zulu.1262.10Q
Lapho abafundi bakaBONA bethola ithuba lokubuza izihlabani zabo imibuzo
1. Ngabe wawuvele unesifiso sokuba wumdlali webhola?
Vuvu Mpofu, PE
Ngesikhathi ngiseyingane ngangithanda umculo, ngihlanganisa amathini ngiwashaye njengama-drum. Namuhla iningi labaculi ngabangani bami kanti sengake ngacula kanye noBob Mabena eminyakeni embalwa edlule.
2. Waqala kanjani ukudlala ibhola?
Paulos Gumede, Durban
Ngaqala ukulidlala emigwaqweni yaseSoweto elubhuqu. Kwathi lapho ngineminyaka engu-12 ngajoyina iMoroka Swallows. Emva kwalokho ngaya kwiKaizer Chiefs encane, Umdlalo wami wokuqala ngqa esikimini esikhulu seChiefs ngawudlala ngineminyaka engu-18 - sidlala nePirates. Nganginokwesaba sibukwa abantu abangu-70 000 e-Ellis Park Stadium. Sawina.
3. Yikuphi ongasoze wakukhohlwa ngokudlala kwakho ibhola?
X Yebo, Soweto
Kuningi, kodwa engingakubalula yi-African Cup Of Nations ngidlala kwiBafana Bafana ngo-1996; saphumelela okokuqala ngqa ukungenela iWorld Cup ngo-1998 - saqhubeka saya eFrance, sawina neMandela Cup (manje osekuyiCAFCon Cup)
neChiefs ngo-2004 nokwaba ngunyaka wami wokugcina njengomdlali.
4. Yini ongayenza uma unganikwa ithuba lokuqeqesha iBafana?
S'phokazi Nkabinde, Grahamstown
Ngingagxila ekulungiseni amaphutha - ngiqiniseke ukuthi abadlali bathokozile ukuze bazimisele.
5. Ucabanga ukuthi iBafana izosenza siziqhenye ngo-2010?
KK, Krugersdorp
Angingabazi - ikakhulu njengoba iWorld Cup izobe idlalelwa lapha ekubeni nami ngomunye wabadlali ababa nesandla ekwakhekeni kweBafana. Ngikholwa wukuthi bazophumelela aBafana uma sibasekela ngisho nasemidlalweni yabo ngaphambi kweka-2010.
6. Iyiphi imoto oyithandayo - ngani?
Tshepo M, Burgersfort
Njengamanje ngihamba ngeMercedes, kodwa imoto engiyithanda ngenhliziyo yami yonke yiBMW ngenxa yekhwalithi yayo nezinto ezikhona kuyona.
7. Injani impilo yasemshadweni?
LG, Maseru
Imnandi. Impilo uyibona ukuthi iyini lapho usushadile niyithokozele ndawonye njengomndeni.
8. Yini eyisipesheli ongathanda ukuyenza lapho uzikhiphile ebusuku?
Ziki Hlongwane, Soweto
Wukuzihlalela nomkami nomndeni, mhlawumbe e-restaurant. Ngingumuntu ozikhonzele i-pasta ngoba inempilo.
9. Ungasichaza kanjani isitayela sakho sokugqoka?
Jabu Letele, Cape Town
Ngithanda ukubukeka kahle, kodwa kuthi lapho ngimenywe emcimbini ophambili, ngiwugqokele ngokufanele. Okwamanje ngifaka izingubo eziphambili zeHouse Of Ole, abasanda kwethula uchunge lwabo olusha kwiSanlam SA Fashion Week.
10. Iyiphi indawo yakho eyisipesheli ongazikhiphela kuyo ngeholidi?
HG, Port Alfred
Ngingathanda ukuya eCaribbean. Sengike ngaya eJamaica kabili naseBahamas kanye, kanti ngisathanda ukuphinde ngiye futhi.[z]
BONA ZULU October 2008
SIXOXA NESIHLABANI
Imibuzo ka
