zulu.1318.sam
NGENHLA: U-Samuel Eto’o nendodana yakhe ebingelela abalandeli ngesikhathi samalungiselelo eSpanish Formula One Grand Prix eyayingo-2005.
AKE ucabange ngalokhu. Uneminyaka engu-17 kanti usayine isivumelwano sokuyodlala kwiReal Madrid. Kuseyisifiso sakho ukuba udlalele iqembu lesizwe sakho i- ‘Indomitable Lions’, kodwa leli thuba olitholayo liyingqayizivele. Ubona kuyithuba elingandele bani ukudlala ibhola ezingeni lamazwe omhlaba. Ngaleli thuba, uzokwazi nokuhola imali ebhekile ezoba wusizo empilweni yakho. Wenzelwa umcimbi wokukuvalelisa, okukhona kuwo umndeni nabangani bakho kanye nodlala nabo abakuhalaliselayo ngenhlanhla ekwehlele. Izinyembezi zigcwele amehlo usuvaleliswa esikhumulweni sezindiza – umama wakho ubumtshele ukuthi akangakuphelezeli kodwa kwala kuye. Uzomkhumbula.
Lafika ibhanoyi wagibela. Uthokozile, kodwa luyakushaya novalo. Phela uya ezweni labamhlophe abakhuluma ulimi ongalwazi.
Ibhanoyi lafika kulelo lizwe kanti konke okubonayo kusha emehlweni akho.
Uthatha imigodla yakho emva kwalokho ulinde ozokuhlangabeza.
Kodwa okuxakayo wukuthi akafiki lowo muntu.
Yinkinga ahlangabezana nayo efika eSpain uSamuel Eto’o lena. Eselinde wakhathala, wabona indoda ensundu waya kuyo walubika usizi lwakhe. Yamzwela yamgibelisa emotweni yayo yaya naye ezinkundleni zeReal Madrid…
LO mdlali abantu abathi ngu “Roger Milla olandelayo” wazalelwa eNkon, eCameroon ngomhlaka 10 March, 1981. Ibhola waqala ukulidlala kwi-UCB Douala eyayidlala ku-second division.
Wayeneminyaka engu-16 ngesikhathi efaka amagoli enza ukuba iqembu lakhe libalwe kwayisishiyagalombili ayezodlala emqhudelwaneni waseCameroon.
Wabuye wafunda nasesikoleni esiqeqesha abadlali bebhola nokuyilapho abonwa khona abaseSpain ababheka amakhono abadlali.
Eminyakeni eyisithupha u-Eto’o edlala kwiReal Madrid, wadlala kathathu kwi-UEFA Champions League. Izinto ziqale ukumhambela kahle emva kokuba ebolekiswe kwiReal Mallorca ngesizini ka-1999/2000.
Amagoli ayisithupha awafaka emidlalweni eyisishiyagalolunye aba yimbangela yokuthi leli qembu limsayinise ngesizini elandelayo nakuba iMadrid yayiseyingxenye yesivumelwano ayesisayine nayo.
U-Eto’o wakhombisa ukuthi iMadrid yenza iphutha ngokumdedela wazakhela igama njengomunye wabagadli abayingozi eSpain. Wasiza iMallorca wafaka amagoli amabili ngesikhathi beshaya iRC Recreativo de Huelva ngo-3-0 kwifayineli yeSpanish Cup ngo-2003.
Ngesizini eyalandela wafaka amagoli amathathu beshaya i-APOEL FC, iMallorca yangena emzuliswaneni wesine we-UEFA Cup.
IQEMBU lesizwe laseCameroon lalibona ithalente lakhe. Kwathi lapho eseneminyaka engu-17 wafakwa eqenjini elalizodlala owobungani neCosta Rica. Kumafayineli eWorld Cup ka-1998 wayengumdlali owayemncane kunabo bonke ngesikhathi engena endaweni yomunye umdlali iCameroon idlala ne-Italy eMontpellier eFrance.
Kulowo mdlalo ama-Indomitable Lions ashaywa ngo-3-0 kanti leyo miqhudelwano ka-1998 yaphela u-Eto’o edlala noPatrick Mboma bengabagadli. Baba nesandla ekunqobeni kweCameroon kwi-African Nations Cup ngo-2000 no-2002.
NguPierre Lechantre owayeqeqesha iCameroon owathi u-Eto’o angazibeka ezingeni lengqalabutho enguRoger Milla: “Uyakwazi ukufaka amagoli, unomjiko omuhle, akaxhamazeli uma ebhekene nepali, unamandla uma esebhokisini kanti amabhola akhe uwaqedela ngendlela efanele.”
