zulu.1284.BEC feedback
ULemmy Mdluli weDepartment Of Economic Development And Planning.
SEKUNGOKWESIBILI kulo nyaka iBONA Empowerment Club ivakashela eNelspruit eMpumalanga Province.
Ingqikithi kaBONA ethi: Ukuba Ngusomabhizinisi Onempumelelo, yahambisana kakhulu nale ndawo yaseMpumalanga njengoba kule ndawo kunabantu abaningi abanomdlandla kwezamabhizinisi.
Owokuqala kwaba nguLemmy Mdluli weDepartment Of Economic Development And Planning okwathi ngokubambisana neClub yethu, sakwazi ukuba sibe neForum eNelspruit. ULemmy wakhuthaza abantu baseMpumalanga ukuba baxhumane nomnyango wakhe ukuze babone ukuthi bangabambisana kanjani ukuze kuthuthukiswe izimpilo zabo.
Emva kwalokho kwaba ngoyilungu labeSmall Enterprise Development Agency (SEDA) uBusisiwe Hlatshwayo yena owathi ukusiza amabhizinisi amancane ukuba asungulwe nokuba akhule kunegalelo elikhulu empini kahulumeni yokulwa nokungabikho kwemisebenzi nobuphofu.
Waphinde wacacisa ngokwenziwa yiSEDA: wukukhuthaza usizo lwezamabhizinisi; usiko lwezamabhizinisi; ukudala amathuba amabhizinisi amancane, nokunika usizo lokwakhiwa kwesizwe sosomabhizinisi.
BONA ZULU – October 2006
Funda ukuphatha ibhizinisi lakho kwabakwaPres Les
SEKUPHELE cishe iminyaka engaphezu kwengu-30 abakwaPres Les behlobisa amakhaya amakhasimende abo aseMzansi we-Afrika ngezingubo zokulala zekhwalithi ephambili.
UPres Les unama-sales consultants angaphezu kuka-7 000 kulo lonke elaseMzansi we-Afrika nokungabantu abathandayo nabakuthokozelayo ukutshela abangani nabemindeni nabangani abasha ababathola ngamabhizinisi abo. Iningi labathengisi asebephumelele laqala umsebenzi wokudayisa khona lapha kwaPres Les, kanti manje sebeyakwazi ngisho nokuba bathole izinto ababekade bephupha ukuba nazo.
Iningi labo selike lahambela phesheya noma lavakashela ama-resorts aphambili eSouth Africa lathokozela impilo ephezulu okuvame ukuba ithokozelwe ngabanemali nosaziwayo.
Nawe futhi ungakwazi ukufeza amaphupho akho ngokuba wumdayisi wakwaPres Les. Okudingekayo wukuba ube nesikhathi nomfutho wokuzinikela. Bazokunika izimpahla zokukhangisa bakuqeqeshe ngemali encane. Okufanele ukwenze wukuba ubashayele kule nombolo yamahhala: 0800-002-443, ubanike imininingwane yakho lapho bengakuxhuma khona ukuze bakuxhumanise nemenenja yendawo yangakini.
Kulabo bamabhizinisi amancane ngaphansi kweBONA Empowerment Club, nazi ezinye izindlela uSEDA anganisiza ngazo:
l Ukulungiselela ukuqala nokuqala amabhizinisi.
l Ulwazi lwezamabhizinisi nezidingo zokuqeqeshwa emazingeni okuqala phansi.
l Amabhizinisi asekhona.
l Okutholakala emabhizinisini (ulwazi, izeluleko, ukulisimamisa) okuhloswe ngako ukusimamisa ibhizinisi ukuze liqhubeke.
l Ukulijika liphumelele.
l Uhlaka lwezinto ezingadicilela phansi ukuphumelela kwalo.
UPortia Mnisi wakwaPres Les.
Lonke usizo lwezimali olubalulekile luyatholakala
USABELO Mamba wakwaSA Micro Finance Apex Fund (SAMAF) wachaza ukuthi i-Apex Fund yasetshenziswa kanjani ukudala nokukhuthaza intuthuko ngokwezinga lakule ndawo ngokusiza izakhamuzi ezingalutholi usizo lwezimali emabhange.
Ngokwenza njalo yavula amathuba omsebenzi yanweba namathuba ezomnotho, ngakhoke i-Apex Fund ingaphezu kwethuluzi lokuzakhela imali. Inika abantu okuningi abangakhetha kuko ukuze bakwazi ukuziphilisa bahlele ikusasa bathole ukudla okungcono okunomsoco bathole nemfundo engcono.
Ukuze nithole eminye imininingwane shayelani abeDTI Customer Contact Centre kwethi: 0861-843-384.)
Owalandela lapho kwaba nguQhinga Nhlabathi wakwaMEGA (Mpumalanga Economic Growth Agency).
Enye yezinhloso ezinkulu zabeMEGA wukuthuthukisa ezamabhizinisi. Isiza nangezimali ekuthuthukisweni kwamabhizinisi ikakhulu emphakathini owawungenawo amathuba.
UQhinga wakhuthaza amalungu e-Empowerment Club ukuba axhumane nabakwaMEGA kule nombolo: 013-752-2466.
UFlerry Mohlala woMsobomvu Youth Fund watshela amalungu eClub ukuthi lesi sikhwama sosizo saqala ukusebenza ngo-2001 kanti yiso esikhulu sosizo lwezimali uhulumeni asenzile ukubhekana nezinselelo zokungabikho kwamathuba omsebenzi eSA esibhekele ukusiza ikakhulu intsha.
Lolu hlelo losizo luthuthukisa ukwakhiwa kwamathuba omsebenzi namakhono kubantu bakuleli beminyaka ephakathi kwengu-18 nengu-35. Kuhloswe ngaso ukukhuthaza abantu abasha bazibandakanye kwezomnotho ngokubasiza ekusunguleni amathuba omsebenzi ngosizo lwaso lwezimali nolokuthuthukiswa kwamabhizinisi.
Umsobomvu unemisebenzi emithathu emikhulu:
1. Ulwazi lwezokuxhumana nokweluleka.
2. Ukuthuthukiswa kwamakhono nezamabhizinisi.
3. Uhlelo lwevawusha olwenzelwe ukusiza osomabhizinisi abancane bathuthuke kulowo mkhakha njengeBusiness Plan Development, Feasibility Study, Tendering Support, Marketing Plan, nokunye.
Uma ufuna ukuthola eminye imininingwane, bavakashele kuBrown Street – Allied Building, Second Floor, Nelspruit, noma ubashayele kule nombolo:
013-755-2067.[z]
USabelo Mamba wakwa SAMAF.
UQhinga Nhlabathi wakwaMEGA .
UFlerry Mohlala woMsobomvu Youth Fund.
BONA ZULU – October 2006
UBenny Matlou wakwaSAICOM Payphones.
Amathuba ebhizinisi lezingcingo zakwaPayphone
ABEZINGCINGO zakwaSAICOM bakunika ithuba lebhizinisi ongazitholela ngalo imali nokuyibhizinisi ongahamba nalo uliyisa noma kuphi lapho kunesidingo sokuxhumana kalula.
UBenny Matlou nguye wakwaSAICOM oseduze eningaxhumana naye eNelspruit.
Ekuthengeni kwakho uthola isambulela samahhala, i-bib nebhodi - kwamahhala kokukhangisa, ikapisi lamahhala uphinde uqeqeshwe mahhala. Bashayele abakwaSAICOM Payphones kwethi: (0860-724-266).
