zulu.1387.yourworld_tvguide_2
YISIKHATHI SE-TV!
UYASHISA!
Sixoxa noJennifer Lopez ngeThe Wedding Planner (May 8, 10.30pm, SABC3), umdlalo wamahlaya okhuluma ngothando esimbona ephula kuwona umthetho okungafanele awuphule kwi-wedding planner: owokungathandani nomkhwenyana.
Yini eyenza wathatha isinqumo sokudlala kwiThe Wedding Planner?
Ngangifuna ukudlala emdlalweni wamahlaya okhuluma ngothando kanti ayitholakali kalula imidlalo yalolu hlobo emnandi. Lona ngowokuqala engawuthanda.
Eziqephwini eziningi ezikule-movie ubonakala ugqoke budlabha, ngabe wakuthola kunjani lokho?
Ngakuthanda. Umthetho wami ngiyazwana nokugqoka budlabha yize noma ngivame ukubukeka kahle.
Kuthiwa kukhona okuhlekisayo kule-movie okwakungafakwanga ngesikhathi ibhalwa. Ngabe lokho kuyiqiniso?
Yebo, okunye kwaba ngumqondo wami, njengokubhajwa kwesicathulo emgodini ovalwayo kanye nesiqephu se-lipstick.
Yisiphi isiqephu esaba yinselelo kuwena?
Ese-tango ngoba kwakufanele sixoxe kanti futhi kwadingeka ukuba sidanse kungekho mculo odlalayo. Umculo wafakwa emva kwesikhathi siqalile ukudansa. Lokho kwaba yinselelo kakhulu.
Ngabe uJennifer Lopez wenzani uma esekhaya?
Ngithanda ukuthi kushise kakhulu bese ngivula i-fan, ngibuke amaDVD. Lokho ngingakwenza ubusuku bonke.
(Imithombo: tv.com; US; Variety)
My Boss’ Daughter (May 15, 7.30pm, SABC3)
U-Ashton Kutcher weshela indodakazi yomqashi wakhe kodwa ngabe kufanele aze acekele phansi ikhaya lomqashi?
Gone In 60 Seconds (May 8, 8pm, e-tv)
Amasela antshontsha izimoto kulena okudlala kuyona uNicolas Cage.
ONGAKUBUKA
HOME ALONE 4
(May 2, 8pm, e-tv)
Abazali bashiya indodadana yabo yodwa ekhaya kanti kudingeka ukuba ifunde ukuzinakekela – ilwe nabagqekezi – kule movie emnandi engathokozelwa yiwo wonke umndeni.
AMA-MOVIE OKUBU-KWA
AMADODA AMAHLE
NABASHISAYO
Sibheka ukuthi abadlala kuma-soapie balele kumuphi umqondo kule nyanga
Sekukaningi uSharon enganakwe muntu kodwa manje sekuyalunga. Umphumela wokuhlolwa kwegazi uzomthusa kakhulu uSenzo. Ngomsombuluko kuya kuLwesihlanu, 8pm, SABC1
USbu ubhekene nenkinga yamantombazane amathathu. Ngabe uthandana noGail, njengokucabanga kukaSmokey? Uzothini uGail ngezindaba zikaSbu? Ngomsombuluko kuya kuLwesihlanu, 6.30pm, e-tv
UKeke ushaywa wuvalo uma ezwa ukuthi u-Abigail ufuna ukubuyela eRT’s – ngokugcwele. UMangi utshela ubaba wakhe ukuthi uzowatshela iqiniso amaphoyisa uma ebuza ngokugwazelwa kwejaji. Ngomsombuluko kuya kuLwesihlanu, 7.30pm, e-tv
U-Donna noBrooke bathemba ukuthi uKatie uzokwazi ukukhuluma noStephanie, kodwa uStorm ubatshela ukuthi uyasemukela isimo sakhe. Ngokuhamba kwesikhathi uBrooke, Donna noStorm baya kwaForrester kanti uRidge uyathukuthela uma ebona uStorm. Kolunye uhlangothi, uPhoebe akakayazi eyokuthandana kukamama wakhe nesoka lakhe lakudala. Ngomsombuluko kuya kuLwesihlanu, 6pm, SABC1
UMeme ubophisa uThandaza ngecala angalazi. Ubudlelwane bukaThandaza noPheko buyavivinywa ngesikhathi uPheko ebhekana nabezindaba ebeka umsebenzi wakhe engcupheni. Ngomsombuluko kuya kuLwesihlanu, 9pm, SABC2
U-Maggie usiza uNandipha, kodwa usizo lwakhe aludingeki. Ngabe uzokwenzani uCalvin uma sekusabalala izindaba zesethembiso somshado? Ngomsombuluko kuya kuLwesihlanu, 6.30pm, SABC3
EZAMA-SOAPIE
ESIKU-KHE-THAYO
Ubuhlakani empini phakathi komfana noMandark noDee Dee udadewabo
Umfana oneminyaka engu-11 unewashi elimnika amandla amangalisayo.
Uphila impilo ehlukene kabili, uyintombazane efundayo eya esikoleni, kusihlwa ibe ngumculi we-pop odumile!
U-Sonic nomngani wakhe uMiles bazama ukunqanda uDkt. Ivo Robotnik okhohlakele nama-robot akhe ukuze bangabusi umhlaba.
Opopayi abangamasosha balwela inkululeko kulolu chunge lokungezwani kwabandawonye.
Lolu wuchunge ngentsha evikela idolobha layo ezigebengwini.
Umdlalo wopopayi wabafana bandawonye abahlangana ukuze balwe noShadow Master.
IZINHLELO ZEZINGANE