Uma sibuyela kwiMallorca, abalandeli bayo babefa ngo-Eto’o – ijezi lakhe lalithengwa ubuthaphuthaphu ezitolo ezithengisa imikhiqizo yaleli qembu.
Ngesikhathi iMallorca idlala neRC Recreativo, uEto’o wafuna ukuzibongela mathupha kubalandeli baleli qembu.
Wake wacabanga nokuthola izinto zokubathutha baye ezinkundleni zeRecreativo. Emva kokuzwa ukuthi izinto zokuthutha azinankinga kulelo dolobha, wabenzela indumezulu yedili emva komdlalo.
UKUSAYINA kuka-Eto’o kwiBarcelona kwasusa omkhulu umsindo. I-Real Madrid yayisaphethe ingxenye yesivumelwano sakhe kuyiyona enegunya lokumthenga kuqala uma imdinga kanti kwakubukeka sengathi ngeke ivume ukuba aye kwiBarcelona.
U-Florentino Pérez ongusihlalo weMadrid wathi unabo abagadli athembele kubona – uRonaldo noRaúl.
U-Eto’o wagcina ethathwe yiFC Barcelona, wasiza leli qembu lakhe elisha lawina isicoco sika-2004/2005 seSpanish La Liga, waba ngumdlali ofake amagoli amaningi, angu-24.
Waziphindisela ngalolo hlobo kwiMadrid eyayimbukela phansi.
Emicimbini yokuhalalisela leli qembu ekunqobeni kwalo, eyayibanjelwe eNou Camp, u-Eto’o wezwakala ecula ethi: “I-Madrid iyiziduphunga, halala koshampeni!”
Abalandeli abangu-100 000 ababelapho nabo bamjoyina. Wazifaka enkingeni ngaleso senzo sakhe. Waphoqwa ukuba axolise esidlangalaleni.
“Ngicela ukuxolisa kubo bonke abahlukumezekile ngenxa yesenzo sami,” kusho yena exolisa embikweni wabezindaba.
“Bengingaqondile ukudelela. Bengithokozile ngacula kanti sengiyona ngalokho.”
“Udlala kahle u-Eto’o kodwa ubuye abe namaphutha,” kukhala uFermin Calero owengamele abalandeli beReal Madrid.
“Usekhohliwe wukuthi yiReal Madrid eyamkhipha endlaleni. Izenzo zakhe ziphehla udweshu.”
Kuyacaca ukuthi akaphathekanga kahle uma ezakhe zishaywa yiBarcelona!
Akaphawulanga uCalero ngamagama acwasa ngokobuhlanga u-Eto’o awathola uma engena enkundleni bebhekene neReal Madrid.
Abalandeli bakhalisa okwezinkawu bamjikijele ngamakinati enkundleni. Kukhona amaqembu asehlawulisiwe ngalokho kodwa u-Eto’o uziphindiselela ngenye indlela.
Ngesikhathi iBarcelona iwina ngo-4-1 kwiZaragoza, u-Eto’o waziphindiselela ngokudansa njengenkawu emva kokufaka igoli.
“Anginandaba nokusatshiswa abalandeli. Yizingane kuphela ezingiphatha kabi ngoba azazi ukuthi ezikwenzayo kubi.
“Zenza lokho abazali bazo abathi azikwenze.”
Kwasuka umsindo ngeculo u-Eto’o azwakala elicula kodwa kwangezwakala lutho ngamagama acwasa ngokobuhlanga abalandeli abawakhipha uma edlala.
Maningi amaqembu ayefuna ukuba awajoyine emva kokuba esize ezakhe zawina isicoco seLa Liga okokuqala ngo-1999.
I-Chelsea yayibalwa kulawo maqembu kanti uJoan Laporta ongumongameli weBarcelona wabhekisa amabombo eCameroon eyoxoxisana nalo mdlali.
“I-Chelsea yangithembisa imali enhle kodwa imali ayimniki ntokozo umuntu. Ngangifuna ukuqhubeka nokudlalela iBarca kanti nomongameli wayo wayekwazi lokho,” kusho u-Eto’o.
“Umkami wayekhathazwa yisimo sezulu e-UK kodwa sisazoqhubeka sihlale eBarcelona.”
U-Eto’o wasayina inkontileka entsha embophezela kuleli qembu kuze kube ngu-2010. “Sesivumelene ngakho konke kanti kuyiphupho lami ukuwina iChampions League,” kusho yena ezintathelini.
Unethemba lokuthi nakule sizini iBarca isazoqhubeka nomfutho edlale ngawo ngesizini edlule.
“Kumele sidlale ngokuzimisela. Uma sisenkundleni akubonakale ukuthi singelinye lalawo maqembu ahlonishwayo emhlabeni,” kusho yena.
