zulu.1360.Surprise
Isikhathi sami sizofika!
Ukushiywa kwakhe eqenjini lemidlalo yeCAF kwaba yinto eyethusa abaningi, kodwa lo mdlali wasesiswini uthi useyilungele imidlalo yeWorld Cup ka-2010!
UKUTHI uSurprise Moriri weMamelodi Sundowns ngumdlali okufanele abhekwe ngamanye amehlo, yinto eyagqama ngesikhathi kubakhona ukukhononda kwabebhola lapho lesi sihlabani sishiywa ngaphandle eqenjini leBafana elaliya e-Egypt nokuyinto engamangazanga endleleni leli qembu eladlala ngayo kulo mqhudelwano.
Wavele wahleka uma ngimbuza ukuthi kwamphatha kanjani ukushiywa ngaphandle. “Yinto esengayidlulisa. Ngavele ngazitshela ukuthi akukabi yisikhathi sami, kodwa esami siyeza.
“Kufanele wazi ukuthi noma yimuphi umqeqeshi unabadlali abasezinhlelweni zakhe, ngakhoke ngicabanga ukuthi ngangingomunye walabo ababengekho ezinhlelweni zakhe.”
Kodwa uMoriri unabalandeli bakhe - kwabemithombo yezindaba nakubalandeli beSundowns kanti futhi ukholwa wukuthi angaphumelela phesheya.
“Okwamanje angikhethile ukuthi kuphi. Iphupho lami wukuba ngidlale ngaphansi kweligi yaseSpain ngoba ngithanda indlela elidlalwa ngayo ibhola khona,” kusho yena.
Lelo yiphupho elikude kakhulu nemigwaqo yobhuqu yaseMatibidi eMpumalanga nokuyilapho uSurprise aqala khona ukukhahlela ibhola.
“Njengazo zonke izingane zaselokishini, nami ngakhula ngidlala ibhola emgwaqweni nasesikoleni,” kusho yena.
Ngokushesha uMoriri walandela ezinyathelweni zomfowabo, waqala wadlala eqenjini iLagrig Football Club eneminyaka eyisikhombisa.
“Ngesikhathi umama wami edlula emhlabeni ngo-1990, ngathunyelwa eGautshwane ukuba ngiyoqedela ukufunda nokuyilapho ngafike ngajoyina iqembu lebhola iCity Blacks – okuyiqembu elalidlala kuma-amisha.”
Emalokishini ikilabhu yama-amisha ayisho lokhu okuchazwa yileli gama. Lawa maqembu aselokishini avame ukusetshenziswa abanini bawo ngoba befuna ukugembula.
“Yebo,” kusho uSurprise. “Ne rebapalela chelete. Sasigembula. Sasingadlaleli ukukhushulelwa esigabeni sebhola elikhokhelayo. Sasizama ukujabulisa umnini wekilabhu.”
Kwathi lapho esephothule u-matric eseshiye phansi ekudlaleni ibhola lamakilabhu aselokishini, walibangisa eGoli eyokwenza izifundo ze-financial management eGermiston College.
“Ngajoyina iqembu lebhola laseWatville e-East Rand elalaziwa ngokuthi yi-Watford Brothers sidlala ngaphansi kweVodacom League,” kusho yena. Ngesikhathi esekwiWatford, ikhono lakhe laqaphelwa ngowayefunela iSilver Stars abadlali owammema ukuba azokwenza ama-trials.
“Ngahlala amasizini amabili kwiStars - eyodwa besadlala kuMvela Golden League enye kwiPSL ngaphambi kokuba ingibone iSundowns.”
Kube njani ukujoyina kwakho iSundowns?
“Empeleni abalandeli bethu babheke lukhulu nokuyinto ebeka enkulu ingcindezi kithina.
“Enye inselelo esibhekene nayo wukuthi uma udlalela ikilabhu enabadlali abaphambili, kuye kube nzima ukuba ukwazi ukuyigcina indawo yakho ekilabhini.
“Kodwa lokhu yiyonanto enhle ngoba zikhathi zonke uhlale ufunda okuningi ulwele nokuthi uzinikele ngokuphelele zikhathi zonke.”
UMoriri akanamahloni okuphumela obala uma iqembu lakhe limdinga.
Ngesikhathi bebhekene neKaizer Chiefs waze wavolontiya ekutheni avimbe!
“Unozinti wethu wayelimele sesingeke sisafaka muntu ngoba sase sibafake bonke abangena ezindaweni zabanye. Akekho owaba nesibindi sokuzinikeza isibopho sokuba avimbe, ngazijuba ngavimba. Ngenhlanhla alukho olutheni olwenzeka kwaze kwaphela umdlalo.”
Ongumqeqeshi weSundowns uNeil Tovey ngumuntu olithokozelayo ihlaya elihle njengoba kwambulala ngensini lokhu okwenzeka okungajwayelekile. Kuyabonakala nakuma-replays eTV ehleka lapho ibhola lisondela ngakuMoriri emapalini.
UMoriri usezakhele ugazi kubalandeli ngendlela ajabula ngayo uma eshaye igoli.
“Ayikho into engizama ukuyedlulisela kubantu endleleni engijabula ngayo. Kuyazenzekela. Abantu akufanele bakuthathe ngenye indlela.”
Uma uMoriri engekho enkundleni, uzihlalela nabangani bakhe azidlalele i-pool noma aziyele kuma-movie.
Ngaphandle kweMamelodi Sundowns, iqembu alikhonzile yiMoroka Swallows kanti abadlali abathandayo wuJohn “Shoes” Moshoeu noZidane .
Ngimbuza ngezinhlelo zekusasa lakhe, ngaphambi kokuba aphendule uqale wahleka.
“Ngizimisele ngokuba ngibe yingxenye yeqembu eliyodlala kwiWorld Cup ka-2010.”[z]
BONA ZULU – July 2006
USurprise Moriri – Umdlali Ovelele woNyaka
USurprise esenkundleni edlala
indaba nguTEDDY GOMBA
izithombe ngabeTOUCHLINE PHOTO
UMoriri uyakuthanda ukudlalela iSundowns,
kodwa ukubheke ngabomvu ukuyodlala kwiligi yaseSpain.
USurprise ebanga ibhola noMarawaan Bantam no-Omar Hendricks beSantos.
BONA ZULU – July 2006
USurprise ethokozela ukushaya igoli, ngendlela yakhe eyehlukile.
