zulu.1336.natasha
I-Iron Lady
ISILUNGELE U-2010
"Singumndeni oyimbumba," kusho uNatasha oneminyaka engaphezulu kuka-30 eshade no-Angelo.
KwiFIFA uNatasha ubonana nabantu abafana noGeorge Weah waseLiberia, Michel Platini waseFrance nabanye.
IBHOLA
U-Natasha Tsichlas wayethi yizingane zakhe eziyikho konke kuyena - lokho kwaqedwa abazukulu bakhe...
Ibhola lethu lingcono kakhulu
UNgalokothi unike uNatasha Tsichlas ophethe ebholeni lezinyawo ithuba lokukhuluma ngabazukulu bakhe o-Angelo (5) no-Anthea (2) ngoba ukhuluma ngabo angaphezi.
Uthi akahlali phansi uma enabo. Uthanda ukubenzela isidlo sasekuseni. Uma sebehleli phansi belinde ukudla, ushaya sengathi ukhohliwe wukubonga ukudla kanti abalokothi bakuthinte engakalilungisi "iphutha lakhe."
Babuye babe nesikhathi abasichitha bedlala. Akubuzwa ukuthi yimuphi umdlalo abawukhonze kakhulu!
"Singumndeni oyimbumba," kusho uNatasha oneminyaka engaphezulu kuka-30 eshade no-Angelo ongusomabhizinisi.
Banamadodana amabili - uStelics (28) noStavros (26). Nakuba uStelics engasahlali nabo, ujwayele ukuza ekhaya ezodla ukudla okumnandi okuphekwe ngumama wakhe - ashiye nabazukulu.
Umndeni wakwaTsichlas waba nedumela emva kokuthenga iMamelodi Sundowns "Abafana Besitayela".
Manje uNatasha usebenza kwiSAFA kanti usemakomitini ambalwa eFIFA. Lokho kusho ukuthi uyindlala ekhaya.
"Ayikho into engiyithanda njengokugeza abazukulu bami ngibaxoxele izindaba," kusho yena.
Okunye akuthandayo wukuzinakekela. "Nginendlela yami engizinakekela ngayo kanti lokho ngikutshela nabanye abantu besimame abahlale bematasa," kusho uNatasha othi uyazifela ngezikhwama nezicathulo.
Ukudansa kuyingxenye yendlela azinakekela ngayo - uyakugada nakudlayo.
Uthi nakuba kukuhle ukuthi abesimame bathembele kwabashade nabo, kufanele bakhululeke basebenzise amathalente abo.
"Bengingeke ngibe kuleli zinga ngaphandle kokwesekwa u-Angelo. Kodwa amanye amadoda ayamesaba owesimame ophumelelayo."
"U-Angelo uhluke kakhulu. Indoda okuyihambela kahle empilweni ngeke izenyeze uma umkayo ephumelela," kusho yena.
KwiSundowns uNatasha wazakhela igama ebholeni waze waqanjwa ngele-"Iron Lady Of Soccer," isidlaliso esisuselwa kwesikaMargaret Thatcher owayenguNdunankulu waseBritain owayengayibekezeleli into ebhedayo.
UNatasha unalo ithemba ngo-2010. "Ibhola lethu lingcono kakhulu. Ayisakhulunywa eyokuthi amaqembu amakhulu yiKaizer Chiefs, Orlando Pirates neSundowns. Wonke amaqembu adlala kwiPSL asethubeni lokuwina izindebe," kusho yena.
Nasebholeni labesimame izinga likhuphuke kakhulu. UNatasha uthi njengoba iligi isizoqala, iBanyana Banyana izoqhubeka ngokudlondlobala.
Wafundela ukuba ngusonhlalakahle kanti uyazi ukuthi abadlali badlala kahle uma ubahlonipha.
Yileso senzo sakhe esamakhela ugazi kubadlali nakubalandeli beSundowns. Uthi ngenxa yalokho uhamba akhululeke ezitaladini zaseMamelodi.
KwiFIFA, uvame ukuhlangana nabantu abanjengoSir Bobby Charlton waseNgilandi, George Weah waseLiberia, Michel Platini waseFrance noSepp Blatter onguMongameli weFIFA.
Imbewu yokuthanda ibhola yahlwayeleka eneminyaka eyisithupha ngesikhathi ehamba nobaba wakhe beyobukela umdlalo owawuphakathi kwe-Olympiakos yaseGreece neCorinthians yaseBrazil. Kulowo mdlalo abantu babekhala ngoPele, ingqungqulu yebhola asehlangane naye kaningi njengoba enesikhundla ebholeni.[z]
Indaba: MakatileMedia
