zulu.1388.lifestyle
BONA ZULU – November 2005
Uhamba ngemoto yohlobo oluphambili abuye ahlale endlini kanokusho, kodwa uRebecca usayithanda ngenhliziyo yakhe yonke i-mopani.
Impilo yosaziwayo noBONA
NAKUBA iNdlovukazi yomculo woKholo ihlala endaweni yabezambane likapondo eKyalami Estates nokuyilapho indawo ebiza kancane kunazo zonke ingaba yisigidi samarandi – kodwa isakhonze i-morogo ne-mopani worms, ipapa nosu.
U-Rebecca uhlala nabantwana abathathu badadewabo ongasekho kuleli khaya kanti izidlo zomndeni zisemqoka kakhulu. Kodwa kukhona okunye okuthandwa yilo mculi. Ake uqagele ukuthi yimuphi umdlalo awuthandayo…
Ngabe yibhola? Cha! “Ngithanda i-wrestling,” kusho uRebecca, esho nokuthi umdlali amthandayo ngu-Undertaker.
Uyazifela nangama-soapie akhe akusihlwa – no-Oprah noDr Phil.
“Angibi nasizungu uma ngisekhaya,” kusho yena. Wabuye wasimbulela esinye isifuba sakhe…
Ubhala ama-drama amahlaya.
“Uma sengiqede ukubhala, ngivula i-video camera yami ngizithwebule izithombe ngesikhathi ngilingisa. Emva kwalokho ngiyayibuka i-video ngizihleke.
“Ngihlose ukuhlanganisa iminyaka engu-50 sengingusomahlaya odumile,” kusho lo mculi oneminyaka eko-30.
Kodwa usakhonze ukubhala umculo okwamanje. Ekhoneni e-dining room yakhe kukhona upiyano alusebenzisa uma kukhona ingoma emfikela engqondweni yakhe.
“Ngike ngiphuphe izingoma zoKholo kanti uma ngiziphuphile angichithi sikhathi ngiyavuka ngihlanganise engikuphuphile opiyaneni lwami,” kusho uRebecca. Ezinye izingoma zakhe njengethi Inombolo Yocingo wazibhala ngale ndlela.
U-Rebecca wasikhombisa ezinye izipho aziphiwa abalandeli.
Kuzona kukhona izithombe ezintathu azinikwa uMntwana wakwaPhindangene iNkosi uMangosuthu Buthelezi - othanda ingoma kaRebecca ethi Ngiyekeleni Ngihambe Ngiyekhaya Ezulwini – kukhona nomata nezikhumba ezibizayo.
Abanye bamupha izingubo kanti wasikhombisa enye i-three-piece wathi: “Ngiyazigqoka izingubo abantu abangipha zona ngoba ngiyazithanda izipho.”
Uyazifela ngefeshini uRebecca ikakhulu izicathulo.
“Ngiyazithanda izicathulo kanti anginankinga ngokuthenga izinto ezingigculisayo noma ezingiphatha kahle. Ngikhetha izingubo ezingifanelayo,” kusho uRebecca.[z]
Sisekhaya no
Isihlabani seGospel sisimemele
Rebecca
Malope
ekhaya laso eliseKyalami
indaba nguFORCE KHASHANE
BONA ZULU – November 2005
UThandeka, Zweli noNoluthando Malope. U-Rebecca ugone uNolai Mafaku, umntwana womsizi wakhe.
u
KUDE KWESOBUNXELE: Upiyano alusebenzisa uma ecula.
KWESOBUNXELE: Izithombe uRebecca aziphiwa yiNkosi uButhelezi.
NGENHLA: Ingxenye yemiklomelo uRebecca aseke wayiwina.
t
BONA ZULU – November 2005
NGENHLA: Ukuhlala phansi bazitike ngezidlo zasekhaya kusemqoka kakhulu kuRebecca.
KWESOKUDLA: Izithombe eziningi uRebecca anazo ekhaya lakhe waziphiwa abalandeli.
Rebecca
Malope
“Ngikhetha izingubo ezingifa-nelayo,” kusho uRebecca.
BONA ZULU – November 2005
