zulu.1417.spar adv
Kwanela abangu-4-6. Isikhathi sokukulungisa:
15 imizuzu.
Isikhathi sokukupheka: 10 imizuzu
1. Pheka 3 izinkomishi (750ml) iSPAR macaroni ngokulandela imithetho ephaketheni, uyicwenge uyibeke eceleni.
2. Thosa kancane u-anyanisi omncane kwiSPAR olive oil uze uthambe kodwa ungashi. Faka 30ml ugaligi ogayiwe no-500g we-beef eqotshiwe.
Kupheke kuze kube nsunjwana.
3. Faka ithini elilodwa (130g) le-SPAR tomato and onion mix, ukugxabhise imizuzu emihlanu. Faka usawoti kanye nophepha omnyama omahhadla.
4. Phaka i-macaroni epuletini nesipuni se-mince bese phezulu ufaka cishe
- 60g iSPAR mature Cheddar cheese
egreythiwe.
B3944/05/08 Isithombe: Graeme Borchers; izitayela nguLinda Bean; abakhangisi Busisiwe noBontle: izinwele Heather.
ezentengiso
Ngikwenzele ngothando
Mom's Day Macaroni Surprise
Mama
OMAMA bayakwazi ukupheka benze izingane zithande ukuba sekhishini. Bayazi futhi ukuthi ukuze bapheke okumnandi, kufanele baqale kwaSPAR. AbakwaSPAR banakho konke okudingayo ukuze utende umama wakho ngokumnandi ngeMother’s Day – kusukela ezithakweni kuya endishini okuphakela kuyona.
U-SPAR ufana ncamashi nezitolo ezinkulu ezithengisa okwekhwalithi. Nakuba amanani abo ephansi, ikhwalithi yezimpahla zabo iphambili. Banemikhiqizo edingeka nsuku zonke nephambili yokuzithokozisa. Imikhiqizo yakwaSPAR ikwenza ungayikhaleli ngempela imali yakho. Ngemali oyongayo ngemikhiqizo yakwaSPAR kuningi okunye ongakuthenga.
Umama angayithokozela kakhulu le bolognaise eyehla esiphundu aze atshele nabangani bakhe ukuthi izingane zakhe zimtende ngokuphambili kwakaSPAR! [z]
