zulu.1351.yourstories_rape
Wadlwengulwa
emsebenzini
IMPILO YOQOBO
Ukudlwengulwa nguzakwabo emsebenzini
kwakusewukuqala kwezinkinga zakhe
UMPHO (okungesilo igama lakhe langempela) oneminyaka engu-27 ushadile unezingane ezintathu kanti wajabula ngesikhathi ethola umsebenzi. "Okwangifikela engqondweni njengoba kwakuyisikhathi sikaKhisimusi, wukuthi ngangizokwazi ukuthengela izingane zami izipho," kusho yena.
Kwathi lapho inhlanhla yakhe isibukeka imjikela, wangakuvumela lokho.
Nantu udaba alulandisa uSamantha Kambule wakwaBONA.
NGAKHALA izinyembezi zenjabulo ngesikhathi ngithola umsebenzi wokuba ngunogada ngo-October nyakenye. Okwangifikela emqondweni kuqala njengoba kwakuyisikhathi sikaKhisimusi, wukuthi ngangizokwazi ukuthengela izingane zami izipho.
Ngangingaqashiwe iminyaka emibili kodwa ekugcineni kwaba khona ukukhanya empilweni yami. Ngangicabanga ukuthi izinto zizokuya ziba ngcono.
Ngangingazi ukuthi ngishaye phansi!
Ngalelo langa ngaqala emsebenzini njengokujwayelekile. Uzakwethu owaziwa ngokuthi wu "Musa" nakuba kungelona igama lakhe, wangitshela ukuthi mangize kuyena. Lokhu akuzange kube yinto engajwayelekile ngoba kwakuyingxenye yomsebenzi wethu ukuzungeza sibheke isimo ebhilidini esasiligada.
Kodwake ngalelo langa izinto zahamba ngenye indlela. Sasisanda kungena kwesinye sama-storerooms ngesikhathi ngizwa engigxavuna ngemumva.
Okwangifikela kuqala wukuthi siyahlaselwa - kwakungezona izigebengu zangaphandle, kodwa kwakunguzakwethu uMusa. Wayekade engilindile ukuba ngihambe phambi kwakhe, emva kwalokho wangibamba.
Wayephethe ummbese. Wathi mangikhumule. Ngangicabanga ukuthi uzongibulala, ngamlalela. Emva kwalokho wangilalisa phansi wangidlwengula.
Ngikhumbula ngilele lapho emva kokuba esehambile. Angizange ngikukholwe okwenzekile. Sasisebenzisana ngokubambisana amasonto ambalwa ngaphandle kwezinkinga - kodwa manje sekwenzeka kanje!
Ngangesaba futhi ngopha. Wangilimaza, kodwa okwaba buhlungu wukungijikela kwakhe.
Kodwa lokho kwakuwubala kunokwakusazokwenzeka.
Ngabikela u-supervisor wethu ngokudlwengulwa kwami.
Ngacabanga ukuthi ngenza into efanele, kodwa wangitshela ukuthi mangithule ngingatsheli muntu ngoba lokho kuzodicilela igama lenkampani phansi - washo sengathi lokho kwakubaluleke ngaphezu kokudlwengulwa kwami.
Wangibuza ukuthi kungani lokhu kungicasula ngoba angibukeki ngiyintombi-nto.
Wangibuza ukuthi ngabe uMusa ubezivikele yini ngesikhathi engidlwengula, ngathi yebo ubesebenzisa ikhondomu.
"Kuyacaca ukuthi akazange abeke impilo yakho engcupheni," kusho u-supervisor.
Waze wathi uzimisele ngokuba ngiqhubeke nokusebenza kwi-shift eyodwa noMusa.
Ngosuku olulandelayo ngaya ehhovisi elikhulu lenkampani ngiyokhuluma nomunye u-supervisor. Lona kwakungowesimame nengangicabanga ukuthi uzoluzwa kangcono udaba lwami. Naye wavele wangitshela into efanayo.
Ungakhathazeki ngalokho, kusho yena. Wathi kujwayelekile ukuba abasebenzi bathandane.
Ngaphinda ngazama futhi ukuchaza ukuthi ngidlwenguliwe hhayi ukuthi siyathandana, kodwa wangayizwa leyo.
Naye futhi wathi ukubika lolu daba emaphoyiseni kuzohudulela phansi igama lenkampani wathi angingasho lutho ngalolu daba.
Kwathi lapho ngimtshela ukuthi ngeke ngize ngithule ngokudlwengulwa, wathi ngizoxoshwa. Kwakungathi yimi umuntu olukhuni, omubi nokuthi okwenzeka kwenzeka ngenxa yami.
Nsuku zonke emsebenzini kwakuthi lapho ngibonana nowangidlwengula, kudingeke ukuba ngishaye sengathi akwenzekanga lutho. NgoFebruary waphinda futhi wangihlasela.
Ngakwazi ukuphulukundlela ngibaleke. Kulokhu ngavele ngabiza amaphoyisa ngaso leso sikhathi. Afika ambopha.
Ngazizwa ngikhululekile ngoba le nto ibilokhu ingidla. Ngase ngingenakho ukuzethemba kanti futhi ukubhekana nomdlwenguli wami nsuku zonke kwakufana nokudlwengulwa futhi.
Okubuhlungu abaqashi bami babelokhu bengisabisa baze bangixoshisa okwesigebengu.
Emva kwalokho amaphoyisa angitshela ukuthi icala lami liphelile.
Ngesikhathi ngibuzwa ukuthi kungani, bangitshela ukuthi abantu basemsebenzini bathi ngangiqamba amanga ngoba owangidlwengula yisoka lami.
Ngangishadile nginezingane ezintathu - babengayisho kanjani into enjalo? Pho ngangingaba kanjani nesoka?
Ukuhlukumezeka kuyaqhubeka - angilali ebusuku owangidlwengula uyazichanasela ngaphandle, futhi usasebenza.
Umyeni wami ungeseke kakhulu nakuba engeke akubekezelele ubuhlungu nokuphoxeka.
Sihlala emjondolo kangangoba kwaze kwadingeka ukuba izingane zethu sizithumelele eLimpopo ngoba asikwazi ukuba sihlale nazo eGoli - ngakhoke nazo ngendlela ethile, zahlukumezeka.
Angisakwazi nokuya ocansini nomyeni wami. Ngize ngicabange ukuzibulala. Emva kwalokhu ngiyacabanga ukuthi abantu bazobona ngempela ukuthi ngadlwengulwa. Angazi ukuthi ngenzenjani.[z]
Izithombe: Jan Right
UMpho akasasebenzi kanti uke acabange ukuzibulala.
Ukuhlale sibonana
naye
nsuku-
zonke
kwa-
kufana noku-dlwe-ngulwa futhi
