Zulu.1432.free4u
40 AMAPHA-
KETHE
Kukuwe ukuzikhethela
Qeda ukuqunjelwa ngokushesha ngokuncibilikisa iphakethe le-Fibreclear kunoma yisiphi isiphuzo esishisayo noma esibandayo ngaphandle kokushintsha ukunambitheka noma iphunga.
I-Fibreclear isiza futhi ekutheni izinga le-blood-glucose lihlale lisesimweni esifanele kanjalo nele-serum-cholesterol. Iyatholakala kwaClicks, Pick ’n Pay (KZN), Pick ’n Pay (Western Cape), Spar (KZN), Dis-Chem nasemakhemisi. (Ngeminye imininingwane, shayela kule nombolo: 031-561-6204)
UBONA unamaphakethe alo mkhiqizo angu-40 abiza R100 lilinye ophisana ngawo. Ukuze uzibeke ethubeni, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini uyithumele kuleli kheli: BONA/Fibreclear Giveaway,
Box 769, Umhlanga Rocks, 4320,
noma uSMSe FIBRECLEAR
ku-35919.
BONA ZULU – December 2006
10 IZICATHULO
Cothoza ngesitayela
Qiniseka ukuthi ngaleli hlobo unyathela ngesicathulo sakwaFroggie esisesitayeleni. Izicathulo zakwaFroggie zenziwe ngesikhumba sekhwalithi ephambili kanti zithambe kangangoba zithatha ukuma konyawo lwakho, zisesitayeleni futhi zintofontofo.
Ukuze wengeze lobo buntofontofo, sebenzisa nemikhiqizo yakwaFroggie yokunakekela izinyawo kubandakanya i-foot scrub, heel balm, massage butter ne-foot spray.
Ukuze uzibeke ethubeni lokutonyulwa uthole ipheya elilodwa kwayishumi ezicathulo zakwaFroggie (ezibiza R400 ipheya), kwa-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini, uyithumele kuleli kheli: BONA/Froggie Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe FROGGIE ku-35919.
Okwamahhala
17 AMAHAMPA
Izinwele ezithambile, ezicwebezelayo neziphothekile
Cishe eminyakeni engu-20 eye-dlule, iSpecial Feeling saqhamuka nekhambi lezinwele ezinhle ezithambile futhi eziphothekile. Ngaphezu kwalokho, imikhiqizo yabo izigcina izinwele ziswakeme zicwebezela futhi zibukeka ziphilile.
Ukubonga amakhasimende abo athembekile, abakwaSpecial Feeling banikezela ngamahampa angu-17 emikhiqizo yabo abiza R240 iyinye.
Ukuze uzibeke ethubeni, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo
yocingo otholakala kuyona emini, uyithumele kuleli kheli: BONA/Special Feeling Giveaway, Box 71541, Bryanston, 2021, noma uSMSe SPECIALFEELING
ku-35919.
Usuku lokuvala:
29 December 2006
20 AMAHAMPA
Zipholise
Ngaleli hlobo, ziqabule uzipholise ngeziphuzo ezingamaDanone akwaClover kanye nentsha iTropika Eazy.
Lezi ziphuzo ezingama-fruit mix zifanele leyo mindeni ehlale imatasa engasitholi isikhathi sokuthenga nsuku zonke.
ITropika Eazy inesivalo esiphuma kalula kanti ingahlala isikhathi esiye sifinyelele ezinyangeni eziyisithupha ingavuliwe, ngakhoke ungayibekela izinsuku zokushisa kwehlobo. Imnandi ibanda kanti ungathola esawolintshi, imango-peach kanjalo neyi-pineapple ezweni lonkana.
Ukuze uzibeke emgqeni wokuthola eyodwa yamahampa angu-20 eTropika aqukethe imikhiqizo emithathu ye-1L, ithawula lasebhishi ne-cooler bag okubiza R200 kukunye, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini uyithumele kuleli kheli: BONA/Tropika Giveaway,Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe TROPIKA
ku-35919.[z]
*(I-SMS ibiza R3 iyinye.)
Izipho zika-
R16 080
BONA – August 2005
