zulu.1411.yourman_soccer
Ziphatheni kahle
noma nishiye
Izimoto eziphambili, utshwala nokuzidumisa emaphathini ebusuku sekuphendule izihlabani zebhola kuleli kwazenza zaba nezinkinga emsebenzini wazo wokudlala ibhola
NJENGOBA U-2010 ususe mome kunomoya wobunye nokubekezelelana ebholeni lakuleli: kanjalo siqaphela nabadlali abafana nokhanda-limtshela okwabo ebholeni lethu.
U-OJ Mabizela, Jabu Mahlangu noLerato Chabangu bathole elinye ithuba kulezi zinyanga ezimbalwa zokuvuselela amakhono abo. Kodwa futhi kufanele bazi ukuthi ebholeni elikhokhelayo ukungaziphathi kahle ngeke nakancane kubekezelelwe.
UMabizela usanda kuphunyuka ecaleni abebekwe lona lokushayela eqiwe yizinkamba zikaFaro nokuyilapho ashayisa khona imoto yakhe yemali eshisiwe iSUV nyakenye. Usephinde futhi wasayina inkontileka entsha kwiPlatinum Stars – phezu kokuba wayengafiki ngesikhathi ejimini.
UMahlangu (owazakhela igama kwiChiefs aziwa ngoJabu Pule) wathola ithuba lokudlala emazweni afana no-Austria naseSweden kodwa wehlulwa yizinkinga zophuzo. I-Platinum Stars izamile ukuba ithathe ishansi ngokumsayinisa inkontileka yonyaka owodwa. Kumanje babambe umoya bafuna ukubona ukuthi ngabe lo mdlali usazoqhubeka yini nokunhlanhlatha noma uzoziqoqa.
UChabangu naye ifomu yakhe ekhutshazwe wukugxila ezinkambeni usebuyele kwiMamelodi Sundowns. Emva kokuhlala izinyanga eziyisithupha kwiSuperSport United ngaphandle kwempumelelo, useze walahlekelwa ngisho nayindawo yakhe kwiBafana.
UMabhuti Khenyeza waphunyukwa yindawo yakhe kwiBafana ngenxa yokuthi akazange afike ngesikhathi enkambweni yokuziqeqesha. Kumanje kubukeka eselahlekelwe yithuba lokudlala emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo.
UKatlego Mphela naye useke wagxekwa kakhulu ngokuzithandela ubumnandi, kodwake usekwazile ukuziphendlela indlela emva kokushaya amagoli amathathu emidlalweni emibili yokugcina yeBafana.
Wasebenzisa leli thuba ukuziphindiselela kulabo abamgxekayo. “Abalandeli nabo bonke abantu babengigxeka kodwa bonke sebethule manje ngoba ngishaya amagoli,” kusho yena. “Abantu bakuleli banawo umkhuba wokungamthandi umdlali. Ngisho ngabe wenzani kodwa bahlale bemgxeka.” Inkinga yophuzo yiyo esibe yinkinga ezihlabanini eziningi kwiPSL njengoCollins Mbesuma noBenson Mhlongo abake bamiswa emaqenjini abo esizwe emva kokungalali ubusuku bonke bejuxuza ebumnandini eGerman. UMbesuma kule sizini uzama ukuvuselela ikhono lakhe lokudlala kwiMoroka Swallows. “Ungumuntu ozithobile. Sengathi emizamweni yakhe angaphumelela.”
Ukungaziphathi kahle ebholeni akusiyo into eyenzeka ebholeni lakuleli kuphela. Udumo nemali kukwenzisa izinto ezingalungile. Abanye babadlali abadumile kwezemidlalo abaziphethe kahle. Omunye owayengaziphethe kahle owayedumile uDiego Maradona wase-Argentina. Wasebenzisa i-cocaine cishe iminyaka engaphezulu kweyishumi ngaphambi kokutholakala ngo-1991 ukuthi usebenzisa izidakamizwa. Lokho kwaholela ekutheni amiswe izinyanga ezingu-15 ebholeni. Ngesikhathi sendebe yomhlaba ka-1994 kwatholakala ukuthi usebenzise isidakamizwa ezingavumelekile i-ephedrine waphindiselwa ekhaya. UMaradona ubephuma engena ezindaweni zokuthola usizo lokuyeka izidakamizwa kusukela ngo-1990, kodwa kule minyaka embalwa edlule ukwazile ukuziphatha kahle waze waqeqesha iqembu lesizwe lakubo. Ngaphandle kwenkinga yezidakamizwa, indlela yakhe yokuziphatha - negoli lakhe lesandla kwiNdebe yoMhlaba yango-1986 elaziwa ngokuthi yiHand of God - baningi abasamhlonipha njengomdlali ophambili emhlabeni.
