ZULU.1270.muthi
nguFORCE KHASHANE
NGABE usukulungele ukungena kobusika" Angikhulumi ngokuthenga ama-heater nezingubo ezifudumele, ngikhuluma ngokuzilungiselela ukunqanda umkhuhlane, ifiva nazo zonke lezo zifo ezenza ubusika bungathokozeleki.
"Ubusika mina bungenza ngizizwe sengathi ngisesihogweni," kusho umfundi waseSoweto. "Angikwazi ukuhlala ihora ngisendlini enama-tiles. Ngivele ngizwe ukubanda okumangalisayo emzimbeni nasemilenzeni.
"Emva kwalokho ngizwa ubuhlungu obumangalisayo emaqakaleni, emibaleni nasemadolweni.
"Ngigqoka amasokisi amabili noma amathathu ewuli ebusika kanti lokhu yikho okudambisa ukugodola emilenzeni."
Lo mfundi ukholwa wukuthi izinkinga zakhe zaqala esesesikoleni samabanga aphakeme.
"Iphutha lami elikhulu kwakungukungazigqoki izingubo ezifudumele ebusika.
"Ngangihlala emakhazeni ukuze ngikhombise abangani bami ukuthi ngingumqemane kangakanani."
Lokhu kwadala ukuba amakhaza akhele ngaphakathi emzimbeni kangangoba manje aseyamkhathaza, kusho yena.
Kukhona futhi nowesimame ohlala eTaung Village eNorth West naye onenkinga ngobusika.
"Ubusika bungikhathaza kakhulu," kusho yena.
"Ngachitha isikhathi esiningi kudokotela nge-sinus nezinkinga zomphimbo."
Kulowo mlisa waseSoweto, ngingambonisa ngokuba asebenzise amakhambi amabili.
Elokuqala wugwej 'obomvu (intolwane noma umdabu). Elinye isiganama.
Faka ikota ye-teaspoon yesekaname kanye nesipuni esisodwa sentolwane elitheni yamanzi ashisayo.
Cwilisa indwangu kule ngxube bese uhlikihla kancane imilenze yakho nasemajoyintini.
Kwenze lokhu ingxube ize ifudumale, bese uyithela emilenzeni yomibili.
Emva kokomisa imilenze yakho ngethawula elomile elihlanzekile, hlanganisa ibinzana lesiganama ne-teaspoon elilodwa lentolwane.
Hlanganisa nesipuni sanoma iyiphi i-baby oil bese ukuhlikihla emilenzeni yakho kusukela ezinzwaneni kuye kufike emathangeni.
Lokhu kufanele ukwenze kabili ngosuku, kanye ekuseni, ukuphinde futhi ebusuku usuyolala.
Lokhu kwenze uqhubeke amasonto amabili.
MANJE ake sibheke udaba lowesimame waseTaung Village - nabanye abanezilonda emphinjeni nabakhwehlelayo ebusika.
Hlanganisa ikota ye-teaspoon yomhlonyane, nekota yesicimamlilo.
Kufake kuhhafu wenkomishi yamanzi ashisayo bese ufaka izipuni ezimbili zoju.
Phuza le ngxube kancane kancane, kodwa uqaphele ungazishisi.
Kwenze lokhu kabili ngosuku isikhathi esingangesonto.
Lokhu akusho ukuthi ukuzelapha sekuphelile.
Thela ilitha yamanzi ashisayo endishini bese ufaka i-teaspoon eyodwa yomhlonyane, i-teaspoon eyodwa yamacembe e-blue gum agayiwe ne-teaspoon eyodwa yesicimamlilo.
Mboza ikhanda lakho ngethawula bese udonsa isitimu esiphuma kule ngxube cishe imizuzu emithathu kuya kwemine.
Lokhu kufanele kwenziwe kanye ngesonto kanti kwaziwa ngokuthi yi"steaming," okusho ukugquma kanti kuvula amakhala nesifuba esicinene.
MANJE ungazilungiselela kanjani ngaphambi kokuba ubusika bukubambe phansi"
Zama ukuphalaza usebenzisa ikhambi intolwane.
Lokhu kungakuvikela emakhazeni, emkhuhlaneni, ekukhwehleleni nasemfiveni ngalobu busika njengoba kusiza ekukhipheni ukungcola esiswini nasesifubeni.
Zilungiselele ngokuba ufake isipuni sentolwane emanzini ashisayo angamalitha amahlanu.
Yigovuze le ngxube ize ibe ntukuntuku.
Iphuze, kuthi lapho isisu sakho sesigcwele bese ufaka iminwe emibili emlonyeni ukuze kucanubezele ngaphakathi uphalaze.
Lokhu ungakwenza kabili ngesonto ngaphambi kwesikhathi sasebusika.
Ungalokothi ukuzame uma usunomkhuhlane noma ifiva.[z]
96 BONA ZULU - May 2007
Ezemithi yesintu
Yilwa nezifo zasebusika!
Bhalela uForce ngemibuzo onayo ngemithi yesintu kuleli kheli: Talking Muthi, Box 473014, Parklands, 2121 noma umthumelele i-e-mail kwethi: forcek@caxton.co.za
