zulu.1325.letters
Ukuze ukhiphe uvo lwakho:
bhalela kuleli kheli: Letters To The Editor, Box 32083, Mobeni, 4060, South Africa
fax: 031-912-2720
e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
Wina ngeNashua Mobile
Bhala uwine!
Osithumelele le ncwadi kule nyanga uzitholele i-cellphone yeNokia 2600 (yenani likaR900) ephuma kwabakwaNashua Mobile, okuyi-cellular service provider ezimele eyenza uzikhethele phakathi kwama-network amathathu.
Ngeminye imininingwane, shayela abeNashua Mobile kwethi: 0860-412-412.
Ukubhekana nokuhlukumezeka
UZWAKALA njengomuntu onokuzisola lapho uvuma kudadewenu ukuthi izinto azikuhambeli kahle nomyeni wakho omusha.
Uyamtshela ukuthi uzama kanjani ukulawula impilo yakho umyeni wakho kodwa udadewenu angakukholwa. Avele athi kuwena unenhlanhla yokuba nowesilisa okuthanda ngaleyo ndlela.
Uyavuma kumngani wakho ukuthi kukhona okungahambi kahle othandweni lakho avele akukhombise izibazi ezisemzimbeni wakhe azenziwa wumyeni wakhe...
Ngenxa yokumethemba umama wakho, uyamtshela ukuthi umyeni wakho akakuthembi uma uphuma ephathini. Umama wakho avele athi: "Induku ayakhi iyalimaza, kodwa amazwi ngeke akubulale."
Ungakukholwa lokho. Ngisho ngabe uphathini wakho akakushayi, kodwa nenkulumo iyawuphula umoya. Lokhu kungaholela ekukhathazekeni nakwezinye izinkinga eziningi.
Thando Ntombela, Dobsonville
Izincwadi zabafundi
Ngikhathazekile ngokungabikho kwemisebenzi
Ngibhala ukuzwakalisa ukukhathazeka kwami ngokungabikho kwemisebenzi. Lokhu kuhambisana nokungakwazi ukwenza umsebenzi ngendlela eyiyo.
Ngakhoke bengicabanga ukuthi...
Kungani umnyango wezemfundo ungenzi uhlelo lapho abafundi bezofakwa ezindleleni ezizobakhanyisela kabanzi ngemisebenzi besafunda amabanga aphansi.
Akubona bonke abantu abenza ngcono emfundweni. Abafundi kufanele bakwazi ukufundela okuzobasiza.
Martin Mrobo, Katlehong
Masihlenge imishado
Kuyadabukisa ukubona abantu bedivosa kangaka. Ngabe abazi ukuthi izinsika ezimbili zomshado omuhle wukwethembeka nokuxhumana okuhle"
Ukwethembeka kunika umshado isithunzi nokuvikeleka, kunenze nibhekane nezikhathi zobunzima. Uma umuntu ethola ukuthi uphahla lwakhe luyavuza, uye azame ukululungisa - akashiyi ikhaya lakhe.
Ukuxhumana kumayelana nokucabanga ngaphambi kokuba ukhulume. Kumayelana nokuba mnene nokukwazi ukulalela uphathini wakho.
Lucky Mkhonza, Badplaas
Bayagodola
Ngikhathazekile ngezingane ezihlala ezitaladini, ikakhulu ebusika. Yini eyenziwa uhulumeni ngezingane ezilala emakhazeni zimbathe amakhalibhodi"
Ngabe baphi abazali bazo" Yini eyenziwa imiphakathi ukusiza" Bangakwenza kanjani ukulahla izingane kanje"
Sylvia Koali, Maseru
Uvuma izenzo zakhe zobugebengu
Ngidonsa isigwebo seminyaka emibili ngokweba imoto. Ngiyavuma ukuthi engakwenza yinto embi. Ijele akuyona indawo emnandi ukuba kuyona, kodwa into engenza ngiqhubeke nempilo yiphephabhuku lami engilikhonzile uBONA.
Nhlanhla Ndebele, Benoni
Ungalahlekelwa yikho konke...
Ukugembula akuyona into okufanele uyenze njalo, makuthi noma uyenza uyenze ngokuqaphela.
Lokhu kugcina ngokuba kukungene egazini ungakwazi ukuphila ngaphandle kwakho - kube nomphumela omubi nasemndenini wakho. Izimpilo zidicileka phansi ngenxa yomona walabo abangasakwazi ukuphila ngaphandle kwalo mkhuba.
Aaron Tlou, Tweefontein [z]
Sisize ukuze sikusize
"UBONA ufinyelela nasezindaweni okungelula ukufika kuzona," kusho uMnuz Mnguni. Ngabe kunjalo"
NGABE UYAKWAZI UKUTHENGA UBONA NGOLIMI OLUTHANDAYO LAPHO UHLALA KHONA"
Siyacela usazise uma unobunzima ekutholeni iphephabhuku lakho ngolimi oluthandayo. Sibhalele uthi Letters To The Editor - khumbula ukusinika le mininingwane; indawo ohlala kuyo; igama lesitolo ojwayele ukuthenga iphephabhuku lakho kuso.
Nkosi busisa uBONA!
Abantu kufanele bazi ukuthi uBONA yilona phephabhuku emaphephabhukwini wonke. Ezikhathini zobunzima, lalilokhu likhona. Ekwenyukeni kwamanye amaphephabhuku, iBONA yayizama ukuba ingayenyusi imali yayo.
UBONA unakekela abangasebenzi nabagulayo. UBONA ufinyelela nasezindaweni okungelula ukufinyelela kuzona.
SM, Reitz
BONA ZULU - October 2005
t
Izincwadi zabafundi
t
BONA ZULU - October 2005
Abafundi bazoyikhumbula indaba esayibhala ngoFebruary ngamabhokisi omngcwabo ahlukile aqhakambisa amasiko ehlukene nenziwa yinkampani yaseBronkhorspruit ephethwe nguBeau Brummel. Kulolo daba kwachazwa futhi nangesifiso sakhe sokuthi uma esefile angcwatshwe enqunu esongwe ngesikhumba senkomo kukhona nezangoma. UBeau uphinde wasithumelela lokhu kwakamuva ngesifiso sakhe...
ABANGUNI baseGreat Lakes babengcwaba abantu babo besongwe ngesikhumba senkomo. Ababeyizifiki zabacindezeli babengcwaba ngamabhokisi nokuyinto esenzeka.
Ngifuna ukungcwatshwa nginqunu ngisongwe ngesikhumba senkomo. Kodwa ngemithetho yakuleli, lokhu akukho emthethweni.
Sengimbhalele uPallo Jordan, nginxusa uNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko ukuba akweseke lokhu.
Kodwa-ke ukubuyisa amasiko akwelase-Africa kwezokungcwaba nokuvumela bonke abantu baseSouth Africa (abaMnyama nabaMhlophe) ukuba bangcwatshwe benqunu ngesikhumba senkomo kuyahambisana nombono kaMongameli uMbeki wokuziGqaja ekubeni ngama-Africa i-African Renaissance.
Abaphathi bathi imizimba esongwe ngesikhumba mayibe semabhokisini ngaphambi kokungcwatshwa. Lena indlela endala yokucabanga kwabacindezeli okumele ishintshe.
Ningingcwabe nginqunu!
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike futhi elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela.