Owayeyisihlabani se-Northern Ireland ne-Manchester United uGeorge Best wayephuza kakhulu umsebenzi wakhe waphela eneminyaka engu-28. Wayesolwa ngokuba nodlame ekhaya, kanti washaya iphoyisa, waboshelwa ukuphuza emphakathini, waboshwa kaningana ngokushayela edakiwe.
UBest wayethanda ukuthi athi: “Ngichitha imali eningi ngotshwala, ngezinyoni nezimoto zikanokusho. Enye ngiyidla noma kanjani.”
Baningi abadlali bebhola balapha eSA abangaziphethe kahle. Badicilelwa phansi wudumo nemali. Namuhla njengoba abadlali bethengwa ngezigidi zemali, behola izimali ezishisiwe ngenyanga, luya ngokwehla uthando lwalabo abahluphayo. E-SA kuyinto entsha ukucutshungulwa ngabezindaba kwezimpilo zabadlali abadumile nabanemali. Lokhu kuziphatha akulimazi isithunzi somdlali webhola kuphela, kodwa neqembu lakhe. Baningi abaphelelwa yikusasa elithembisayo lapha ngenxa yalokhu. Esikhathini esedlule ukuziphatha ngale ndlela bekunganakwa, kodwa akusenjalo manje. UPule wayekhala ngobunzima bokumelana nabezindaba. Ukuhlala kwakhe ezindaweni zokucima ukoma eGauteng kwakubonwa ngabalandeli abakhathazekile bashayele
iqembu ayelidlalela ngaleso sikhathi (iChiefs) nabezindaba ucingo bebazisa ngokuziphatha kwakhe.
UJabu Mahlangu (njengoba ethanda ukubizwa kanjalo manje) useye kabili esikhungweni sokuyekisa utshwala nezidakamizwa njengoba iChiefs yayizama ukumsiza enkingeni yotshwala. Ngemva kokubona ukuthi yena akazimisele, bamyeka wahamba. Wayiswa nguMuhsin Ertugral e-Austria nokwathi lapho eshayisa imoto yakhe emgwaqweni onguthelawayeka watholakala edakiwe wabuyiselwa eSA NakuMabizela kwaqala izinkinga mhlawumbe ngenxa yodumo. Wadlalela iqembu lesizwe emva kokudlala imidlalo embalwa kwi-Orlando Pirates. Emva kwalokho wathathwa yiqembu laseNgilandi iTottenham Hotspur. Ngenxa yomzwangedwa wokukhumbula ekhaya, wagxila ebhodleleni waxoshwa.
Akuvamile ukuxoshwa komdlali owathengwa ngemali eshisiwe kodwa kuMabizela kwaba lula. Ngenxa yokuthi wayeyinkinga babona kungcono ukuba bamkhokhele imali yenkontileka yonke. Ngemva kwalokho wahluleka naseNorway. Esebuyele ekhaya waba nezinkinga kwiMamelodi Sundowns. Waphinde waxoshwa kulandela ukungafiki kwakhe ukuzohlinzwa idolo. IStars ithathe amashansi ngokumsayinisa kanti inkontileka yakhe izoncika ekuziphatheni nasekudlaleni kwakhe. Uma engadlali, ngeke ahole, njengabo bonke abangaziphathi kahle, ikusasa lakhe likuyena kuphela. [z]
Indaba: Mark Gleeson
Izithombe: Gallo
EZISEMATHENI
UKatlego Mphela: usathenjwa okwamanje, ngabe lokhu kuzothatha isikhathi esingakanani?
Abanye baba-dlali bebhola abazi-phathi kahle
▲Seku-yisikhathi sokuba
uJabu Mahlangu azibo-
nakalise kwiPlatinum Stars.
