zulu.1296.cyclists
BAYA kude
BABENGENATHEMBA lokufeza amaphupho abo kwababekwenza. Badlala umdlalo ongenalo isasasa eSA njengoba ungaxhasiwe kahle. Kodwa izinto zigcine zihlelekile entsheni yaseCape Town egibela amabhayisikili ngesikhathi ithola ithuba lokubamba iqhaza kwiTour De France ka-2008!
Ukuba yingxenye yale ngqophamlando yomqhudelwano kule ntsha kwenze yawubuka ngamanye amehlo. UYoliswa Maseti (15), Nkosinathi Nohesi (15), Songezo Jim (18), Verdi Farao (23), Emile Jacobs (15) noChumisa Mkhunqwana (19), baqokwa emva kokubonakalisa ukuzinikela kwabo, ukubekezela nokuwudlala ngobuchule lo mdlalo.
Bayingxenye yeLife Cycling Academy (LCA), okuyinhlangano engatholi nzuzo ekhuthaza ukuba kube noguquko emincintiswaneni yalo mdlalo ebandakanya intsha yaseSA eliqhamukisa emiphakathini eyayincishwe amathuba.
Izinhlelo zeLCA zibandakanya ukufundiswa ngokuphepha kulo mdlalo, imfundo yasesikoleni kuye kufinyelele emazingeni aphezulu ekujaheni ngamabhayisikili.
UYoliswa Maseti, ohlala eKhayelitsha, waqala lo mdlalo wokujaha ngamabhayisikili ngo-2005. Uthi wayengazi ukuthi uyozuza ngale nto ayezenzela yona echitha isizungu.
Uthi wajabula kakhulu uma ezwa ukuthi ufakwe eqenjini eliya eFrance.
“Kuningi engakufunda okuzongisiza. Ngathola amathiphu nezeluleko zabantu abaziwayo kulo mdlalo ngengingakwenza ukuze izinhloso zami zifezeke,” kusho yena.
U-Verdi Farao ongomunye wabagibeli bamabhayisikili uchaza lo mqhudelwano njengoyisimanga kanti uthi wafunda amaqhinga amasha.
“Ukuqwala kwethu izintaba ezinjengeTable Mountain neSir Lowry’s Pass, kufana nokuhamba phezu kwe-speedhump uma ukuqhathanisa nokuqwala iFrench Alps,” kuqhuba yena.
USongezo Jim uhlala eMasiphumele, imijondolo eseduze kwendlela okudlulwa kuyona uma kuneCape Argus Pick n Pay Cycle Tour. Wajoyina iqembu labagibeli bamabhayisikili kule ndawo emva kokubukela ababebambe iqhaza emjahweni wamabhayisikili bedlula ngakubo ngeSonto ngoMarch 2005.
Uthi kwambusisa ukuhlangana nabanye balabo bagibeli eFrance.
E-France le ntsha yabamba iqhaza emqhudelwaneni owawuyisipesheli lapho yayizosuka khona eBourg-d’Oisans, idlule ezindaweni ezingu-21 ezinamajika. Le ntaba ibalwa kweziphakeme kwiFrench Alps nethandwa kakhulu uma kunemiqhudelwano yeTour De France.
USongezo lo mjaho wamakhilomitha angu-14 wawuqeda ngemizuzu engu-52. U-Marco Pantani wase-Italy unerekhodi lemizuzu engu-37 nemizuzwana engu-35 eqwala le ntaba. [z]
BONA ZULU November 2008
Intsha egibela amabhayisikili yafunda lukhulu ngesikhathi ibambe iqhaza emqhudelwaneni owawuseFrance… Indaba nguVuyisile Mdoda, izithombe nguDebbie Owen
EZEMIDLALO
“Sengijahe kabi ukwenza engikufundile!”
▲Kusuka kwesobunxele: nguSongezo Jim, Yoliswa Maseti, Emile Jacobs, Nkosinathi Nohesi, Verdi Farao noChumisa Mkhunqwana.
►Abagibeli bamabhayisikili benhlangano yeLCA bezwa ubumnandi bokubamba iqhaza kwiTour De France eBourg-d’Osians.
► U-Carlos Sastre, owawina kwi-2008 Tour De France, esayinela ithimba leLCA igama lakhe.
