhumbula izikhathi ababezichitha ekhishini likaJita bebhaka behleba nezindaba.
Basilandise ngezinsuku lapho kwakubukwa bonwa emaphathini nakumafestiveli ngendlela ababegqoka kahle ngayo.
U-Aloma osengumsiki wengqephu uthi kuyo yonke le minyaka, umngani wakhe akakashintshi nakancane. U-Amstel nozakwabo be-3SUM bafaka impilo kunoma iyiphi iphathi abakuyona.[z]
Indaba: Izithombe: Ivan Naude
ILOKISHI LAMI, ISIHLABANI SAMI
▲U-Amstel enobaba wakhe u-Anthony Makwane bengaphandle kwendlu yesibili abathuthela kuyona.
▲U-Amstel enomkhulu wakhe uWilliam Maboa.
◄U-Amstel ebingelela abanye babalandeli bakhe.
▲U-Amstel no-Aloma Bahula abangabangani kusukela ebuncaneni, sebeneminyaka engu-20 bazana. Lapha bakhumbula ezakudala besapheka kulo leli khishi behleba nezindaba.
▲Umama nendodana besiculela ingoma ethi O Letshabe Lefatse.
IMAMELODI
Ingxenye yamasipala waseTshwane iMamelodi yasungulwa ngesikhathi kwakhiwa izindlu ezingu-16 epulazini laseVlakfontein elingamakhilomitha ambalwa e-north east yePitoli ngoJune 1953.
Uyakholwa noma awukholwa, leli lokishi laqanjwa ngomongameli uPaul Kruger. Ukuthi “Mother Of Melodies” - Mamelodi - kwakuyigama lakhe lesintu ngenxa yekhono lakhe lokukwazi ukulingisa imisindo yezinyoni.
Leli lokishi laphinde laziwa kubantu balo ngokuthi yi-“Mams” noma yi“Flaka” kanti selizakhele elikhulu igama njengesinye sezizinda zakuleli zomculo we-jazz.
IMamelodi iyikhaya futhi lesinye sezikhungo esikhulu esigcina sinakekele abaphethwe yi-AIDS eSA.
