ZULU.1252.Nestle
Fudge with Chocolate
and Glacé Cherries
Isikhathi Sokukulungisa: 20 imizuzu
Isikhathi Sokukupheka: 30 imizuzu
Kuphuma izikwele ezingu-50
Izithako
1,2kg i-castor sugar
380g iNESTLÉ IDEAL Evaporated Milk
150g ibhotela
75g i-glucose eluketshezi
600ml noma 1 ½ amathini iNESTLÉ Sweetened Condensed Milk
ibinzana likasawoti
1 isipuni (15ml) i-vanilla essence
150g i-dark chocolate encibilikisiwe
125g i-glacé cherries eqotshiwe
Indlela yokwenza
1. Gcobisa ithreyi elingu-20x20x5cm.
2. Ebhodweni, hlanganisa i-castor sugar, iNESTLÉ IDEAL Evaporated Milk, ibhotela ne-glucose. Govuza ukuze ushukela uncibilike ingxube ingakabili.
3. Uma sekubilile faka iNESTLÉ Sweetened Condensed Milk.
4. Bilisa ingxube ize ibe nombala o-light caramel. Susa emlilweni, faka usawoti ne-vanilla essence.
5. Thela ingxube endishini. Sebenzisa i-electric mixer ene-beater endlalekile, ushaye ngesivinini esiphansi uma ingxube isiphola, imizuzu engu-10-15. Faka ushokoledi nama-cherries ingxube isafudumele.
6. Thela ingxube ethreyini uyendlale nge-spatula ngaphezulu.
7. Qoba i-fudge ibe yizikwele ingakasethi, hlanza ummbese njalo emva kokuqoba. Kubeke ubusuku bonke ukuze kusethe.[z]
ezentengiso
