zulu.1332.winner
SIYAKUKHUTHAZA
1 NGENELA UMNCINTISWANO
Kuzwakala kuyinto ecacile, kodwa lisebenzise ithuba uma livela. Uma ubona abantu bengenela imincintiswano enjengeyama-Idols ufikelwa wumcabango wokuthi: "Ngabe mina ngingalunga?" Ngeke wazi ungakawungeneli!
Ungabi novalo, usatshiswe abantu - thatha isinqumo ufeze iphupho lakho.
UThembisile Ntaka, obalwa kwabaphumelela kwiCoca-Cola Pop Stars ngo-2003 osendleleni yokuba ngomunye wosaziwayo uthi: "Ukucula kuyimpilo yami, iphupho lami. Awukwazi ukuyeka iphupho lakho."
2 YIBA NESIQINISEKO
Uma usuthathe isinqumo sokungenela umncintiswano, zibekele imigomo. Yiba nesiqiniseko ngayo ukuze kufezeke iphupho lakho. Imigomo ibalulekile ukuze uphumelele. Yiba nolwazi lokuthi ufunani ngokusho kukaDavid Kau, ongomunye wamajaji kwiSo You Think You're Funny. "Abanye bangenela imincintiswano ngoba befuna imali, kodwa kuwina ofuna ukusebenzisa ikhono lakhe!"
3 ZIQEQESHE
"Kumqoka kakhulu ukuziqe-qesha," kusho uRohan Bergtsedt owaye-qeqesha uChris Flandorp owafinyelela kowamanqamu kwiCoca-Cola Football Stars. "Sasiziqeqesha izinsuku ezine ngesonto sibe nomdlalo njalo ngezimpelasonto."
Usakudinga ukuqeqeshwa ngisho noma unekhono lokudlala ibhola, lokudansa, lokucula noma ungusomahlaya!
Uma kufunwa abadansi, abadlali bebhola, abaculi nokunye kubhekwa okungaphezulu kwethalente. Zethembe, ungasesabi isteji uthande into oyenzayo - lezo zinto zifuna uzilolonge.
4BHEKA AMATHUBA Funda amaphephandaba namaphephabhuku, bheka izikhangiso zeTV - ugade umncintiswano ofuna ithalente lakho. Zama ngawo wonke amandla ukulungela umncintiswano!
5 ZINZISA INGQONDO
"Kuwina umuntu ozimisele ozinzile ngokomqondo. Ungavumi ukudikibaliswa yizingqinamba. Uzokhathala, ushaywe wuvalo ube nengcindezi - lezi zinto zizokuhlupha, kodwa gxila emklomelweni ozowinwa!"
kusho uHarold van Buuren, owayeyinhloko yamajaji kwiSo You Think You Can Dance ngesikhathi ebuzwa ukuthi umuntu uphumeleliswa yini. UThembisile uyavumelana naye, uthi ozakwabo aphumelela nabo kwiCoca-Cola akubalungelanga emculweni ngoba basuka enjongweni yokufeza amaphupho abo.
6 ZETHEMBE
Ukuhlabela phambili kuyindlela yokuzethemba. Ungazisoli kakhulu uma ungaphumelelanga. "Uma ungaphumelelanga, phinda ngonyaka olandelayo," kusho uLungisani Ntuli, owine kwi-I Want to Sing Gospel ngo- 2008. "Ngalowo nyaka uzobe sewazi ukuthi yini efunwa kuwena."
7 KUTHANDE OKWENZAYO
"Kuthande okwenzayo," kusho u-Elizma Wildschutte, owawina kwiSo You Think You Can Dance ngo-2008. NgokukaHarold van Buuren owayeyinhloko yamajaji, esinye sezizathu ezenza ukuba u-Elizma akhethwe wukuthi kwakubonakala ukuthi uyayithanda into ayenzayo.
Ukuyithanda kwenza ugqame kanti akukho okungavimba endleleni yakho.
8 YAMUKELA UKUGXEKWA
Ukugxekwa okufanele uzihluphe ngako yilokho okuqhamuka emajajini. Walalele, ungawaphikisi kanti zama ukuwakhombisa ukuthi akusizile ekuphuculeni indlela oqhuba ngayo ngokuzayo.
9 UNGAKHOHLWA YIMVELAPHI YAKHO
Ungazithwali uze ukhohlwe abangani bakho. "Yazi imvelaphi yakho. UNKULUNKULU uzokuphindisela lapho uphuma khona uma ukhohlwa wukuthi usukaphi," kusho uLungisani.
10 CABANGELA IKUSASA
Ungacabangi ngomncintiswano kuphela ufane nabantu abawina banyamalale emva konyaka. Umncintiswano uyigxathu lokuqala lokufeza amaphupho akho. [z]
Indaba: Smangele Zuma
IZINDLELA
ZOKUWINA
UMNCI-
NTISWANO
Thembisile Ntaka oyilungu le-Adilah iqembu elawina kwiCoca-Cola Pop Stars ngo-2003.
ULungisani Ntuli, owawina kwi-I Want to Sing Gospel ngo-2008.
Imincintiswano yokuvunjululwa kwamakhono ithe chithi saka kanti kufunwa noma yimaphi amathalente abantu abanawo, ngenxa yalokho ungacabanga ukuthi "Mhlawumbe ngizowina!" - empeleni lelo phupho lingafezeka
Abangenele umncintiswano weSo You Think You're Funny. Bheka ozowina ekuqaleni kukaFebruary.
Owafinyelela kowamanqamu eCoca-Cola Footbal Stars ngo-2008, uChris Flandorp nomqeqeshi wakhe waseHigh School uRohan Bergstedt.
U-David Kau ongomunye wamajaji kwiSo You Think You're Funny.
YENZA OKUFANELE
Owayeyijaji eliyinhloko kwiSo You Think You Can Dance, uHarold van Buuren weluleka athi:
Ukubukeka kwakho:
Kumqoka ukugqoka kahle. Amajaji abheka indlela obukeka ngayo - sifuna ukubona ukuthi uzamile ukuzenza muhle.
Izwi lakho:
Izwi lakho kufanele licace kahle ukhombise ukuzethemba, kodwa qaphela ungezwakali njengomuntu oqhoshayo!
Umzimba wakho:
Yima kubonakale ukuthi uyazethemba ukhombise ukuthi uzosijabulisa uma sikubuka.
Okwenzeka singakuboni:
Hlonipha abantu abakusizayo ukhombise ukuthi uzothobela imithetho yabo.
U-Elizma Wildschutte, owawina emncintiswaneni wokudansa othi So You Think You Can Dance ngo-2008.
