Isicelo somuntu wangaphandle sokuba yisakhamuzi
Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Imvume yokuhlala unomphela kwabalingani
Imvume kwabanamakhono anqabile
Isicelo kubantu abathathe umhlalaphansi
Imvume yokuhlala unomphela kumsebenzi
Isicelo somuntu wangaphandle sokuba yisakhamuzi
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Isicelo somuntu wangaphandle sokuba yisakhamuzi
Isicelo somuntu wangaphandle ukuba yisakhamuzi
Izincazelo
Noma wubani onemvume yokuhlala unomphela eNingizimu Afrika ukufanele ukwenza isicelo sokuba yisakhamuzi saseNingizimu Afrika ngenqubo ebizwa i-naturalisation ngemuva kweminyaka emihlanu yokuba yisakhamuzi esihlala unomphela.
Noma wubani oshade nesakhamuzi saseNingizimu Afrika ukufanele ukuba yisakhamuzi esivela kwelinye izwe ngemuva kweminyaka emibili ngemuva kokuthola imvume yokuhlala unomphela ekhishwe lapho eshada.
Ingane eneminyaka engu-21 enemvume yokuhlala unomphela ikufanele ukuba yisakhamusi esivela kwelinye izwe, masishane ngemuva kokuba kukhishwe imvume.
Ukuze uthole olunye ulwazi ngena kwaboMnyango wezaseKhaya.
Izinyathelo okumele zilandelwe
Gcwalisa ifomu lesicelo le-BI-63 kanye ne-BI-757 kunoma yiliphi ihhovisi lezaseKhaya. Yenza isicelo kwinxusa (embassy) noma imission uma ungaphandle kwezwe.
Khipha imvume yokuhlala unomphela esebenzayo noma i-exemption (ilungelo lokukhishwa ngaphansi kwesibopho).
Gcwalisa ifomu le-SAP kanye nesethi ephelele yezigxivizo zeminwe ukuthola isitifikedi sokuba msulwa sasemaphoyiseni.
Fakela ifomu eligcwalisiwe le-BI-9 nesethi ephelele yezigxivizo zeminwe kanye neithombe ezimbili zosayizi we-ID uma uneminyaka engaphezu kwengu-15. Lokhu kwenzelwa ukuthi uthole umazisi (i-ID) ngemuva kokuba kwemukelwe isicelo sakh sokuba yisakhamuzi sezwe kodwa esivela kwelinye izwe.
Umzali obhekene nengane angenza isicelo egameni lengane esencane ngeminyaka emthethweni (minor) noma kunini lapho lowo osemncane ehlala eNingizimu Afrika unomphela ngokusemthethweni.
Umazisi (i-ID) izokhishwa ebese ithunyelwa umenzi wesicelo.
Abenzi bezicelo izicelo zabo ezingamukelwanga bazokwaziswa ngokufanele.
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izicelo zingathatha izinyanga ezingu-2 ukuya kwezingu-4.
Izindleko
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Sicela ufakela isifundazwe
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