I-United Nations Children’s Fund isanda kumqoka njengozoyimela kanti ngempumelelo yakhe ufuna ukunika izingane ezintulayo ithemba.
“Ngidlule ebunzimeni kanti ngingasho ukuthi impilo ayinamlingo. Akukho okuza kalula,” kusho yena.
“Wukuzikhandla kuphela okusemqoka.”
Bahlale bekhona abantu abangakusiza njengaleyo ndoda ensundu eyagibelisa u-Eto’o emotweni yayo. “Kungiphatha kabi ukuthi angibuzanga negama layo ngoba bengizoyibonga kahle…,” kusho u-Eto’o. [z]
BONA ZULU – February 2006
Indoda “yomdanso wenkawu”
Isitayela
Bamshaya ngamakinati bakhiphe namazwi acwasa ngokobuhlanga uma engena enkundleni, kodwa kukho konke lokho uSamuel Eto’o usabambelele esithembisweni sakhe sokuba ngu “Roger Milla” olandelayo…
sase-Africa
indaba ngu-ISAAC KWELA
izithombe ngabeGETTY IMAGES/TOUCHLINE PHOTO
U-Eto egadulisana noXisco weReal Betis kwiSupercup Final eCamp Nou ngo-August ngo-2005.
BONA ZULU – February 2006
u
NGENHLA: Uyashesha, unamandla kanti akalibheki ipali uSamuel Eto’o ongumgadli onethalente.
BONA ZULU – February 2006
“Iphupho lami elokuwina iChampions League”
Ibhola nepolitiki
I-FC Barcelona ebuye yaziwe ngokuthi yiBarca izinze edolobheni elisesifundeni saseCatalonia eSpain. Inkundla edlalela kuyona yiNou Estadi del Futbol Club Barcelona, edume ngeCamp Nou.
Ukungaboni ngaso linye phakathi kwezinhlanga zamaCatalan namaCastilian kwakuze kuholele ezigamekweni zodlame. Njengoba iFC Barcelona iyiqembu lamaCatalan, ibicindezelwa ngakwezepolitiki!
Leli qembu lasungulwa ngo-1899 ngusomabhizinisi waseSwirtzerland uHans Kamper owayezifela ngobuzwe bamaCatalan waze washintsha negama lakhe wazibiza ngoCatalan Joan Gamper. Ukuzibandakanya kwakhe kuleli qembu kwaqala emva kokuba enze isimemezelo ephepheni ecela abadlali ababezodlala ibhola. Kwafika abadlali abalishumi nanye. KwakungamaFrench, amaJalimane, amaNgisi nabaseSpain kanti namanje kuleli qembu kusadlala abadlali bamazwe ngamazwe.
Leli qembu lawina izindebe lingakabi nesikhathi eside lidlala. Kodwa kusukela ekupheleni ko-1920, ngesikhathi elaseSpain libuswa nguMiguel Primo De Rivera owayengundlovu kayiphendulwa, iBarca yazithola isinezinkinga zezepolitiki. U-Josep Suñol owayengumongameli weBarca wabulawa, kwaqhunyiswa ikomkhulu leBarca ngamabhomu iqembu laphoqwa ukuba lisuse uphawu lweCatalan efulegini lalo.
Akubanga khona mehluko nangesikhathi sekuphethe uFranco owayesizwa yiNazi Germany ngeminyaka yo-1930. Kwaqala ngaleso sikhathi ukungqubuzana phakathi kweBarca neReal Madrid. I-Madrid yayimele iCastilian Spain ixhaswe nguFranco. Njengoba ifulegi nolimi lweCatalan kwakuvaliwe, iFC Barcelona kwaba iyona kuphela ekhuthaza ubuzwe bamaCatalan. Ngo-1941, iBarca yatshelwa ukuba ivume ukushaywa yiReal Madrid. Leli qembu lakhombisa ukukhala kwalo ngokushaywa ngo-11-1, unozinti weBarcelona wamiswa impilo yakhe yonke ebholeni.
Ngo-1950, iBarca isiqala ukuwina izicoco, uhulumeni kaFranco waphoqa iBarcelona ukuba idedele u-Alfredo Di Stefano imnike iReal Madrid!
U-Johan Cruyff, umdlali waseHolland, wasayina kuleli qembu ngo-1973. Isitayela sakhe sokudlala sabathatha abalandeli. I-FC Barcelona yashaya iReal Madrid ngo-5-0 enkundleni yayo yawina indebe yeligi. Ngonyaka owalandela iBarcelona yayisinabalandeli abangu-70 000.
t
BONA – December 2005
