zulu.1339.legendsmar
Ngeke ukholwe ukuthi elaseGibhithe lake laba nombusi abantu abangenalwazi ngaye!
indaba ngu-ISAAC KWELA
isithombe ngabeGREAT STOCK!
INDODA edume emhlabeni ngele "Nkosi uTut" yayingumbusi ogama lakhe lalinguNebkheperure Tutankhamun owabusa kwelaseGibhithe phakathi kuka-1324 BC-1333 BC. Saba sincane kakhulu isikhathi asibusa ngoba wabusa iminyaka engu-11 kuphela - kanti okwenza ukuba uTutankhamun adume wukuthi isidumbu sakhe esatholakala eValley Of The Kings satholakala sisekahle.
Ukutholakala kwaso ngo-1923 sitholwa nguHoward Carter kwaba yindaba esematheni kwabezindaba kwenza ukuba abantu babe nomdlandla wokuzwa ngomlando weGibhithe.
Abacwaninga ngokwenzeka mandulo abanasiqiniseko sokuthi bangobani abazali bakaTutankhamun kodwa abaningi bavumelana ngokuthi wayeyindodana yeNkosi u-Akhenaten noKiya, owayengomunye wamakhosikazi enkosi. UTutankhamun wayeneminyaka eyisishiyagalolunye ngesikhathi eba yinkosi kanti abeluleki bakhe babeholwa yindoda eyayibizwa ngo-Ay.
U-Akhenaten wavala indawo yezithixo zaseGibhithe ngesithixo esasithandwa nguye. Leso sithixo sasibizwa ngo "Aten" kanti igama aqanjwa ngalo ezelwe uTutankhamun kwakunguTutankhaten, okusho ukuthi "Aten othandekayo."
Kwathi lapho lo mbusi eseneminyaka engu-11, waqeda isigwebo sokudingisa izithixo ezindala washintsha negama lakhe. Lokho kwamenza waba yintandokazi kubantu wakha amathempeli amaningi awanikela esithixweni selanga esingu-Amun-Ra (Tutankhamun ochaza u "Amun othandekayo").
Emva kokukhothama kwakhe uTutankhamun abantu baseGibhithe bayikhohlwa indaba yakhe kwaze kwaba sekuqaleni kwe-20th Century.
Ithuna lakhe alaziwanga ukuthi likuphi. Lagqitshwa amatshe amanye amathuna. Kwabuye kwakhiwa nezindlu phezu kwethuna lakhe.
Ithuna lakhe
U-Howard Carter ongusolwazi wezemilando waseBritain ozinze eGibhithe wathola ithuna likaTutankhamun eThe Valley Of The Kings ngomhlaka 4 November, 1922.
U-Carter waxhumana noLord Carnarvon owayengumsizi wakhe ngoNovember 26 ngalowo nyaka kanti la madoda aba ngabantu bokuqala abangena ethuneni likaTutankhamun emva kweminyaka engaphezulu kwengu-3 000.
Ngomhlaka 16 February, 1923, emva kwamasonto ambalwa kumbiwa ngokucophelela, uCarter wathola ibhokisi likaTutankhamun elalihlotshisiwe.
Imbangela yokukhothama kwakhe
Kwaphela isikhathi eside imbangela yokukhothama kukaTutankhamun ingaziwa nokuwudaba olwasusa enkulu inkulumo-mpikiswano.
Ngabe le nkosi yakhothama ineminyaka emingaki" Ngabe yakhothama ngokugula noma ngokubulawa"
Isidumbu sakhe sahlolwa yithimba likaHoward Carter ekuqaleni kweminyaka yo-1920 kodwa okuyikona ababekujahe kakhulu kwakungubucwebe angcwatshwa ehlobe ngabo.
Kwadingeka ukuba basike isidumbu sakhe ukuze basuse ubucwebe obabunamathele kusona.
Isidumbu sakhe sabuyiselwa engcwabeni ngo-1926 sekwenziwe amaX-ray amathathu. I-X-ray yokuqala yenziwa ngo-1968 e-University of Liverpool, eyesibili yenziwa ngo-1978 e-University yaseMichigan kanti eyesithathu yenziwa yithimba lososayensi baseGibhithe ngo-2005, okuyithimba elaliholwa nguDokotela uZahi Hawass.
Ama-X-ray ka-1968 aveza indawo engumgodi ngemuva ogebhezini lwekhanda lakhe okucatshangwa ukuthi lowo mgodi wadalwa wukushaywa ekhanda.
Kungenzeka ukuthi walimala ngengozi kanti kwabuye kwaba nezinsolo zokuthi lo mbusi wasocongwa.
Abaningi basola ukuthi uTutankhamun wasocongwa ngu-Ay owabusa emva kwakhe.
Okusha
Ngesikhathi kuhlolwa isidumbu sikaTutankhamun ngo-2005, akutholakalanga ngozi ngemuva ekhanda lakhe. Umgodi owawubonakala ekhanda wavulwa abomisa isidumbu sakhe emva kokukhothama kwakhe.
Kwabuye kwatholakala nokuthi wayephuke kabi emlenzeni wangakwesobunxele...
Kuningi okwafundwa abantu ngempilo yakhe. Kusolwa ukuthi wakhothama eneminyaka engu-19. Wayephila kahle engakhombisi zimpawu zokugula noma zokungondleki kahle ekukhuleni kwakhe.
Wayelingene ngokomzimba ubude bakhe bungu-170cm.
Imidwebo yakhe eminingi imveza enekhanda elide kanti kungenzeka ukuthi lokho kwakuyinto eyayilufuzo engakhombi kukhubazeka.
Ososayensi baseGibhithe bagcina bevumelene ngokuthi uTutankhamun wabulawa wukumila kwesilonda esingapholi emlenzeni wakhe emva kokuphuka kwawo enqoleni yezempi.
Ukutholakala kwethuna lakhe kwaba yingqayizivele, isidumbu sakhe esasisaphelele sasinobucwebe obuhle kanti konke lokhu kukhomba ukuthi le nkosi iluphawu lweGibhithe uqobo.
Omunye usosayensi wabhala wamchaza kanje: "inkosi yaseGibhithe abantu ababengenalwazi olugcwele ngayo." [z]
BONA ZULU - December 2007
IKing Tut
U-Nebkheperure Tutankhamun
BONA ZULU - December 2007
Ukonyiswa kwesidumbu
Isidumbu esonyiswayo asiboli kanti siqholwa ngamakhemikhali, somiswe noma sibekwe endaweni engenamoya.
EMandulo kwelaseGibhithe kwakonyiswa izidumbu zabantu abadumile kanti lokho kwakwenziwa ngenxa yezizathu ezithile.
Kule ndawo babekholwa wukuthi isidumbu siyikhaya lomuntu elimqoka empilweni ayiphila engasekho. Uma umuntu esefile, isidumbu sasivulwa kwesingezansi kukhishwe konke okungaphakathi.
Emva kwalokho isidumbu sasigcotshwa ngokuthile okuzokwenza ukuba sisheshe some singaboli.
