ZULU.1272.muthi
UKE umangale ukuthi kungani ama-client engavunyelwe ukungena endaweni yesangoma yokwelapha efake izicathulo" Nokuthi kungani abantu begeza izandla uma bebuya emathuneni emva komngcwabo"
Oyimenenja yesibhakela uTheo "Bra T" Mthembu, owayesiza owayengushampeni womhlaba uBaby Jake, uthi: "Sengike ngabuza abadala ngokubaluleka kokugeza izandla emva kokungcwaba kodwa ngangayithola impendulo egculisayo!"
Abantu abasha bebehlala bekhuthazwa ukuhambela imingcwabo bengenalwazi olugcwele ngabangakulindela, ngabangakwenza kanjalo nezinto okungafanele bazenze.
"Njalo ngihlale ngigeza izandla emva kwanoma yimuphi umngcwabo esengike ngawuphatha, kodwa angazi ukuthi lokhu kwenziwelani," kusho uMfundisi Wellington Solontsi, osekuphele iminyaka engu-20 enguMfundisi.
"Incazelo engayithola komunye umfundisi omdala wukuthi ukugeza izandla kungokweBhayibheli nokuchaza ukuphela kwempilo yomuntu emhlabeni."
UGogo Mamodjadji Pelosa waseModjadji eLimpompo ukubeka kanje: "Wukugeza uthuli lwasemathuneni ezandleni zabantu abebengcwaba nokukhombisa ukuhlonipha oshonile okokugcina.
"Kungakho amanzi ebekwa ngaphandle kweyadi loshonile. Labo abangakuthandi ukudla, bakhululekile ukuthi bangazihambela emva kokugeza izandla.
"Ngokosiko lwethu, umndeni oshonelwe kufanele kube yiwo ogeza kuqala. Kodwa ayikho into ezokwenzeka kulowo ogeza ngephutha izandla ngaphambi kwabomndeni."
UFred Mavundla, waKwaZulu Natal naye uyahambisana nalo mbono.
Insizwa esencane yaseSoweto inombono owehlukile. "Ngayeka ukugeza izandla kudala ngezizathu zezempilo. Cabanga ngezifo ezingabhebhetheka ngoba abantu abaningi begeza izandla zabo endishini eyodwa ngesikhathi esisodwa."
Iqiniso wukuthi: lolu lwazi lusuka kwesinye isizukulwane lwedlulele kwesinye kungekho oqonda isizathu salolu siko. Ngenxa yokuthi imikhuba yethu yamasiko endabuko ayizange iqoshwe ukuze inike umhlahlandlela oyiwo kungakho kunokuphikisana okukhulu.
Omunye umndeni waseFree State usuqhekezeke phakathi ngenxa yalokhu kungaqondi. Uthuthuva lwasuka ngesikhathi unkosikazi welungu lebandla i-Apostolic Church amukela ubizo lobungoma.
"Umyeni wami akafuni kuzwa lutho ngobizo lwami. Wangitshela ukuthi ngingabuyi emzini wakhe ngiphethe umuthi. Wakubeka kwacaca ukuthi ngeke angivumele ngibonane nezigulana zami emzini wethu.
"Angazi ngizomchazela kanjani umyeni wami ukuze azi ngobizo lwami," kusho owesimame okumanje uqeqeshelwa ubungoma. Isisekelo samasiko ethu nokwelapha kwendabuko kuncike emithethweni yobuntu enezindlela zama-Africa zokuziphatha ezifana nenhlonipho, ukuthula, uthando, ukuzithoba nokuphatha abanye abantu njengabantu.
Kulokhu kubukeka sengathi akuzange kube khona ukuxhumana okuhle phakathi kwenkosikazi nendoda nabazali bezinhlangothi zombili. Njengoba kwaxoxiswana phakathi kwemindeni yomibili ngaphambi kokulobola, nokwaholela emshadweni, kufanele ngabe inqubo efanayo yiyo eyathathwa. Ngineqiniso lokuthi ngabe kukhona isivumelwano okwafinyelelwa kuso ukuze kukhululwe unkosikazi akwazi ukuyoqeqeshelwa ubungoma. Kufanele futhi ngabe bavumelana ukuthi angawuqhubela lo msebenzi endaweni yabazali bakhe. Amadlozi awafisi ukwahlukanisa umndeni wanoma ngubani noma umshado.
Into yokuqala ofundiswa yona uma uba yisangoma, wukuhlonipha noma ngubani ngaphandle kokubhekela ubulili noma iminyaka. Uma ithwasa libingelela isangoma esesigogodile liguqa phansi. Nami ngisaguqa uma ngibulisa owangithwasisela ubungoma, ongowesimame, kuthi lapho ngingena endaweni alaphela kuyona ngigaqe ngamadolo.
Uma sibuyela odabeni lwezicathulo...
Ambalwa ama-client angachaza ukuthi asuke ezikhumulelani izicathulo uma engena endumbeni.
Lo mkhuba awuhlanganise lutho nokuthi ngaphambi kokufika kwempucuko kuleli amadlozi ayehamba ngezinyawo - kodwa amaningi ayengakwenzi lokhu, empeleni ayefaka izimbadada.
Ukukhumula izicathulo kukhombisa inhlonipho.[z]
32 BONA ZULU - November 2005
Ezemithi yesintu
nguFORCE KHASHANE
Ukuqonda izizathu zamasiko ethu
Bhalela uForce ngemibuzo onayo ngemithi yesintu kuleli kheli: Talking Muthi, Box 473014, Parklands, 2121 noma umthumelele i-e-mail kwethi: forcek@caxton.co.za
