zulu.1394. lobola
Ngabe bayabasiza abantu"
Irisidi izokusiza!
NGEMINYAKA yo- 1980, iStimela sasicula ingoma eyayithi: "Who's fooling who" I say, I pay a lobolo and I don't get a receipt." Manje, emva kweminyaka engu-20, uMpho Lebogo oneminyaka engu-31 oliqhamukisa eMoletjie eLimpopo, okushiwo yile ngoma usekwenze ibhizinisi.
Le nsizwa ezichaza njengosomabhizinisi wabantu isanda kuvula ibhizinisi eGoli elizosiza abafuna ukuqala izingxoxo zelobolo nokulikhokha.
Umqondo wokuvula ibhizinisi lalolu hlobo uMpho wawuthola mhla efika eGoli ethola ukuthi baningi ababenenkinga ngalolu siko.
"Umfowethu washona engakashadi eselikhokhile ilobolo," kusho uMpho. "Ngenxa yalokho ingoduso yakhe ayibanga nasabelo emafeni akhe.
"Kwakuzoba lula ukuba yayinerisidi iStimela ekhuluma ngalo."
Eyomqondo wesivumelwano selobolo yafika kuMpho ngephupho. "Ngaphaphama ngenza uhlaka lwesivumelwano ngalukhombisa unkosikazi wami," kusho yena.
"Wangibuka wathi: 'Qhubeka muhle umbono wakho!'" UMpho wathatha isivumelwano sakhe waya naso enkosini yendawo.
"Inkosi yathatheka yathi ngenxa yaso nayo isizosizakala uma ixazulula izinkinga zelobolo."
Kodwa amanye amakhosi awaphathekile kahle ngebhizinisi likaLebogo. "Asihambisani nokuthi kube khona abazovula amabhizinisi besebenzisa amasiko ethu," kusho iNkosi Mwelo Nonkonyane.
Kodwa akusilo udaba lwezivumelwano zelobolo kuphela iNkosi uNonkonyane engahambisani nalo. Eyokufuna kukaMpho abantu abazoba abakhongi imthukuthelisa kakhulu.
"Abakhongi esibathumela emndenini kamakoti asibathumeli ngoba sifuna kuboniswane ngendaba yemali nje kuphela kodwa sisuke sakha isisekelo esiqinile ebudlelwaneni bemindeni yomibili.
"Thina njengabaholi bendabuko sizolwisana nokuvulwa kwamabhizinisi alolu hlobo. Asihambisani neze nawo!"
LABA bakhongi bayaqhubeka babe yingxenye yawo wonke umsebenzi ngisho noma ilobolo selikhokhiwe.
"Uma beba nezinkinga emva kokuba sebeshadile, abakhongi abaxazulula lezo zinkinga," kusho uNonkonyane.
"Umuntu ongamazi ngeke umnike umthwalo wokwenza lowo msebenzi."
Kodwa uLebogo uthi yimali kuphela evame ukuba yinkinga kwabashadile. "Yingakho nje ngibanika izeluleko ngokuhlelela imali nokuyilondoloza," kusho yena.
Uyagcizelela ukuthi ibhizinisi lakhe lihambisana nemithetho yabashade ngokwesintu.
Ngokwakhe, amarisidi azoxazulula izinkinga okhokho bethu ababebhekene nazo.
"Ubani othi ngeke wakwazi ukucela abazali bakamakoti ukuba babuyise imali yelobolo"" kubuza uMpho.
Ubiza u-R500 ngokuthumela abakhongi eGauteng kube ngu-R1 500 uma beya ngaphandle kwalesi sifundazwe.
"Siyayisiza naleyo mindeni esuke ifuna ukuyokhokha ilobolo kodwa ingenazo izinto ezinjengezimoto zokuthutha, obhulankethi, amacansi nokunye." [z]
BONA ZULU - April 2006
Sekukhona inkampani entsha ezokusiza uma kuboniswana ngelobolo noma selikhokhwa
indaba nguTEDDY GOMBA
isithombe nguNOMPUMELELO NGCOBO
UMpho Lebogo echazela amakhasimende ngelobolo ephendula nemibuzo yawo.
BONA - April 2006
